UZakariya 7:1-14
7 Ngonyaka wesine weNkosi uDariyu, izwi likaJehova lafika kuZakariya, + ngosuku lwesine lwenyanga ka-9, okungukuthi, inyanga kaKhisilevi.*
2 Abantu baseBhethele bathuma uSharezeri noRegemi-meleki namadoda angaphansi kwakhe ukuba banxuse umusa* kaJehova,
3 bathi kubapristi bendlu* kaJehova wamabutho nakubaprofethi: “Ngikhale yini ngenyanga yesihlanu, + ngizile ukudla, njengoba ngenzile kule minyaka eminingi edlule?”
4 Izwi likaJehova wamabutho laphinde lafika kimi, lathi:
5 “Yithi kubo bonke abantu bezwe nakubapristi, ‘Lapho nizila ukudla futhi nilila ngenyanga yesihlanu nangenyanga yesikhombisa + iminyaka engu-70, + ingabe ngempela nanizilela mina ukudla?
6 Lapho nidla nalapho niphuza, naningadli yini ukuze kuzuze nina futhi naningaphuzi yini ukuze nizijabulise?
7 Akufanele yini nilalele amazwi uJehova awamemezela ngabaprofethi abedlule, + ngesikhathi kusenabantu eJerusalema nasemadolobheni alizungezile futhi kunokuthula, nalapho kusahlala abantu eNegebhi naseShefela?’ ”
8 Izwi likaJehova laphinde lafika kuZakariya, lathi:
9 “Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo, ‘Yahlulelani ngobulungisa beqiniso; + nibonisane uthando oluqotho + nesihe.
10 Ningamphambi umfelokazi noma intandane, + isifiki + noma ompofu, + futhi ningacebelani okubi ezinhliziyweni zenu.’ +
11 Kodwa babelokhu benqaba ukulalela, + ngenkani bafulathela, + bavala izindlebe zabo ukuze bangezwa. +
12 Benza izinhliziyo zabo zaba njengedayimane, *+ babengawulaleli umthetho* namazwi uJehova wamabutho awathumela ngomoya wakhe, ngabaprofethi abedlule. + Ngakho kwafika intukuthelo enkulu ivela kuJehova wamabutho.” +
13 “ ‘Njengoba babengalaleli lapho ngibiza, *+ nami angilalelanga lapho bebiza,’ + kusho uJehova wamabutho.
14 ‘Ngabahlakaza ngesiphepho baya kuzo zonke izizwe ababengazazi, + izwe lashiywa liyincithakalo ngemva kwabo, kungekho muntu onqamula kulo noma obuyela kulo; + ngoba baphendula izwe elihle laba yinto eshaqisayo.’ ”
Imibhalo yaphansi
^ Bheka iSithasiselo B15.
^ Noma, “bathambise ubuso.”
^ Noma, “bethempeli.”
^ Noma kungaba, “njengetshe eliqinile,” njengetshe le-emeri.
^ Noma, “isiqondiso.”
^ NgesiHebheru, “ebiza.”