uJobe 12:1-25
12 UJobe waphendula wathi:
2 “Ngempela yinina abantu abaziyo,*Futhi ukuhlakanipha kuyofa nani!
3 Kodwa nami nginakho ukuqonda.*
Angikho ezingeni elingaphansi kwelenu.
Ubani ongazazi lezi zinto?
4 Sengiyinhlekisa kubangane bami, +Ngoba ngibiza uNkulunkulu futhi ngilindele ukuba angiphendule. +
Umuntu olungile nongasoleki uyinhlekisa.
5 Inhlekelele iyadeleleka kumuntu ongenazinkinga,Ucabanga ukuthi yehlela kuphela labo abanezinyawo ezishelelayo.*
6 Amatende ezigebengu anokuthula, +Nalabo abachukuluza uNkulunkulu baphephile, +Labo abaphethe onkulunkulu babo ngezandla.
7 Manje ngicela ubuze izilwane, zizokufundisa;Nezinyoni zamazulu, zizokutshela.
8 Noma bukisisa umhlaba,* uzokufundisa;Nezinhlanzi zolwandle zizokutshela iqiniso.
9 Yikuphi phakathi kwazo zonke lezi zinto okungaziUkuthi lokhu kwenziwe isandla sikaJehova?
10 Esandleni sakhe kukhona ukuphila kwazo zonke izinto eziphilayoNomoya* wabo bonke abantu. +
11 Indlebe ayiwavivinyi yini amazwiNgendlela ulimi* olunambitha ngayo ukudla? +
12 Akukho yini ukuhlakanipha kulabo asebebadala, +Ukuqonda akutholakali yini kulabo asebephile isikhathi eside?
13 Kuye, kukhona ukuhlakanipha namandla; +Uneseluleko nokuqonda. +
14 Lapho ediliza okuthile, ngeke kwakhiwe; +Akuvalile, ngeke kuvulwe muntu.
15 Lapho engayinisi imvula, konke kuyoma; +
Lapho eyinisa, amanzi ayagcwala emhlabeni. +
16 Kuye kunamandla nokuhlakanipha; +Owenza iphutha nodukisayo bangabakhe;
17 Wenza abeluleki bahambe bengafake zicathulo,*Enze abahluleli babe iziphukuphuku. +
18 Uqaqa izibopho eziboshwe amakhosi, +Abophe ibhande ezinkalweni zawo.
19 Wenza abapristi bahambe bengafake zicathulo, +Aketule labo abanamandla amakhulu; +
20 Uphuca abeluleki abethenjwayo inkulumo,Asuse nokuqonda emaxhegwini;*
21 Uthobisa izicukuthwane, +Enze abanamandla babe buthaka;*
22 Wembula izinto ezijulile ebumnyameni, +Akhanyise izindawo ezimnyama bhuqe;
23 Wenza izizwe zibe namandla ukuze azibhubhise;Uyazandisa ukuze aziyise ekuthunjweni.
24 Ususa ukuqonda* kwabaholi babantuAbenze bazulazule ehlane elingenazindlela. +
25 Baphumputha ebumnyameni, + lapho kungenakukhanya khona;Ubenza bazulazule njengabantu abadakiwe. +
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “yinina abantu.”
^ NgesiHebheru, “inhliziyo.”
^ Noma, “ezixegezelayo.”
^ Noma kungaba, “khuluma nomhlaba.”
^ Noma, “Nomoya ophefumulwayo.”
^ NgesiHebheru, “ulwanga.”
^ Noma, “bahlubule yonke into.”
^ Noma, “emadodeni amadala.”
^ NgesiHebheru, “Axegise ibhande labanamandla.”
^ NgesiHebheru, “inhliziyo.”