IzAga 13:1-25
13 Indodana ehlakaniphile iyasamukela isiyalo sikayise, +Kodwa umhleki wosulu akakulaleli ukukhuzwa. *+
2 Umuntu uyodla okuhle okuvela esithelweni senkulumo* yakhe, +Kodwa abakhohlisayo bafisa ukwenza ubudlova.
3 Oqapha umlomo wakhe* uvikela ukuphila kwakhe, +Kodwa ozivula kakhulu izindebe zakhe uyozilethela inhlekelele. +
4 Ivila liyazifisa izinto, kodwa alinalutho, +Kodwa okhuthele uyokwaneliswa ngokugcwele. *+
5 Olungile uyawazonda amanga, +Kodwa izenzo zababi zibangela ukululazeka nehlazo.
6 Ukulunga kuyamvikela ondlela yakhe imsulwa, +Kodwa ububi buketula isoni.
7 Kukhona oshaya sengathi ucebile kanti akanalutho; +Kukhona nomunye oshaya sengathi umpofu kanti unengcebo eningi.
8 Ukuphila komuntu kuhlengwa ingcebo yakhe, +Kodwa abampofu bona akekho obasongelayo. *+
9 Ukukhanya kwabalungile kukhanya bha, *+Kodwa isibani sababi siyocinywa. +
10 Ukugabadela kubangela ingxabano nje kuphela, +Kodwa ukuhlakanipha okwalabo abawafunayo amacebiso. *+
11 Umcebo otholakale kalula* uyoncipha, +Kodwa umcebo womuntu awuqongelela kancane kancane* uyokwanda.
12 Ukuhlehliswa kwento elindelwe kuyayigulisa inhliziyo, +Kodwa isifiso esifezekile siyisihlahla sokuphila. +
13 Noma ubani odelela isiyalo* uyojeza, +Kodwa ohlonipha umyalo uyovuzwa. +
14 Imfundiso* yohlakaniphile ingumthombo wokuphila +Idedisa umuntu ezicuphweni zokufa.
15 Ukuqondisisa kwenza umuntu athole umusa,Kodwa indlela yabakhohlisayo ayinamusa.
16 Umuntu onokuqonda wenza ngendlela ebonisa ukuthi unolwazi, +Kodwa isiphukuphuku siveza ubuphukuphuku baso. +
17 Isithunywa esibi sibangela izinkathazo, +Kodwa isithunywa esithembekile siletha ukuphulukiswa. +
18 Noma ubani ongasinaki isiyalo uba mpofu futhi ahlazeke,Kodwa owamukela ukulungiswa* uyokhazinyuliswa. +
19 Kuba mnandi kumuntu* lapho isifiso sigcwaliseka, +Kodwa iziphukuphuku azifuni ukusuka kokubi. +
20 Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, +Kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi. +
21 Izoni zijahwa inhlekelele, +Kodwa abalungile bavuzwa ngokuchuma. +
22 Umuntu omuhle ushiyela abazukulu bakhe ifa,Kodwa ingcebo yesoni iyoqongelelelwa olungile. +
23 Insimu elinyiwe yabampofu ithela ukudla okuningi,Kodwa ingase* ithathwe ngenxa yokuntuleka kobulungisa.
24 Noma ubani ogodla induku* yakhe uyayizonda indodana yakhe, +Kodwa oyithandayo ukukhuthalele* ukuyiyala. +
25 Olungile uyadla asuthe, +Kodwa isisu sababi asinalutho. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ukulungiswa.”
^ NgesiHebheru, “somlomo.”
^ Noma, “lokho akushoyo.”
^ NgesiHebheru, “uyokhuluphaliswa.”
^ NgesiHebheru, “abakuzwa ukukhuzwa.”
^ NgesiHebheru, “kuyajabula.”
^ Noma, “ababonisanayo.”
^ Noma, “ovela ezintweni eziyize.”
^ NgesiHebheru, “awubutha ngesandla.”
^ Noma, “izwi.”
^ Noma, “Umthetho.”
^ Noma, “ukusolwa.”
^ Noma, “emphefumulweni.”
^ Noma, “angase.”
^ Noma, “isiyalo; isijeziso.”
^ Noma kungaba, “uyashesha.”