UJeremiya 14:1-22
14 Yileli izwi likaJehova elafika kuJeremiya ngokuphathelene nesomiso: +
2 UJuda uyalila, + amasango akhe awohlokile.
Ambozwa umhlabathi edangele,EJerusalema kuqhuma isililo.
3 Abanumzane bathuma izinceku zabo ukuba ziyokha amanzi.
Ziyahamba ziye emithonjeni* zifike zingatholi manzi.
Zibuya nezitsha ezingenalutho.
Zinamahloni zidumele,Zimboze amakhanda azo.
4 Ngenxa yokuthi umhlabathi uqhekekile,Ngoba imvula ayini ezweni, +Abalimi baphoxekile futhi bamboze amakhanda abo.
5 Ngisho nenyamazane endle iyalishiya izinyane layoNgoba abukho utshani.
6 Izimbongolo zasendle zimi emagqumeni angenalutho.
Zihefuzela njengezimpungushe;Amehlo azo awaboni ngoba abukho utshani. +
7 Nakuba izono zethu zibonisa ukuthi sinecala,Jehova, thatha isinyathelo ngenxa yegama lakho. +
Ngoba izenzo zethu zokungathembeki ziningi, +Sone kuwe.
8 O themba lika-Israyeli, Msindisi + wakhe esikhathini sokucindezeleka,Kungani unjengesihambi ezweni,Njengesihambi esima kuphela ukuze siphumule ubusuku?
9 Kungani unjengomuntu oshaqekile,Njengeqhawe elingenakusindisa?
Ngoba uphakathi kwethu Jehova, +Sibizwa ngegama lakho. +
Ungasishiyi.
10 Yilokhu uJehova akushoyo ngalesi sizwe: “Siyakuthanda ukuzulazula; + asikwazi ukuziqoqa. + Ngakho asimjabulisi uJehova. + Manje uzosikhumbula isono saso asijezise.” +
11 UJehova wathi kimi: “Ungasithandazeli lesi sizwe usicelele okuhle. +
12 Lapho sizila ukudla, angikulaleli ukuncenga kwaso, + nalapho sinikela iminikelo eshiswayo ephelele neminikelo yokudla okusanhlamvu, angijabuli ngayo, + ngizosibulala ngenkemba, ngendlala nangesifo esiwumshayabhuqe.” +
13 Ngaphendula ngathi: “Maye Nkosi EnguMbusi Jehova! Abaprofethi bathi kuso, ‘Ngeke kube nempi nendlala, kodwa ngizoninika ukuthula kweqiniso kule ndawo.’ ” +
14 UJehova wabe esethi kimi: “Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami. + Angibathumanga, futhi angizange ngibayale noma ngikhulume nabo. + Baprofetha kini umbono wamanga nokubhula okungasizi ngalutho nokukhohlisa kwenhliziyo yabo. +
15 Ngakho-ke yilokhu uJehova akushoyo ngokuphathelene nabaprofethi abaprofetha egameni lami, nakuba ngingabathumanga, labo abathi ngeke ibe khona impi nendlala kuleli zwe: ‘Labo baprofethi bayobulawa yinkemba nayindlala. +
16 Izidumbu zabantu abaprofetha kubo—bona nomkabo namadodana abo namadodakazi abo—ziyolahlwa emigwaqweni yaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba, kungekho ozozingcwaba + ngoba ngizobalethela inhlekelele ebafanele.’ +
17 “Kumelwe ubatshele lokhu,‘Amehlo ami mawageleze izinyembezi ubusuku nemini, mazinganqamuki, +Ngoba indodakazi eyintombi nto yabantu bami iphahlaziwe yaphuka, +Ilimele kakhulu.
18 Uma ngiphumela ngaphandle kwedolobha,Ngibona labo ababulewe ngenkemba! +
Uma ngingena edolobheni,Ngibona umonakalo obangelwe yindlala! +
Ngoba umprofethi nompristi baye ezweni abangalazi.’ ” +
19 Ingabe umlahle ngempela uJuda, noma ulenyanyile iZiyoni? +
Kungani usishayile ukuze singelapheki? +
Sasinethemba lokuthola ukuthula, kodwa akufikanga lutho oluhle,Ithemba lokwelashwa, kodwa kukhona ukwesaba! +
20 O Jehova, siyazivuma izono zethu,Nesono sokhokho bethu,Ngoba sonile kuwe. +
21 Ungasilahli ngenxa yegama lakho; +Ungasishiyi isihlalo sakho sobukhosi esikhazimulayo.
Khumbula, ungasiphuli isivumelwano osenze nathi. +
22 Sikhona yini isithixo ezithixweni zezizwe esinganisa imvula,Noma ingabe amazulu angakwazi ukuzinisela imvula ngokwawo?
Nguwe kuphela onganisa imvula Jehova Nkulunkulu wethu. +
Sithembele kuwe,Ngoba uwena owenze zonke lezi zinto.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “emiseleni yamanzi.”