Numeri 24:1-25

  • Isaga sesithathu sikaBhalami (1-11)

  • Isaga sesine sikaBhalami (12-25)

24  Lapho uBhalami ebona ukuthi kwakumjabulisa uJehova* ukubusisa u-Israyeli, akabange esasuka ukuze ayofuna amabika okubi, + kodwa ubuso bakhe wabubhekisa ehlane.  Lapho uBhalami ephakamisa amehlo futhi ebona u-Israyeli emise amatende ngokwezizwe zakhe, + umoya kaNkulunkulu waba phezu kwakhe. +  Wabe esesho lesi saga: + “Amazwi kaBhalami indodana kaBheyori,Namazwi endoda emehlo ayo aye avulwa,   Amazwi alowo ozwa izwi likaNkulunkulu,Owabona umbono woMninimandla Onke,Oye wakhothama amehlo akhe evuliwe: +   Yeka ukuthi mahle kanjani amatende akho, Jakobe,Amatabernakele akho, Israyeli! +   Afinyelela kude njengezigodi, *+Njengamasimu angasemfuleni,Njengenhlaba etshalwe uJehova,Njengemisedari engasemanzini.   Kulokhu kuconsa amanzi emabhakedeni akhe esikhumba amabili,Imbewu* yakhe itshalwe ngasemanzini amaningi. + Inkosi yakhe + nayo iyoba nkulu kuno-Agagi, +Nombuso wakhe uyophakanyiswa. +   UNkulunkulu umkhipha eGibhithe;Unjengezimpondo zenkunzi yasendle kubo. Uyodla izizwe, abacindezeli bakhe, +Amathambo azo uyowaququda, aziphihlize ngemicibisholo yakhe.   Uqosheme, ulele phansi njengebhubesi,Njengebhubesi, ubani ongalokotha amvuse? Labo abakubusisayo babusisiwe,Nalabo abakuqalekisayo baqalekisiwe.” + 10  UBhalaki wamthukuthelela uBhalami. Washaya izandla ngokwedelela wathi kuBhalami: “Ngikubizele ukuba uqalekise izitha zami, + kodwa okwenzile nje ukuzibusisa kathathu. 11  Ngakho buyela ekhaya* khona manje. Bengihlose ukukuphakamisa kakhulu, + kodwa uJehova akavumanga ukuba ngikuphakamise.” 12  UBhalami waphendula uBhalaki wathi: “Angishongo yini ezithunyweni owazithuma ukuthi, 13  ‘Noma kungathiwa uBhalaki unginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, bengingeke ngenze lutho ngokuthanda kwami* olungale komyalo kaJehova, kungakhathaliseki ukuthi kuhle noma kubi. Ngizokhuluma kuphela lokho uJehova azongitshela khona’? + 14  Manje ngiyahamba ngiya kubantu bakithi. Woza ngikutshele lokho lesi sizwe esiyokwenza kubantu bakho esikhathini esizayo.”* 15  Ngakho washo lesi saga: + “Amazwi kaBhalami indodana kaBheyori,Namazwi endoda emehlo ayo avuliwe, + 16  Amazwi alowo ozwa izwi likaNkulunkulu,Nalowo onolwazi ngoPhezukonke,Wabona umbono woMninimandla OnkeLapho ekhothama phansi amehlo akhe evuliwe: 17  Ngizombona, kodwa hhayi manje;Ngizombuka, kodwa hhayi maduze. Kuyophuma inkanyezi + kuJakobe,Kuyovela intonga + ku-Israyeli. + Nakanjani uyoqhekeza isiphongo sikaMowabi *+Nogebhezi lwawo wonke amadodana okuxokozela. 18  U-Edomi uyoba yifa, +Yebo, iSeyiri + libe yifa lezitha zakhe, +Ngesikhathi u-Israyeli ebonisa isibindi sakhe. 19  Kuyophuma kuJakobe othile onqobayo, +Uyobhubhisa noma ubani osindile edolobheni.” 20  Lapho ebona u-Amaleki, waqhubeka nesaga sakhe wathi: “U-Amaleki wayengowokuqala ezizweni, +Kodwa ekugcineni uyoshabalala.” + 21  Lapho ebona amaKheni, + waqhubeka nesaga sakhe wathi: “Ilondekile indawo yakho yokuhlala, imiswe emadwaleni indlu yakho. 22  Kodwa kukhona ozoshisa iKhayine. Kuzoba isikhathi esingakanani ngaphambi kokuba i-Asiriya likuthumbe?” 23  Waqhubeka nesaga sakhe wathi: “Maye! Ubani oyosinda lapho uNkulunkulu enza lokhu? 24  Kuyovela imikhumbi ogwini lwaseKitimi, +Ilihluphe i-Asiriya, +Ihluphe ne-Ebhere. Kodwa naye uyophela nya.” 25  Ngemva kwalokho uBhalami + wasukuma wahamba wabuyela endaweni yakhe. UBhalaki naye wahamba indlela yakhe.

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “kwakukuhle emehlweni kaJehova.”
Noma, “njengemihosha.”
Noma, “Inzalo.”
Noma, “goduka.”
NgesiHebheru, “ngokusuka enhliziyweni yami.”
Noma, “ekupheleni kwezinsuku.”
Noma, “izinhlafuno zekhanda likaMowabi.”