Joshuwa 11:1-23

  • Amadolobha asenyakatho ayanqotshwa (1-15)

  • Ukufingqwa kokunqoba kukaJoshuwa (16-23)

11  Kwathi nje lapho uJabini inkosi yaseHazori ezwa ngakho, wathumela umyalezo kuJobabi inkosi yaseMadoni + nasenkosini yaseShimroni, enkosini yase-Akishafu, +  emakhosini ayesezintabeni ezisenyakatho, kulawo ayesemathafeni* aseningizimu yeKhinereti, nakulawo ayeseShefela nasezindaweni ezigudle izintaba zaseDori + entshonalanga,  kumaKhanani + asempumalanga nasentshonalanga, kuma-Amori, + kumaHeti, kumaPherizi, kumaJebusi asezintabeni nakumaHivi + phansi kweHermoni + ezweni laseMispa.  Ngakho aphuma nawo wonke amabutho awo, abantu abaningi ngangesihlabathi esisogwini lolwandle kanye nenqwaba yamahhashi nezinqola zempi.  Wonke la makhosi avumelana ukuba ahlangane, eza amisa amatende ndawonye ngasemithonjeni yaseMerome ukuze alwe no-Israyeli.  Kulokhu uJehova wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, + ngoba kusasa ngalesi sikhathi ngizobanikela bonke ku-Israyeli ukuze nakanjani nibabulale. Amahhashi abo kumelwe niwanqume imisipha + nezinqola zabo kumelwe nizishise ngomlilo.”  UJoshuwa nalo lonke ibutho lempi babathelekela bengalindele ngasemithonjeni yaseMerome babahlasela.  UJehova wabanikela esandleni sama-Israyeli, + abanqoba futhi abajaha kwaze kwaba seSidoni, + idolobha elikhulu, naseMisirefoti-mayimi + naseSigodini SaseMispe empumalanga, ababulala kwangasinda ngisho noyedwa. +  Ngemva kwalokho uJoshuwa wenza njengoba nje uJehova ayemyalile; amahhashi abo wawanquma imisipha nezinqola zabo wazishisa ngomlilo. + 10  Ngaphezu kwalokho, uJoshuwa wabuyela emuva wafike wathatha iHazori, wabulala inkosi yalo ngenkemba, + ngoba iHazori lalikade liyinhloko yayo yonke le mibuso. 11  Babulala bonke abantu ababekulo ngenkemba, babaqothula. + Akusindanga ngisho noyedwa. + Wabe eselishisa ngomlilo iHazori. 12  UJoshuwa wawanqoba wonke amadolobha ala makhosi, waqothula wonke amakhosi akhona ngenkemba. + Wawabulala, + njengoba nje uMose inceku kaJehova ayeyalile. 13  Nokho, ama-Israyeli awawashisanga amadolobha ayakhiwe emanxiweni ngaphandle kweHazori; yilo kuphela uJoshuwa alishisa. 14  Ama-Israyeli azithathela yonke impango nemfuyo yala madolobha. + Kodwa bonke abantu ababulala ngenkemba aze abaqeda nya. + Awashiyanga noyedwa ophefumulayo. + 15  Njengoba nje uJehova ayeyale uMose inceku yakhe, uMose wamyala kanjalo uJoshuwa, + uJoshuwa wenza kanjalo. Akukho nokukodwa angakwenzanga kukho konke uJehova ayeyale ngakho uMose. + 16  UJoshuwa walinqoba lonke leli zwe, indawo esezintabeni, yonke iNegebhi, + lonke izwe laseGosheni, iShefela, + i-Araba + nendawo yakwa-Israyeli esezintabeni namagquma ayo,* 17  kusukela eNtabeni iHalaki enyuka ize iyofika eSeyiri kuze kufike eBhali-gadi + eSigodini SaseLebhanoni esiphansi kweNtaba iHermoni, + wathumba wonke amakhosi akhona wawanqoba, wawabulala. 18  Kwathatha isikhathi esijana ukuba uJoshuwa alwe nawo wonke la makhosi. 19  Akukho dolobha elenza isivumelwano sokuthula nama-Israyeli ngaphandle kwamaHivi ayehlala eGibheyoni. + Ama-Israyeli alwa nabo bonke abanye abanqoba. + 20  NguJehova owavumela izinhliziyo zabo ukuba zibe lukhuni + ukuze balwe no-Israyeli, ukuze ababhubhise ngaphandle kokubabonisa umusa. + Kwakufanele babhujiswe, njengoba nje uJehova ayeyale uMose. + 21  Ngaleso sikhathi uJoshuwa wawaqeda wonke ama-Anaki + ayesezintabeni, eHebroni, eDebhiri, e-Anabi, kuyo yonke indawo yakwaJuda esezintabeni nakuyo yonke indawo yakwa-Israyeli esezintabeni. UJoshuwa wawabhubhisa kanye namadolobha awo. + 22  Akukho ma-Anaki asala ezweni lama-Israyeli; asala + eGaza, + eGati + nase-Ashidodi + kuphela. 23  Ngakho uJoshuwa walithatha lonke izwe, njengoba nje uJehova ayethembise uMose, + uJoshuwa wabe eselinika ama-Israyeli ukuba ahlukaniselane lona ngokwezizwe zawo. + Izwe laba nokuthula alibange lisaphazanyiswa yimpi. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “ayese-Araba.”
Noma, “neShefela layo.”