NgokukaMarku 11:1-33
11 Lapho sebesondela eJerusalema, eBhetfage naseBhethaniya + eNtabeni Yeminqumo, wathuma abafundi bakhe ababili, +
2 wathi kubo: “Hambani niye emizini ephambi kwenu, lapho nje ningena kuyo, nizothola ithole lembongolo liboshiwe,* okungakaze kuhlale* muntu kulo. Liqaqeni nililethe lapha.
3 Uma kukhona othi kini, ‘Nenzani?’ nithi, ‘INkosi iyalidinga, izolibuyisa ngokushesha.’ ”
4 Ngakho bahamba futhi balithola ithole lembongolo liboshiwe emnyango, ngaphandle emgwaqweni oseceleni, baliqaqa. +
5 Kodwa abanye kulabo ababemi lapho bathi kubo: “Niliqaqelani ithole?”
6 Babatshela lokho uJesu ayekushilo, babayeka bahamba.
7 Baliletha kuJesu lelo thole lembongolo, + babeka izingubo zabo zangaphandle kulo, wahlala phezu kwalo. +
8 Abaningi bendlala nezingubo zabo zangaphandle endleleni, abanye bagawula amagatsha anamahlamvu esigangeni. +
9 Ababehamba phambili nalabo ababeza ngemuva babelokhu bememeza bethi: “Sicela umsindise! *+ Ubusisiwe lowo oza ngegama likaJehova! *+
10 Ubusisiwe uMbuso ozayo kababa uDavide! + Sicela umsindise, ezindaweni eziphakeme eziphezulu!”
11 Wangena eJerusalema waya ethempelini, waqalaza zonke izinto, kodwa njengoba isikhathi sase sihambile kakade, waphuma waya eBhethaniya nabayiShumi Nambili. *+
12 Ngosuku olulandelayo lapho bephuma eBhethaniya, walamba. +
13 Ekude wabona isihlahla somkhiwane esasinamaqabunga, wahamba eyobheka ukuthi kukhona yini angakuthola kuso. Kodwa lapho efika kuso, akatholanga lutho ngaphandle kwamaqabunga, ngoba kwakungeyona inkathi yamakhiwane.
14 Ngakho wathi kuso: “Makungaphinde kube khona muntu ozothola izithelo kuwe.” + Abafundi bakhe babelalele.
15 Bafika eJerusalema. Lapho, wangena ethempelini waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela namatafula abashintshi bemali namabhentshi alabo abathengisa amajuba, +
16 engavumeli muntu ukuba athwale isitsha anqamule naso ethempelini.
17 Wayefundisa ethi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi, ‘Indlu yami iyobizwa ngokuthi yindlu yomthandazo yazo zonke izizwe’? + Kodwa nina niyenze umhume wabaphangi.” +
18 Abapristi abakhulu nababhali bezwa ngokwenzeka, base befuna indlela yokumbulala; + phela babemesaba ngoba sonke isixuku sasikhexa ngendlela ayefundisa ngayo. +
19 Kwathi lapho ilanga selishonile, baphuma edolobheni.
20 Kodwa lapho bedlula ekuseni kakhulu, babona isihlahla somkhiwane sesibunile kusukela ezimpandeni zaso. +
21 Ekhumbula okwakwenzekile, uPetru wathi kuye: “Rabi, bheka! Isihlahla somkhiwane osiqalekisile sesibunile.” +
22 Ephendula uJesu wathi kubo: “Yibani nokholo kuNkulunkulu.
23 Ngiqinisile ngithi kini noma ubani othi kule ntaba, ‘Qukuleka uphonseke olwandle,’ futhi engangabazi enhliziyweni yakhe kodwa enokholo lokuthi lokho akushoyo kuzokwenzeka, kuzokwenzeka lokho. +
24 Kungakho ngithi kini, zonke izinto enizithandazelayo nenizicelayo, yibani nokholo lokuthi senizamukele, niyozithola. +
25 Futhi lapho nisukuma nithandaza, thethelelani noma yini eninayo nganoma ubani, ukuze noYihlo osemazulwini anithethelele nani iziphambeko zenu.” +
26 *——
27 Baphinde bafika eJerusalema. Njengoba ayehamba ethempelini, abapristi abakhulu nababhali namadoda amadala beza kuye
28 bathi: “Uzenza ngagunya lini lezi zinto? Noma, ubani okunike igunya lokwenza lezi zinto?” +
29 UJesu wathi kubo: “Ngizonibuza umbuzo owodwa. Uma ningiphendula, nami ngizonitshela ukuthi ngizenza ngagunya lini lezi zinto.
30 Ubhapathizo lukaJohane + lwaluvela ezulwini noma kubantu? Ngiphenduleni.” +
31 Ngakho babonisana bodwa, bethi: “Uma sithi, ‘Ezulwini,’ uzothi, ‘Pho, kungani ningamkholwanga?’
32 Kodwa singalokotha yini sithi, ‘Kubantu’?” Babesaba isixuku, ngoba sonke sasikholelwa ukuthi uJohane ngempela wayengumprofethi. +
33 Ngakho baphendula uJesu bathi: “Asazi.” UJesu wathi kubo: “Nami ngeke nginitshele ukuthi ngizenza ngagunya lini lezi zinto.”
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “likhulekiwe.”
^ Noma, “kugibele.”
^ Lesi isicelo esiya kuNkulunkulu sokuba asindise uJesu.
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Okuwukuthi, abaphostoli abangu-12.
^ Bheka iSithasiselo A3.