UJona 2:1-10

  • Umthandazo kaJona esesiswini senhlanzi (1-9)

  • Inhlanzi ihlanzela uJona emhlabathini (10)

2  UJona wabe esethandaza kuJehova uNkulunkulu wakhe esesiswini senhlanzi, +  wathi: “Ngambiza uJehova ngisosizini lwami, wangiphendula. + Ngakhalela usizo ngisemajukujukwini *+ eThuna.* Wena walizwa izwi lami.   Lapho ungiphonsa emajukujukwini, enhliziyweni yolwandle oluvulekile,Amagagasi angigwinya. + Wonke amagagasi akho amakhulu angikhukhula. +   Ngathi, ‘Ngixoshiwe phambi kwakho! Ngiyobuye ngiligqolozele kanjani ithempeli lakho elingcwele?’   Amanzi angigwinyile futhi acishe angibulala; +Amanzi ajulile angihaqa. Ukhula lwathandela ikhanda lami.   Ngashona phansi ezisekelweni zezintaba. Izingodo zomhlaba zazivaleka unomphela phezu kwami. Kodwa ukuphila kwami wakukhuphula egodini, Jehova Nkulunkulu wami. +   Lapho ukuphila kwami kushabalala, nguJehova engamkhumbula. + Umthandazo wami wafika kuwe, ethempelini lakho elingcwele. +   Labo abakhonza izithixo ezingenamsebenzi bashiya umthombo wabo wothando oluqotho.*   Kodwa mina, ngizokwenzela umhlatshelo ngezwi lokubonga. Engikufungile ngizokufeza. + Insindiso ivela kuJehova.” + 10  Ngokuhamba kwesikhathi uJehova wayala inhlanzi ukuba ihlanze uJona imkhiphele emhlabathini owomile, yenza lokho kanye.

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “ngisesiswini.”
Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna lesintu elivamile. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma kungaba, “bashiya ubuqotho babo.”