Levitikusi 2:1-16
-
Umnikelo wokudla okusanhlamvu (1-16)
2 “‘Uma othile eletha kuJehova umnikelo wokudla okusanhlamvu, + umnikelo wakhe kumelwe ube ufulawa ocolekile futhi kufanele athele amafutha kuwo, abeke nenhlaka yempepho phezu kwawo. +
2 Uzobe esewuletha emadodaneni ka-Aroni, abapristi, futhi umpristi uzocaphuna ngesandla ufulawa ocolekile namafutha nayo yonke inhlaka yawo yempepho, uzowushunqisa phezu kwe-altare njengomelela wonke umnikelo, *+ umnikelo oshiswa emlilweni oyiphunga elimnandi* kuJehova.
3 Noma yikuphi okusele komnikelo wokudla okusanhlamvu kungokuka-Aroni namadodana akhe, + njengento engcwelengcwele + evela eminikelweni kaJehova eshiswa emlilweni.
4 “‘Uma uletha umnikelo wokudla okusanhlamvu okubhakwe kuhhavini, kufanele ube okafulawa ocolekile, olofu bezinkwa abangenamvubelo abamise okwesongo abanamafutha noma izingcezwana ezingenamvubelo ezigcotshwe ngamafutha. +
5 “‘Uma umnikelo wakho ungumnikelo wokudla okusanhlamvu okwenziwe esigazingweni, + kufanele ube okafulawa ocolekile, ufulawa ongenamvubelo onamafutha.
6 Kufanele uhleshulwe ube izingcezu futhi kufanele uthele amafutha kuwo. + Ungumnikelo wokudla okusanhlamvu.
7 “‘Uma umnikelo wakho ungumnikelo wokudla okusanhlamvu okwenziwe ngepani, kufanele wenziwe ngofulawa ocolekile onamafutha.
8 Kufanele ulethe kuJehova umnikelo wokudla okusanhlamvu okwenziwe ngalezi zinto, uzolethwa kumpristi ozowusondeza e-altare.
9 Umpristi uzophakamisa omunye walo mnikelo wokudla okusanhlamvu njengomelela wonke umnikelo *+ awushunqise e-altare njengomnikelo oshiswa emlilweni, oyiphunga elimnandi* kuJehova. +
10 Okusele kwalo mnikelo wokudla okusanhlamvu kungokuka-Aroni namadodana akhe, njengokuthile okungcwelengcwele kweminikelo kaJehova eyenziwa ngomlilo. +
11 “‘Akukho mnikelo wokudla okusanhlamvu eniwuletha kuJehova okufanele ufakwe imvubelo, + ngoba akumelwe nishunqise inhlama ebilile noma uju njengomnikelo kaJehova oshiswa emlilweni.
12 “‘Ningakuletha kuJehova njengomnikelo wesivuno sokuqala, + kodwa akumelwe kulethwe e-altare njengephunga elimnandi.*
13 “‘Yonke iminikelo yokudla okusanhlamvu oyenzayo kufanele uyinonge ngosawoti; futhi akumelwe ungabi khona usawoti wesivumelwano sikaNkulunkulu wakho emnikelweni wakho wokudla okusanhlamvu. Uyoletha usawoti kanye nayo yonke iminikelo yakho. +
14 “‘Uma uletha kuJehova umnikelo wokudla okusanhlamvu wesivuno sokuqala, kufanele ulethe ukudla okusanhlamvu okusha* okugazingwe emlilweni, izinhlamvu ezintsha ezingacolisekile, njengomnikelo wokudla okusanhlamvu wesivuno sokuqala. +
15 Kufanele uthele amafutha kuwo futhi ubeke inhlaka yempepho phezu kwawo. Ungumnikelo wokudla okusanhlamvu.
16 Umpristi uzowushunqisa njengomelela wonke umnikelo, *+ okungukuthi, okunye kokudla okusanhlamvu okungacolisekile namafutha nayo yonke inhlaka yawo yempepho, njengomnikelo oshiswa emlilweni oya kuJehova.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “njengengxenye eyisikhumbuzo sawo.”
^ Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”
^ Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”
^ Noma, “njengengxenye eyisikhumbuzo sawo.”
^ Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”
^ Noma, “izikhwebu eziluhlaza.”
^ Noma, “njengengxenye eyisikhumbuzo sawo.”