IzEnzo ZabaPhostoli 18:1-28
18 Ngemva kwalokho wahamba e-Athene wafika eKorinte.
2 Wathola umJuda ogama lakhe lingu-Akhwila, + ongowokuzalwa ePhontu, owayesanda kufika evela e-Italiya ehamba noPrisila umkakhe, ngenxa yokuthi uKlawudiyu wayeyale wonke amaJuda ukuba ahambe eRoma. Ngakho waya kubo,
3 ngenxa yokuthi babenza umsebenzi ofanayo, wahlala emzini wabo, wasebenza nabo, + umsebenzi wabo kwakuwukwenza amatende.
4 Wayenikeza inkulumo* esinagogeni + masabatha onke + futhi ethonya amaJuda namaGreki.
5 Lapho uSila + noThimothewu + befika bevela eMakedoniya, uPawulu waba matasa kakhulu ngezwi likaNkulunkulu, efakaza kumaJuda ukuze abonise ukuthi uJesu unguKristu. +
6 Kodwa ayelokhu emphikisa uPawulu futhi emhlambalaza, wathintitha izingubo zakhe + wathi kuwo: “Igazi lenu malibe semakhanda enu. + Ngimsulwa. + Kusukela manje kuqhubeke ngizoya kubantu bezizwe.” +
7 Ngakho wasuka lapho* wangena endlini yomuntu ogama lakhe linguThithiyu Justu, isikhonzi sikaNkulunkulu, esasinendlu eceleni kwesinagoge.
8 Kodwa uKrispu, + isikhulu esengamele sesinagoge, wakholwa yiNkosi, kanye nawo wonke umndeni wakhe. Abaningi kwabaseKorinte abezwa izindaba ezinhle, bakholwa futhi babhapathizwa.
9 Ngaphezu kwalokho, ebusuku iNkosi yathi kuPawulu ngombono: “Ungesabi, kodwa qhubeka ukhuluma, ungathuli,
10 ngoba nginawe, + akekho umuntu ozokuhlasela akulimaze; ngoba nginabantu abaningi kuleli dolobha.”
11 Ngakho wahlala lapho unyaka nezinyanga eziyisithupha, efundisa izwi likaNkulunkulu phakathi kwabo.
12 Ngesikhathi uGaliyu engumphathi-sifundazwe* wase-Akhaya, amaJuda abambisana ahlasela uPawulu amyisa esihlalweni sokwahlulela,
13 ethi: “Lo muntu ugqugquzela abantu ukuba bakhonze uNkulunkulu ngendlela ephambene nomthetho.”
14 Kodwa lapho uPawulu esezokhuluma, uGaliyu wathi kumaJuda: “Ukube ngempela bekuwububi obuthile noma icala elibi, maJuda, bekuyofaneleka ukuba nginilalele ngesineke.
15 Kodwa uma niphikisana ngenkulumo nangamagama nangomthetho wenu, + ziboneleni nina. Angifisi ukuba umahluleli walezi zinto.”
16 Ngemva kwalokho wawaxosha esihlalweni sokwahlulela.
17 Ngakho wonke abamba uSostene, + isikhulu esengamele sesinagoge, amshaya phambi kwesihlalo sokwahlulela. Kodwa uGaliyu akenzanga lutho nhlobo ngalezi zinto.
18 Nokho, ngemva kokuhlala izinsuku eziningana, uPawulu wavalelisa kubazalwane wayesehamba ngomkhumbi waya eSiriya, ehamba noPrisila no-Akhwila. Wayegunde izinwele zakhe zaba mfushane eKenikreya, + ngoba wayenze isifungo.
19 Bafika e-Efesu, wabashiya lapho; kodwa yena wangena esinagogeni wabonisana namaJuda. +
20 Nakuba ayelokhu emcela ukuba ahlale isikhathi eside, akavumanga,
21 kodwa wavalelisa, wathi kuwo: “Ngiyophinde ngibuyele kini uma uJehova* ethanda.” Wahamba ngomkhumbi esuka e-Efesu
22 wehlela eKhesariya. Wakhuphuka* wabingelela ibandla, wayesehlela e-Antiyokiya. +
23 Ngemva kokuchitha isikhathi esithile lapho, wasuka waya ezindaweni ezihlukahlukene kulo lonke izwe laseGalathiya nelaseFrigiya, + eqinisa bonke abafundi. +
24 UmJuda othile ogama lakhe lingu-Apholo, + ongowokuzalwa e-Aleksandriya, wafika e-Efesu; wayeyindoda eqephuzayo eyayinolwazi oluhle lwemiBhalo.
25 Lo muntu wayefundiswe* indlela kaJehova* futhi evutha emoyeni, wayezikhuluma futhi ezifundisa ngokunembile izinto eziphathelene noJesu, kodwa wayejwayelene nobhapathizo lukaJohane kuphela.
26 Wakhuluma ngesibindi esinagogeni, lapho uPrisila no-Akhwila + bemuzwa, bamthatha base bemchazela indlela kaNkulunkulu ngokunembe nakakhulu.
27 Ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi wayefuna ukuwelela e-Akhaya, abazalwane babhalela abafundi, bebanxusa ukuba bamamukele ngomusa. Ngakho lapho efika khona, wabasiza kakhulu labo ababekholwe ngenxa yomusa omkhulu kaNkulunkulu;
28 ngoba wabonisa ngentshiseko ukuthi amaJuda ayenephutha futhi wakwenza obala lokho, ebonisa ngemiBhalo ukuthi uJesu unguKristu. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Wayebonisana nabo.”
^ Okuwukuthi, esinagogeni.
^ Umbusi wesifundazwe ongumRoma. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Kubonakala sengathi waya eJerusalema.
^ Noma, “wayefundiswe ngomlomo.”
^ Bheka iSithasiselo A5.