U-Isaya 57:1-21
57 Olungile ushabalele,Kodwa akekho onakile.
Abantu abaqotho basusiwe, *+Kungekho muntu oqondayo ukuthi olungile ususiweNgenxa yenhlekelele.
2 Ungena ekuthuleni.
Baphumula emibhedeni* yabo, bonke abahamba ngobuqotho.
3 “Kodwa sondelani lapha,Nina madodana owesifazane oyisangoma,Nina bantwana besiphingi nesifebe:
4 Ngubani lona enihlekisa ngaye?
Ngubani lona enimvulela umlomo kakhulu, nimkhiphele ulimi?
Anibona yini abantwana besiphambeko,Abantwana benkohliso, +
5 Labo abavukwa inkanuko phakathi kwezihlahla ezinkulu, +Ngaphansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza, +Ababulala abantwana ezigodini *+Ngaphansi kwemifantu yamadwala?
6 Amatshe abushelelezi asesigodini* ayisabelo sakho. +
Yebo, ayinkatho yakho.
Uthululela umnikelo ophuzwayo, unikele nezipho kuwo. +
Kufanele nganeliseke yini* ngalezi zinto?
7 Walungisa umbhede wakho entabeni ende nephakeme, +
Wanyukela kuyo ukuze unikele umhlatshelo. +
8 Wamisa isikhumbuzo sakho ngemva kwesicabha nensika yomnyango.
Wangishiya wakhumula izingubo zakho;Wakhwela embhedeni wakho wawenza waba banzi.
Wenza isivumelwano nabo.
Wawukuthanda ukulala nabo embhedeni, +Wabuka isitho sowesilisa.*
9 Waya kuMeleki* uphethe amafuthaUphethe nenqwaba yeziqholo ezinamakha.
Wathumela izithunywa zakho kude,Waze wehlela eThuneni.*
10 Wakhandleka ngokulandela izindlela zakho eziningi.
Kodwa awuzange uthi, ‘Akusizi!’
Amandla akho avuselelwa.
Yingakho ungaliphonsi ithawula.*
11 Ubani lona owayekwethusa futhi umesabaWaze waqala ukuqamba amanga? +
Awuzange ungikhumbule. +
Awufakanga lutho enhliziyweni. +
Angizange yini ngizithulele ngihoxe? *+
Ngakho awuzange ungesabe.
12 Ngizokwenza ‘ukulunga’ + kwakho nemisebenzi + yakho kwaziwe,Kodwa ngeke kukusize. +
13 Izithixo oziqoqile ngeke zikukhulule, +Lapho ukhala ucela usizo.
Zonke ziyohamba nomoya,Umoya okhishwa ngamakhala uyoziphephula,Kodwa lowo ophephela kimi uyothola izwe njengefaUyothatha intaba yami engcwele ibe yifa lakhe. +
14 Kuyothiwa, ‘Yakhani, yakhani umgwaqo! Lungisani indlela! +
Susani noma isiphi isikhubekiso endleleni yabantu bami.’ ”
15 Yilokhu Lowo oPhakeme futhi Omkhulu akushoyo,Ohlala kuze kube phakade + ogama lakhe lingcwele: +
“Ngihlala endaweni ephakeme nengcwele, +Kodwa futhi ngihlala nalowo ocindezelekile nodangele,*Ukuze ngivuselele odangeleNgivuselele nenhliziyo yabacindezelekile. +
16 Ngoba ngeke ngilwe nabo kuze kube phakadeNoma ngihlale ngithukuthele; +Ngoba umoya womuntu ungaba buthaka ngenxa yami, +Ngisho nowezidalwa eziphefumulayo engizenzile.
17 Ngangithukuthele ngenxa yesono sakhe sokufuna inzuzo ngenkohlakalo, +Ngakho ngamshaya, ngafihla ubuso bami futhi ngangithukuthele.
Kodwa waqhubeka ehamba njengesihlubuki, + elandela inhliziyo yakhe.
18 Ngizibonile izindlela zakhe,Kodwa ngizomelapha + ngimhole +Ngiphinde ngimduduze *+ kanye nabalilayo bakhe.” +
19 “Ngidala isithelo sezindebe.
Ukuthula okuqhubekayo kuyonikwa lowo okude nalowo oseduze,” + kusho uJehova,“Ngiyomelapha.”
20 “Kodwa ababi banjengolwandle olunyakaza lungazoli,Amanzi alo alokhu ekhipha izimila zasolwandle nodaka.
21 Ababi + abanakho ukuthula,” kusho uNkulunkulu wami.
Imibhalo yaphansi
^ Okuwukuthi, bayafa.
^ Okuwukuthi, ethuneni.
^ Noma, “emihosheni.”
^ Noma, “Kufanele yini ngiziduduze.”
^ Noma, “asemhosheni.”
^ Cishe kushiwo ukukhonza izithombe.
^ Noma kungaba, “enkosini.”
^ Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ NgesiHebheru, “ungakhathali.”
^ Noma, “ngifihle izindaba.”
^ NgesiHebheru, “nonomoya othobekile.”
^ Noma, “Ngimnxephezele ngokumduduza.”