Joshuwa 10:1-43
10 Lapho nje u-Adoni-zedeki inkosi yaseJerusalema ezwa ukuthi uJoshuwa ulithathile i-Ayi wayeselibhubhisa, ukuthi i-Ayi nenkosi yalo + ulenze lokho akwenza eJeriko nasenkosini yalo, + nokuthi abantu baseGibheyoni benze ukuthula no-Israyeli + futhi bazihlanganise naye,
2 wesaba kakhulu, + ngoba iGibheyoni laliyidolobha elikhulu, linjengedolobha lasebukhosini. Lalilikhulu kune-Ayi, + futhi wonke amadoda akhona ayengamaqhawe.
3 Ngakho u-Adoni-zedeki inkosi yaseJerusalema wathumela umyalezo kuHohamu inkosi yaseHebroni, + uPhiramu inkosi yaseJarimuthi, uJafiya inkosi yaseLakishi nakuDebhiri inkosi yase-Egiloni, + othi:
4 “Wozani nizongisiza sihlasele iGibheyoni ngoba lenze ukuthula noJoshuwa nama-Israyeli.” +
5 Ngenxa yalokho, amakhosi amahlanu ama-Amori +—inkosi yaseJerusalema, inkosi yaseHebroni, inkosi yaseJarimuthi, inkosi yaseLakishi nenkosi yase-Egiloni—ahlangana ekanye namabutho awo, ahamba ayovimbezela iGibheyoni ukuze alwe nalo.
6 Amadoda aseGibheyoni athumela umyalezo kuJoshuwa ekamu eGiligali, + othi: “Ungazilahli* izigqila zakho. + Phuthuma! Sisindise, usisize. Wonke amakhosi ama-Amori akhe ezintabeni ahlangene ukuze alwe nathi.”
7 Ngakho uJoshuwa wakhuphuka esuka eGiligali, ekanye nalo lonke ibutho lempi namaqhawe anamandla. +
8 UJehova wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, + ngoba ngibanikele esandleni sakho. + Akekho noyedwa kubo ozokwazi ukumelana nawe.” +
9 UJoshuwa wabathelekela bengalindele ngemva kokuhamba ubusuku bonke esuka eGiligali.
10 UJehova wabaphithizelisa phambi kwama-Israyeli, + abulala inqwaba eGibheyoni, abajaha emqanseni waseBheti-horoni futhi ababulala aze ayofika e-Azeka naseMakheda.
11 Njengoba babebalekela ama-Israyeli futhi sebesendaweni eyehlelayo eseBheti-horoni, uJehova wabehlisela isichotho esikhulu sivela esibhakabhakeni kwaze kwaba se-Azeka, bafa. Empeleni, baningi ababulawa yisichotho kunalabo ababulawa ama-Israyeli ngenkemba.
12 Kungaleso sikhathi lapho uJoshuwa akhuluma khona noJehova phambi kuka-Israyeli, ngosuku uJehova anqoba ngalo ama-Amori phambi kwama-Israyeli, wathi:
“Langa, yima + phezu kweGibheyoni, +Nawe nyanga, phezu kweSigodi* Sase-Ajaloni!”
13 Ngakho ilanga lama langanyakaza nenyanga yama, kwaze kwaba yilapho isizwe sesiziphindiselele ezitheni zaso. Lokhu kulotshiwe encwadini kaJashari. + Ilanga lama phakathi nesibhakabhaka futhi alizange linyakaze cishe isikhathi esingangosuku lonke.
14 Alukaze lube khona usuku olunjengalolo, ngaphambi kwalo noma ngemva kwalo, lapho uJehova alalela khona izwi lomuntu, + ngoba uJehova wayelwela u-Israyeli. +
15 Ngemva kwalokho uJoshuwa nawo wonke u-Israyeli babuyela ekamu eGiligali. +
16 Phakathi nempi, amakhosi amahlanu abaleka ayocasha emhumeni eMakheda. +
17 Kwathunyelwa umbiko kuJoshuwa, othi: “Amakhosi amahlanu atholakale ecashe emhumeni eMakheda.” +
18 Ngakho uJoshuwa wathi: “Gingqelani amatshe amakhulu emlonyeni womhume bese nikhetha amadoda azowagada.
19 Kodwa nonke nina abanye akufanele nime. Jahani izitha zenu, nizibulale. + Ningazivumeli ukuba zingene emadolobheni azo, ngoba uJehova uNkulunkulu wenu uzinikele ezandleni zenu.”
20 Ngemva kokuba uJoshuwa nama-Israyeli sebebulale inqwaba yabantu, baze bacishe babaqothula, ngaphandle kwalabo ababaleka bangena emadolobheni abiyelwe ngezindonga eziqinile,
21 wonke ama-Israyeli abuyela kuJoshuwa ngokuphepha ekamu, eMakheda. Akekho noyedwa umuntu owaba nesibindi sokusho noma yini emelene* nama-Israyeli.
22 UJoshuwa wabe esethi: “Vulani umlomo womhume nikhiphe lawo makhosi amahlanu emhumeni niwalethe kimi.”
23 Ngakho bawakhipha emhumeni lawo makhosi amahlanu bawaletha kuye: inkosi yaseJerusalema, inkosi yaseHebroni, inkosi yaseJarimuthi, inkosi yaseLakishi nenkosi yase-Egiloni. +
24 Lapho befika nala makhosi kuJoshuwa, wabiza wonke amadoda akwa-Israyeli, wathi kubakhuzi bamabutho ababehambe naye: “Sondelani lapha. Bekani izinyawo zenu ezintanyeni* zala makhosi.” Ngakho basondela babeka izinyawo zabo ezintanyeni* zawo. +
25 UJoshuwa wayesethi kubo: “Ningesabi noma nethuke. + Yibani nesibindi niqine, ngoba yilokhu uJehova azokwenza kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo.” +
26 Ngemva kwalokho uJoshuwa wawabulala wabe esewalengisa ezigxotsheni* ezinhlanu, aqhubeka elenga ezigxotsheni kwaze kwaba ntambama.
27 Ekushoneni kwelanga uJoshuwa wayala ukuba ehliswe ezigxotsheni + aphonswe emhumeni ayecashe kuwo. Ngemva kwalokho kwabekwa amatshe amakhulu emlonyeni womhume, asekhona kuze kube namuhla.
28 UJoshuwa wahlasela iMakheda + ngalolo suku walibhubhisa ngenkemba. Wabulala inkosi yakhona nawo wonke umuntu* owayekulo, kwangasinda ngisho noyedwa. + Wenza enkosini yaseMakheda + njengoba nje ayenzile enkosini yaseJeriko.
29 Ngemva kwalokho uJoshuwa nawo wonke u-Israyeli basuka eMakheda baya eLibhina balwa neLibhina. +
30 UJehova nalo walinikela kanye nenkosi yalo + esandleni sika-Israyeli, balibhubhisa ngenkemba kanye nawo wonke umuntu* owayekulo, kwangasinda ngisho noyedwa. Ngakho benza enkosini yalo njengoba nje babenzile enkosini yaseJeriko. +
31 Ngemva kwalokho, uJoshuwa nawo wonke u-Israyeli basuka eLibhina baya eLakishi + bafike balivimbezela balwa nalo.
32 UJehova wanikela iLakishi esandleni sama-Israyeli, alithatha ngosuku lwesibili. Alibhubhisa ngenkemba, abulala wonke umuntu* owayekulo, + njengoba nje ayenzile eLibhina.
33 UHoramu inkosi yaseGezeri + wakhuphuka eyosiza iLakishi, kodwa uJoshuwa wambulala uHoramu nabantu bakhe kwangasinda ngisho noyedwa.
34 Ngemva kwalokho uJoshuwa nawo wonke u-Israyeli basuka eLakishi baya e-Egiloni + bafike balivimbezela balwa nalo.
35 Balithatha ngalolo suku balibhubhisa ngenkemba. Babulala wonke umuntu owayekulo* ngalo lolo suku, njengoba nje babenzile eLakishi. +
36 Ngemva kwalokho uJoshuwa nawo wonke u-Israyeli bakhuphuka besuka e-Egiloni baya eHebroni + balwa nalo.
37 Balithatha balibhubhisa ngenkemba, lona kanye nenkosi yalo, amadolobhana angaphansi kwalo nawo wonke umuntu owayekulo,* akusindanga ngisho noyedwa. Njengoba nje ayenzile e-Egiloni, walibhubhisa kanye nawo wonke umuntu owayekulo.
38 Ekugcineni uJoshuwa nawo wonke u-Israyeli baphenduka balibangisa eDebhiri + bafike balwa nalo.
39 Walithatha kanye nenkosi yalo nawo wonke amadolobhana angaphansi kwalo, bababulala ngenkemba, baqothula wonke umuntu owayekulo, + kwangasinda ngisho noyedwa. + Njengoba nje ayenzile eHebroni naseLibhina nasenkosini yakhona, wenza okufanayo eDebhiri nasenkosini yakhona.
40 UJoshuwa walinqoba lonke izwe elisezintabeni, iNegebhi, iShefela + nezindawo ezigudle izintaba kanye nawo wonke amakhosi akhona, akusindanga ngisho noyedwa; wababhuqa bonke abantu, *+ njengoba nje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ayeyalile. +
41 UJoshuwa wabanqoba kusukela eKadeshi-barineya + kuze kuyofika eGaza + nalo lonke izwe laseGosheni + kukhuphuke kuze kufike eGibheyoni. +
42 UJoshuwa wawanqoba wonke la makhosi nezindawo ayezibusa, wonke ngasikhathi sinye, ngoba nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owayelwela u-Israyeli. +
43 Ngemva kwalokho uJoshuwa nawo wonke u-Israyeli babuyela ekamu eGiligali. +
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “Ungasivumeli isandla sakho siyethe ekusizeni.”
^ Noma, “kweThafa Eliphansi.”
^ NgesiHebheru, “owacijisa ulimi lwakhe ngokumelene.”
^ Okuwukuthi, ezijungujungwini noma engxenyeni engemuva yentamo.
^ Okuwukuthi, ezijungujungwini noma engxenyeni engemuva yentamo.
^ Noma, “ezihlahleni.”
^ Noma, “nayo yonke imiphefumulo.”
^ Noma, “nayo yonke imiphefumulo.”
^ Noma, “nayo yonke imiphefumulo.”
^ Noma, “yonke imiphefumulo eyayikulo.”
^ Noma, “nayo yonke imiphefumulo eyayikulo.”
^ NgesiHebheru, “yonke into ephefumulayo.”