U-Isaya 52:1-15
52 Vuka! Vuka! Zigqokise amandla + Ziyoni! +
Gqoka izingubo zakho ezinhle + Jerusalema, dolobha elingcwele!
Ngoba ngeke kuphinde kungene kuwe ongasokile nongcolile. +
2 O Jerusalema, zithintithe uthuli, vuka uhlale.
Xegisa izibopho ezisentanyeni yakho, ndodakazi eyisithunjwa yaseZiyoni. +
3 Yilokhu uJehova akushoyo:
“Nathengiswa mahhala, +Niyohlengwa ngaphandle kwemali.” +
4 Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo:
“Ekuqaleni abantu bami baya eGibhithe beyohlala khona njengezifiki; +I-Asiriya labe selibacindezela ngaphandle kwesizathu.”
5 “Yini okufanele ngiyenze lapha?” kusho uJehova.
“Ngoba abantu bami bathathwa mahhala.
Labo abababusayo balokhu bebaklolodelela ngakho,” + kusho uJehova,“Njalo, usuku lonke, igama lami liphathwa ngendelelo. +
6 Ngenxa yalokho abantu bami bayolazi igama lami; +Bayokwazi ngalolo suku ukuthi Yimi okhulumayo.
Bheka Yimi!”
7 Ave zizinhle ezintabeni izinyawo zalowo oletha izindaba ezinhle, +Lowo omemezela ukuthula, +Oletha izindaba ezinhle zokuthile okungcono,Omemezela insindiso,Lowo othi kulo iZiyoni: “UNkulunkulu wakho useyiNkosi!” +
8 Lalela! Abalindi bakho bayamemeza.
Bamemeza ngenjabulo kanyekanye,Ngoba bayobona ngokucacile* lapho uJehova eqoqa iZiyoni elibuyisa.
9 Thokozani, memezani ngenjabulo kanyekanye, nina manxiwa aseJerusalema, +Ngoba uJehova ubaduduzile abantu bakhe; + ulihlengile iJerusalema. +
10 UJehova wembule ingalo yakhe engcwele phambi kwazo zonke izizwe; +Yonke imikhawulo yomhlaba iyoyibona insindiso* kaNkulunkulu wethu. +
11 Sukani, sukani, phumani lapho, + ningathinti lutho olungcolile! +
Phumani kulo, + zigcineni nihlanzekile,Nina enithwala izitsha zikaJehova. +
12 Ngeke niphume nithukile,Ngeke kudingeke nibaleke,Ngoba uJehova uyohamba phambi kwenu, +UNkulunkulu ka-Israyeli uyoniqapha ngemuva kwenu. +
13 Bheka! Inceku yami + iyokwenza ngokuqonda.
Iyophakanyiselwa phezulu,Iyokhushulwa, iphakanyiswe kakhulu. +
14 Njengoba babebaningi abayigqolozela bemangele—Ngoba yonakaliswa ngaphezu kwanoma yimuphi umuntuNobuhle bayo bonakaliswa ngaphezu kobuhle babantu—
15 Nayo iyokwethusa izizwe eziningi. +
Amakhosi ayophelelwa amazwi* lapho eyibona, +Ngoba ayobona ayengakutshelwangaAcabange ngalokho ayengakuzwanga. +