UJeremiya 4:1-31
4 “O Israyeli, uma uzobuya,” kusho uJehova,“Uma uzobuyela kimiUma uzozisusa phambi kwami izithixo zakho ezinyanyekayo,Khona-ke ngeke ube umbaleki. +
2 Uma ufunga ngeqiniso, ngobulungisa nangokulunga uthi,‘Kuphila kukaJehova!’Khona-ke izizwe ziyozitholela isibusiso kuye,*Ziyoziqhayisa ngaye.” +
3 Ngoba yilokhu uJehova akushoyo kubantu bakwaJuda naseJerusalema:
“Zilimeleni umhlabathi ovundile,Ningalokhu nitshala phakathi kwameva. +
4 Njengoba nje ukusoka kususa ukungcola emzimbeni,Hlanzani izinhliziyo zenu phambi kukaJehova, +Nina bantu bakwaJuda nani zakhamuzi zaseJerusalema,Ukuze intukuthelo yami ingagqamuki njengomliloIvuthe kungenamuntu ozoyicima,Ngenxa yezenzo zenu ezimbi.” +
5 Kumemezeleni kwaJuda, nikumemezele naseJerusalema.
Memezani, nishaye uphondo kulo lonke izwe. +
Memezani kakhulu nithi: “Buthanani,Masibalekele emadolobheni anezivikelo eziqinile. +
6 Misani isigxobo* esikhomba indlela eya eZiyoni.
Funani indawo yokukhosela, ningami ningenzi lutho,”
Ngoba ngiletha inhlekelele evela enyakatho, + isibhicongo esikhulu.
7 Uphume njengebhubesi liphuma ehlathini lalo; +Lowo obhubhisa izizwe uphumile. +
Uphumile endaweni yakhe ukuze enze izwe lakho libe yinto eshaqisayo.
Amadolobha akho ayoba amanxiwa angahlali muntu. +
8 Ngakho, gqokani indwangu yesaka, +Lilani* nikhale kakhulu,Ngoba intukuthelo evuthayo kaJehova ayikasuki kithi.
9 “Ngalolo suku,” kusho uJehova, “inkosi iyoshaywa uvalo, *+Nezikhulu zishaywe uvalo;Abapristi bayokwethuka, abaprofethi bona bayomangala.” +
10 Ngathi: “Maye Nkosi EnguMbusi Jehova! Impela usikhohlise ngokuphelele lesi sizwe + kanye neJerusalema, wathi, ‘Nizoba nokuthula,’ + kuyilapho inkemba isemqaleni wethu.”
11 Ngaleso sikhathi kuyothiwa kulesi sizwe naseJerusalema:
“Umoya ohangulayo ovela emagqumeni aqothukile asogwaduleUyophephula indodakazi* yabantu bami;Awuzelanga ukuzohlunga noma ukuhlanza.
12 Lo moya onamandla uza uvela kulezi zindawo ngezwi lami.
Manje ngizomemezela izahlulelo kubo.
13 Bheka! Isitha sizofika njengamafu emvula,Izinqola zaso zinjengesiphepho. +
Amahhashi aso anejubane elidlula elezinkozi. +
Maye kithi, ngoba siqothuliwe!
14 O Jerusalema, hlanza ububi obusenhliziyweni yakho, ukuze usindiswe. +
Kuyoze kube nini ufukamele imicabango emibi?
15 Ngoba izwi liletha umbiko livela kwaDani, +Limemezela inhlekelele ezintabeni zakwa-Efrayimi.
16 Kubikeni ezizweni;Kumemezeleni ngokumelene neJerusalema.”
“Kuza abalindi* bevela ezweni elikude,Bayophakamisa amazwi abo ngokumelene namadolobha akwaJuda.
17 Bayohlasela iJerusalema beqhamuka nhlangothi zonke njengabaqaphi bensimu engabiyelwe, +Ngoba lidlubulundile kimi,” + kusho uJehova.
18 “Izindlela zakho nezenzo zakho ziyolethwa kuwe. +
Iyadabukisa inhlekelele ekwehlelayo,Ngoba ifinyelela khona kanye enhliziyweni yakho!”
19 O usizi lwami,* usizi lwami!
Ngizwa ubuhlungu obukhulu enhliziyweni* yami.
Inhliziyo yami ishaya ngamandla ngaphakathi kimi.
Angikwazi ukuthula,Ngoba ngizwe umsindo wophondo,Inhlabamkhosi yempi. +
20 Kubikwe inhlekelele ngemva kwenhlekelele,Ngoba lonke izwe libhujisiwe.
Amatende ami abhidlizwe ngokuzumayo,Izindwangu zami zamatende ngomzuzwana. +
21 Kuyoze kube nini ngilokhu ngibona isigxobo* esikhomba indlela eya eZiyoni,Ngilokhu ngizwa umsindo wophondo? +
22 “Ngoba abantu bami bayiziwula; +Abangiqapheli.
Bangamadodana ayizilima, angaqondi.
Bahlakaniphele ukwenza okubi,Kodwa abakwazi ukwenza okuhle.”
23 Ngabona izwe, bheka! lalingenalutho lingamanxiwa. +
Ngabheka emazulwini, ukukhanya kwawo kwakungasekho. +
24 Ngabona izintaba, bheka! zazizamazama,Namagquma ayenyakaza. +
25 Ngabona, bheka! kwakungenamuntu,Nazo zonke izinyoni zamazulu zazibalekile. +
26 Ngabona, bheka! izwe elithelayo lase liphenduke ihlane,Namadolobha alo ayebhidliziwe. +
Lokhu kwakubangelwe uJehova,Ngenxa yentukuthelo yakhe evuthayo.
27 Ngoba yilokhu uJehova akushoyo: “Izwe lonke liyoba yincithakalo, +Kodwa ngeke ngiliqothule ngokuphelele.
28 Ngenxa yalesi sizathu izwe liyolila, +Namazulu phezulu ayoba mnyama. +
Kungenxa yokuthi ngikhulumile, nginqumile,Ngeke ngiwushintshe umqondo* futhi ngeke ngiyeke ukukwenza. +
29 Ngenxa yomsindo wabagibeli bamahhashi nabacibishela imicibisholo,Lonke idolobha liyabaleka. +
Abantu balo bangena emahlathini,Bacaca emadwaleni. +
Wonke amadolobha ashiyiwe,Akukho muntu ohlala kuwo.”
30 Manje njengoba usucekelwe phansi, uzokwenzenjani?
Wawuvame ukugqoka okubomvu,Ukuvunula ngemihlobiso yegolide,Nokupenda amehlo akho ngesimonyo esimnyama.
Kodwa wawuzenza muhle ngeze, +Ngoba labo ababekukhanukela bakwalile;Manje sebefuna ukukubulala. +
31 Ngoba ngizwe izwi elinjengelowesifazane ogulayo,Usizi olunjengolowesifazane obeletha ingane yakhe yokuqala,Izwi lendodakazi yaseZiyoni elokhu ibitoza ifuna umoya.
Njengoba yeneka izintende zezandla zayo ithi: +
“Maye kimi, ngoba ngikhathele ngenxa yababulali!”
Imibhalo yaphansi
^ Okuwukuthi, uJehova.
^ Noma, “isibonakaliso.”
^ Noma, “Zishayeni izifuba.”
^ Noma, “inhliziyo yenkosi iyophela amandla.”
^ Isenzasamuntu esiyinkondlo, mhlawumbe esibonisa ukuzwelana nothile.
^ Okuwukuthi, labo abaqaphe idolobha ukuze babone ukuthi bangalihlasela nini.
^ NgesiHebheru, “amathumbu ami.”
^ NgesiHebheru, “ezindongeni zenhliziyo.”
^ Noma, “isibonakaliso.”
^ Noma, “Ngeke ngizisole.”