U-Isaya 58:1-14
58 “Memeza ngalo lonke iphimbo; ungaligodli!
Memeza njengophondo.
Tshela abantu bami ngokuvukela kwabo, +Indlu kaJakobe ngezono zayo.
2 Bangifuna usuku nosuku,Babonisa ukujabula ngokwazi izindlela zami,Njengokungathi bayisizwe esenza okulungileEsingazange sibushiye ubulungisa bukaNkulunkulu waso. +
Sicela ngahlulele ngokulunga,Siyakujabulela ukusondela kuNkulunkulu: +
3 ‘Kungani ungaboni lapho sizila ukudla? +
Kungani ungaqapheli lapho sizihlupha?’ +
Kungenxa yokuthi ngosuku lokuzila kwenu ukudla nanenza enikuthandayo,*Nicindezela izisebenzi zenu. +
4 Ukuzila kwenu ukudla kuphetha ngezingxabano nangokulwa,Nishaya ngenqindi yobubi.
Ngeke nizile ukudla ngendlela enenza ngayo namuhla bese izwi lenu lizwakale ezulwini.
5 Ukuzila ukudla engikukhethayo kufanele kube njena yini,Kube usuku lokuba umuntu azihluphe,Agobise ikhanda lakhe njengekhwane,Endlale umbhede wakhe ngendwangu yesaka nangomlotha?
Yikho yini lokhu enikubiza ngokuthi ukuzila ukudla nosuku olujabulisayo kuJehova?
6 Cha, yilokhu ukuzila ukudla engikukhethayo:
Ukuba nikhiphe ozankosi bobubi,Niqaqe izintambo zejoka, +Nikhulule abagqilaziwe, +Niphule wonke amajoka;
7 Ukuba uhlephulele olambile isinkwa sakho, +Ungenise ohluphekile nongenakhaya endlini yakho,Ukuba ugqokise umuntu ohlubule + lapho umbona,Nokuba ungazifulatheli izihlobo zakho.
8 Khona-ke, ukukhanya kwakho kuyokhanya njengokuntwela kokusa, +Uyolulama ngokushesha.
Ukulunga kwakho kuyohamba phambi kwakho,Nenkazimulo kaJehova iyokuqapha ngemva kwakho. +
9 Khona-ke uyobiza, uJehova aphendule;Uyocela usizo, yena athi, ‘Ngilapha!’
Uma ususa ijoka phakathi kwakhoUyeka ukukhomba ngomunwe nokukhuluma okubi, +
10 Uma unika olambile lokho nawe okufisayo +Wanelise abahluphekile,Khona-ke ukukhanya kwakho kuyokhanya ngisho nasebumnyameni,Nokuhlwa kwakho kube njengemini. +
11 UJehova uyokuhola njaloAkwanelise ngisho nasezweni elomile; +Uyovuselela amathambo akho,Wena uyoba njengengadi eniselwa kahle, +Njengomthombo wamanzi, onamanzi angashi.
12 Ngenxa yakho bayokwakha kabusha izindawo zakudala eziyincithakalo, +Uyovuselela izisekelo zezizukulwane ezidlule. +
Uyobizwa ngokuthi umlungisi wezindonga ezidilikile, *+Umlungisi wemigwaqo okuyohlalwa ngakuyo.
13 Uma ngenxa yeSabatha ugwema* ukwenza okuthandwa nguwe* ngosuku lwami olungcwele +Ubize iSabatha ngokuthi liyinjabulo enkulu, usuku olungcwele lukaJehova, usuku okufanele lukhazinyuliswe, +Ukhazimulisa lona kunokuba wenze okuthandwa nguwe futhi ukhuluma amazwi angathi shu,
14 Khona-ke uyothola injabulo enkulu kuJehova,Ngiyokwenza ugibele ezindaweni eziphakeme zomhlaba. +
Ngiyokwenza ukuba udle efeni likaJakobe ukhokho wakho, +Ngoba umlomo kaJehova ukhulumile.”
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “okunijabulisayo.”
^ NgesiHebheru, “ezinezikhala.”
^ NgesiHebheru, “ubuyisa unyawo lwakho.”
^ Noma, “ukwenza okukujabulisayo.”