UHoseya 9:1-17
9 “O Israyeli, ungathokozi, +Ungenzi ngendlela ebonisa injabulo njengezizwe.
Ngoba uphambukile kuNkulunkulu wakho ngenxa yobufebe. *+
Uye wathanda inkokhelo yobufebe kuzo zonke izibuya zokudla okusanhlamvu. +
2 Kodwa isibuya nesikhamo sewayini ngeke kubondle,Iwayini elisha liyomdumaza. +
3 Ngeke baqhubeke behlala ezweni likaJehova; +Kunalokho, u-Efrayimi uyobuyela eGibhithe,E-Asiriya bayodla okungcolile. +
4 Ngeke besathululela iminikelo yewayini kuJehova; +Imihlatshelo yabo ngeke imjabulise. +
Injengesinkwa esidliwa lapho kushone umuntu;Bonke abasidlayo bayozingcolisa.
Ngoba isinkwa sabo singesabo bodwa;Ngeke singene endlini kaJehova.
5 Niyokwenzenjani ngosuku lomhlangano,Ngosuku lomkhosi kaJehova?
6 Ngoba bheka! kuyodingeka babaleke ngenxa yembubhiso. +
IGibhithe liyobaqoqela ndawonye, + iMemfisi libangcwabe. +
Izinto zabo zesiliva eziyigugu ziyothathwa izimbabazane,*Ematendeni abo kuyoba nezihlahla ezinameva.
7 Ziyofika izinsuku zokwahlulelwa, +Ziyofika izinsuku zokujeziswa,U-Israyeli uyokwazi lokho.
Umprofethi wabo uyoba isiwula, umuntu othi ukhuluma okuvela kuNkulunkulu uyohlanya;Ngenxa yobuningi beziphambeko zakho, uzondwa kakhulu.”
8 Umlindi + ka-Efrayimi wayenoNkulunkulu wami. +
Kodwa manje zonke izindlela zabaprofethi bakhe + zinjengezicupho zomcuphi wezinyoni;Kukhona inzondo endlini kaNkulunkulu wakhe.
9 Bangene shi encithakalweni, njengasezinsukwini zaseGibheya. +
Uyosikhumbula isiphambeko sabo, ajezise izono zabo. +
10 “U-Israyeli ngamthola njengamagilebhisi ehlane. +
Okhokho benu ngababona njengamakhiwane avele kuqala esihlahleni somkhiwane.
Kodwa baya kuBhali wasePheyori; +Bazinikela entweni* eyihlazo, +Baba abanengekayo njengale nto abayithandayo.
11 Inkazimulo ka-Efrayimi indiza ihambe njengenyoni;Akukho kukhulelwa, akukho kubeletha. +
12 Ngisho noma bekhulisa izingane,Ngiyobaphuca zona kungasali muntu; +Yebo, maye kubo lapho ngibafulathela! +
13 U-Efrayimi, otshalwe edlelweni, wayenjengeThire + kimi;Manje u-Efrayimi kumelwe akhiphe amadodana akhe ukuze azobulawa.”
14 O Jehova, banike lokho okufanele ubanike kona;
Mabaphuphunyelwe isisu futhi babe namabele angenalo ubisi.*
15 “Bonke ububi babo babuseGiligali, + ngoba ngabazonda lapho.
Ngenxa yezenzo zabo ezimbi ngizobaxosha endlini yami. +
Ngeke ngisabathanda; +Zonke izikhulu zabo zinenkani.
16 U-Efrayimi uyowiswa. +
Impande yakhe iyokoma, ngeke athele.
Ngisho noma ezala, ngiyoyibulala inzalo yakhe eyigugu.”
17 UNkulunkulu wami uyobenqaba,Ngoba abamlalelanga, +Bayoba ababaleki phakathi kwezizwe. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “yokuziphatha kabi.”
^ Noma, “izimbati.”
^ Noma, “kunkulunkulu.”
^ Noma, “ashwabene.”