UJoweli 2:1-32
2 “Shayani uphondo eZiyoni! +
Yishoni isiqubulo sempi entabeni yami engcwele.Bonke abahlala ezweni mabathuthumele
Ngoba usuku lukaJehova luyeza! + Luseduze!
2 Luwusuku lobumnyama obukhulu, +Usuku lwamafu nosuku olumnyama bhuqe, +Njengokukhanya kokuntwela kokusa okusakazekela ezintabeni.
Kukhona isizwe esinabantu abaningi nesinamandla; +Asikaze sibe khona esifana nasoFuthi ngeke siphinde sibe khona esinyeEminyakeni yazo zonke izizukulwane.
3 Ngaphambi kwaso kunomlilo oshwabadela konke okuphambi kwaso,Ngemva kwaso kunelangabi eliqothula konke okungemva kwaso. +
Izwe eliphambi kwaso linjengensimu yase-Edene, +Kodwa ngemva kwaso kunehlane eliyincithakalo,Akukho lutho olungaphunyuka.
4 Ukubukeka kwaso kunjengokwamahhashi,Sigijima njengamahhashi empi. +
5 Umsindo waso unjengomsindo wezinqola njengoba sigxumagxuma eziqongweni zezintaba, +Njengokugqamuka komlilo oshwabadela izinhlanga.
Sinjengesizwe esinamandla, esihlelelwe ukuya empini. +
6 Ngenxa yaso, izizwe ziyoba nosizi.
Bonke ubuso buyobonisa ukwesaba.
7 Bahlasela njengamaqhawe,Bakhuphuka odongeni njengamasosha,Ngamunye uhamba endleleni yakhe,Abachezuki ezindleleni zabo.
8 Abaphushani;Umuntu ngamunye uhamba endleleni yakhe.
Uma abanye bewa ngenxa yezikhali,Abanye abaphambuki endleleni.
9 Bagijimela edolobheni, bagijima phezu kodonga.
Bakhuphukela ezindlini, bangena ngamafasitela njengesela.
10 Izwe liyathuthumela phambi kwaso, amazulu ayazamazama.
Ilanga nenyanga kube mnyama, +Izinkanyezi azisakhanyi.
11 UJehova uyophakamisa izwi lakhe phambi kwebutho lakhe, + ngoba ibutho lakhe likhulu kakhulu. +
Ngoba lowo ofeza izwi laKhe unamandla;Ngoba usuku lukaJehova lukhulu futhi luyesabeka kakhulu. +
Ubani ongalukhuthazelela?” +
12 “Ngisho kwamanje,” kusho uJehova, “buyelani kimi ngazo zonke izinhliziyo zenu, +Ngokuzila ukudla, + ngokukhala nangokulila.
13 Ningaklebhuli izingubo zenu nje kuphela, + kodwa izinhliziyo zenu + ezichobozekile mazibonise ukuzisola,Nibuyele kuJehova uNkulunkulu wenu,Ngoba unozwela* nesihe, wephuza ukuthukuthela + futhi uchichima uthando oluqotho, +Uyocabanga kabusha* ngenhlekelele.
14 Ubani owaziyo ukuthi ngeke yini ashintshe futhi acabange kabusha *+Aninike isibusiso,Ukuze ninikele umnikelo wokudla okusanhlamvu nomnikelo ophuzwayo kaJehova uNkulunkulu wenu?
15 Shayani uphondo eZiyoni!
Memezelani* isikhathi sokuzila ukudla; bizani umhlangano okhethekile. +
16 Qoqani abantu; ngcwelisani ibandla. +
Qoqani amaxhegu;* qoqani izingane nezinsana ezisancela. +
Umkhwenyana makaphume egunjini lakhe elingaphakathi, nomakoti egunjini lakhe labasanda kushada.
17 Phakathi kompheme ne-altare +Abapristi, izikhonzi zikaJehova, mabakhale bathi:
‘Hawukela abantu bakho Jehova;Ungenzi ifa lakho libe inhlekisaNgokuvumela izizwe ukuba zibuse phezu kwabo.
Kungani kufanele izizwe zithi: “Uphi uNkulunkulu wabo?” ’ +
18 UJehova uyolishisekela izwe lakheAbonise uzwela kubantu bakhe. +
19 UJehova uyophendula abantu bakhe athi:
‘Ngithumela kini ukudla okusanhlamvu newayini elisha namafutha,Niyokwaneliseka ningasweli lutho; +Ngeke ngisanenza nibe isihlamba phakathi kwezizwe. +
20 Owasenyakatho ngiyomxosha aye kude nani;Ngiyomhlakazela ezweni elomile neliwugwadule,Ibutho lakhe elihola phambili* ngiyoliyisa ngasolwandle olusempumalanga*Ibutho lakhe elisemuva ngiliyise ngasolwandle olusentshonalanga.*
Kuyovela iphunga elibi kuye,Iphunga lakhe elibi liyoqhubeka linyuka; +Ngoba uNkulunkulu uyokwenza izinto ezinkulu.’
21 Ungesabi mhlaba.
Jabula uthokoze ngoba uJehova uyokwenza izinto ezinkulu.
22 Ningesabi nina zilwane zasendleNgoba amadlelo asehlane ayoba luhlaza, +Izihlahla ziyothela izithelo; +Isihlahla somkhiwane nesamagilebhisi ziyothela kakhulu. +
23 Nina madodana aseZiyoni, jabulani nithokoze ngoJehova uNkulunkulu wenu; +Ngoba uyoninika imvula yasekwindla ngesilinganiso esifanele,Uyonisa imvula phezu kwenu,Imvula yasekwindla nemvula yasentwasahlobo njengasekuqaleni. +
24 Izibuya ziyogcwala ukudla okusanhlamvu okuhlungiwe,Izikhamo ziyochichima iwayini elisha namafutha. +
25 Ngeminyaka engathumela ngayo ibutho lami elikhulu kiniOkuyiqhwagi elikhulu, intethe engenamaphiko, isikhonyane nentethe eqothulayo, okwadla isivuno senu,Ngiyonenzela isinxephezelo ngenxa yalokho elakuqothula. +
26 Nakanjani niyodla nize nisuthe, +Niyolidumisa igama likaJehova uNkulunkulu wenu, +Onenzele izimangaliso;Abantu bami ngeke baphinde bahlanjalazwe. +
27 Niyokwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli +Nokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu +—akekho omunye!
Abantu bami ngeke baphinde babe namahloni.
28 Ngemva kwalokho ngiyothululela umoya wami + phezu kwayo yonke inyama,Amadodana enu namadodakazi enu ayoprofetha,Amaxhegu enu aphuphe amaphupho,Izinsizwa zenu zibone imibono. +
29 Ngalezo zinsuku ngiyothululela umoya wamiNgisho nasezigqileni zami zesilisa nezesifazane.
30 Ngiyokwenza izimangaliso* emazulwini nasemhlabeni,Igazi nomlilo nentuthu eningi. +
31 Ilanga liyophenduka ubumnyama nenyanga ibe yigazi +Ngaphambi kokufika kosuku lukaJehova olukhulu nolumangalisayo. +
32 Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa; +Ngoba eNtabeni iZiyoni naseJerusalema kuyoba khona abaphunyukile, + njengoba nje uJehova eshilo,Abasindile uJehova ababizayo.”
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “unobubele; unomusa.”
^ Noma, “Uyozisola.”
^ Noma, “azisole.”
^ NgesiHebheru, “Ngcwelisani.”
^ Noma, “amadoda amadala.”
^ NgesiHebheru, “Ubuso bakhe.”
^ Okuwukuthi, uLwandle Olufile.
^ Okuwukuthi, “uLwandle iMedithera.”
^ Noma, “izibikezelo.”