uJobe 2:1-13
2 Ngemva kwalokho kwaphinde kwafika usuku lokuba amadodana kaNkulunkulu weqiniso *+ angene ukuze ame phambi kukaJehova, + noSathane wangena kanye nawo ukuze ame phambi kukaJehova. +
2 UJehova wathi kuSathane: “Uvelaphi?” USathane waphendula uJehova wathi: “Bengizulazula emhlabeni ngihambahamba kuwo.” +
3 UJehova wathi kuSathane: “Ingabe uyiqaphelile* inceku yami uJobe? Akekho ofana nayo emhlabeni. Iqotho, *+ yesaba uNkulunkulu futhi iyakugwema okubi. Namanje isanamathele ngokuqinile ebuqothweni bayo, + ngisho noma wena uzama ukungenza ukuba ngiyibhubhise *+ ngaphandle kwesizathu.”
4 Kodwa uSathane waphendula uJehova wathi: “Isikhumba ngesikhumba. Umuntu uyokhipha konke anakho ngenxa yokuphila kwakhe.
5 Kodwa manje ake welule isandla sakho umzwise ubuhlungu emzimbeni, nakanjani uzokuthuka ebusweni bakho.” +
6 Ngakho uJehova wathi kuSathane: “Bheka! Usesandleni sakho!* Kuphela nje ungambulali!”
7 Ngakho uSathane wasuka phambi* kukaJehova, washaya uJobe ngamathumba abuhlungu *+ kusukela ematheni onyawo kuze kube sokhakhayini.
8 UJobe wayehlezi emlotheni, + wayesethatha udengezi* ukuze azinwaye.
9 Ekugcineni umkakhe wathi kuye: “Namanje usanamathele ngokuqinile ebuqothweni bakho? Thuka uNkulunkulu ufe!”
10 Kodwa wathi kuye: “Ukhuluma njengomunye wabesifazane abangenangqondo. Ingabe kufanele samukele okuhle kuphela kuNkulunkulu weqiniso, singakwamukeli nokubi?” + Kukho konke lokhu, uJobe akazange one ngezindebe zakhe. +
11 Abangane* abathathu bakaJobe bezwa ngazo zonke izinhlekelele ezazimehlele, ngamunye wabo weza evela endaweni yakhe—u-Elifazi + umThemani, uBhilidadi + umShuhi + noSofari + umNahama. Bavumelana ngokuthi bazohlangana ukuze bayozwelana noJobe bamduduze.
12 Lapho bembona bekude, babengaboni ukuthi nguye. Bakhala kakhulu, baklebhula izingubo zabo, baphonsa uthuli emoyeni nasemakhanda abo. +
13 Ngemva kwalokho bahlala naye emhlabathini izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa. Akekho owasho utho kuye, ngoba babebona ukuthi wayezwa ubuhlungu obukhulu kakhulu. +
Imibhalo yaphansi
^ Isisho sesiHebheru esibhekisela emadodaneni kaNkulunkulu ayizingelosi.
^ NgesiHebheru, “ubeke inhliziyo yakho.”
^ Noma, “Ayisoleki futhi iqotho.”
^ NgesiHebheru, “ngiyigwinye.”
^ Noma, “Ungenza noma yini kuye!”
^ Noma, “ngezilonda ezimbi kakhulu.”
^ NgesiHebheru, “ebusweni.”
^ Ucezu oluqhephuke entweni eyenziwe ngobumba.
^ Noma, “Abantu abamjwayele.”