U-Isaya 13:1-22
13 Isimemezelo esimelene neBhabhiloni + u-Isaya + indodana ka-Amozi asibona embonweni:
2 “Phakamisani isibonakaliso *+ phezu kwentaba yamadwala angenalutho.
Bamemezeni, baqhwebeni ngesandla,Ukuze beze bangene ngeminyango yezicukuthwane.
3 Ngikhiphe umyalo kulabo engibakhethile. *+
Ngibize amaqhawe ami ukuze ngibonise intukuthelo yami,Abantu bami bajabula ngokuziqhenya.
4 Lalela! Isixuku ezintabeni;Kuzwakala sengathi abantu abaningi!
Lalela! Ukuxokozela kwemibuso,Kwezizwe ezibuthene ndawonye! +
UJehova wamabutho ubutha ibutho lempi. +
5 Bavela ezweni elikude, +Emkhawulweni wamazulu,UJehova nezikhali zolaka lwakhe bayeza,Ukuze bachithe umhlaba wonke. +
6 Khalani kakhulu, ngoba usuku lukaJehova luseduze!
Luzofika njengembubhiso evela kuMninimandla Onke. +
7 Yingakho zonke izandla ziyoyetha,Inhliziyo yawo wonke umuntu iyoshaywa uvalo. +
8 Abantu bethukile. +
Babanjwe yinkwantshu nezinhlungu,Njengowesifazane osikwayo.
Bayabhekana beshaqekile,Ubuso bugcwele usizi.
9 Bheka! Usuku lukaJehova luyeza,Lunonya oluhambisana nolaka nentukuthelo evuthayo,Ukuze lenze izwe libe yinto eshaqisayo, +Lubhuqe nezoni zezwe ziphele kulo.
10 Ngoba izinkanyezi zamazulu nemilaza* yazo *+Ngeke kukhanyise;Ilanga liyoba mnyama lapho liphuma,Nenyanga ngeke ikhanyise.
11 Ngizowujezisa umhlaba ngenxa yobubi bawo, +Nababi ngenxa yesiphambeko sabo.
Ngizokuqeda ukuziqhenya kwabaqhoshayo,Ngithobise nomashiqela abaziphakamisayo. +
12 Ngizokwenza ukuba umuntu ofayo abe yivelakancane kunegolide elicwengiwe, +Abantu babe yivelakancane kunegolide lase-Ofiri. +
13 Yingakho ngizobangela ukuba amazulu athuthumele,Nomhlaba uyozamazama usuke endaweni yawo +Ngenxa yolaka lukaJehova wamabutho ngosuku lwentukuthelo yakhe evuthayo.
14 Njengenyamazane ezingelwayo nanjengomhlambi wezimvu ongenamuntu owuqoqayo,Yilowo nalowo uyobuyela kubantu bakubo;Yilowo nalowo uyobalekela ezweni lakubo. +
15 Noma ubani otholakalayo uyogwazwa,Nanoma ubani obanjwayo uyobulawa ngenkemba. +
16 Abantwana babo bayophahlazwa phambi kwamehlo abo, +Izindlu zabo ziyophangwa,Nomkabo bayodlwengulwa.
17 Bheka ngibavusela amaMede ukuba abahlasele, +Lawo abheka isiliva njengelingeluthoAngajatshuliswa yigolide.
18 Iminsalo yawo iyophahlaza izinsizwa; +Ngeke abe naluzwela ngesithelo sesisuNgeke abe nasihe ezinganeni.
19 IBhabhiloni, umbuso okhazimula kakhulu, *+Ubuhle nokuziqhenya kwamaKhaledi, +Liyoba njengeSodoma neGomora lapho uNkulunkulu ebabhubhisa. +
20 Ngeke liphinde lakhiwe,Ngeke kuphinde kuhlalwe kulo izizukulwane ngezizukulwane. +
Akekho umArabhu oyogxumeka itende lakhe khona,Abekho abelusi abayodedela imihlambi yabo ilale khona.
21 Izilwane zasogwadule ziyolala khona;Izindlu zakhona ziyogcwala izikhova.
Izintshe ziyohlala khona, +Nezimbuzi zasendle* ziyotshakadula khona.
22 Izilwane ezihewulayo ziyohewula emibhoshongweni yalo,Nezimpungushe ezigodlweni zalo ezinhle.
Usuku lwalo luseduze, izinsuku zalo zibaliwe.” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “isigxobo esiwuphawu.”
^ NgesiHebheru, “abangcwelisiwe.”
^ Amaqoqo ezinkanyezi.
^ NgesiHebheru, “namaKhesili azo,” cishe kushiwo i-Oriyoni namanye amaqoqo ezinkanyezi ayizungezile.
^ Noma, “umhlobiso wemibuso.”
^ Noma kungaba, “Namademoni amise okwezimbuzi.”