UHoseya 2:1-23
2 “Anothi kubafowenu, ‘Abantu bami!’ *+
Kodadewenu nithi, ‘O wena wesifazane oboniswe isihe!’ *+
2 Msoleni unyoko; msoleni,Ngoba akayena umkami + nami angiyena umyeni wakhe.
Kufanele ayeke ukufebaAsuse nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,
3 Ngale kwalokho ngizomhlubula abe nqunu, ngimenze abe njengasosukwini lokuzalwa kwakhe,Ngimenze abe njengehlane,Ngimnciphise abe yizwe elingenamanzi,Ngimenze abulawe ukoma.
4 Ngeke ngiwabonise isihe amadodana akhe,Ngoba angamadodana obufebe.*
5 Ngoba unina wenze ubufebe. *+
Lowo owawakhulelwa wenze ngokuhlazisayo, + ngoba uthe,‘Ngizolandela izithandwa zami ezingikhanukelayo, +Labo abanginika isinkwa namanzi,Uboya nelineni, amafutha nesiphuzo.’
6 Ngakho indlela yakhe ngiyoyivimba ngameva;Ngiyophakamisa udonga lwamatshe lumvimbe,Ukuze angazitholi izindlela zakhe.
7 Uyogijima alandele izithandwa zakhe ezimkhanukelayo, kodwa ngeke azifice; +Uyozifuna, kodwa ngeke azithole.
Uyobe esethi, ‘Ngizobuyela kumyeni wami, *+Ngoba kwakungihambela kahle ngaleso sikhathi kunamanje.’ +
8 Akazange abone ukuthi yimi owayemnika ukudla okusanhlamvu, + iwayini elimnandi namafutha,Nokuthi yimi owayemnika isiliva eliningiNegolide ababelisebenzisela uBhali. +
9 ‘Ngakho ngizobuya ngithathe ukudla kwami okusanhlamvu ngesikhathi sakoNewayini lami elimnandi ngenkathi yalo, +Ngizohlwitha uboya bami nelineni lami okwakuzomboza ubunqunu bakhe.
10 Manje ngizokwembula izitho zakhe zangasese phambi kwezithandwa zakhe ezimkhanukelayo,Akunamuntu oyomsindisa esandleni sami. +
11 Ngizoyiqeda yonke injabulo yakhe,Imikhosi yakhe, + ukwethwasa kwezinyanga zakhe, amasabatha akhe nazo zonke izinkathi zakhe zemikhosi.
12 Ngizozenza zibe incithakalo izihlahla zakhe zamagilebhisi nezomkhiwane, athe ngazo:
“Ziwumholo wami, engiwunikwe izithandwa zami ezingikhanukelayo”;Ngizozenza zibe yihlathi,Izilwane zasendle zizozishwabadela.
13 Ngizomenza alandise ngezinsuku ayenzela ngazo izithombe zikaBhali imihlatshelo, +Ngesikhathi ezihlobisa ngezindandatho zakhe nangemihlobiso yakhe, elandela nezithandwa zakhe ezimkhanukelayo,Yimina amkhohlwa,’ + kusho uJehova.
14 ‘Ngakho ngizomncenga,Ngizomholela ehlane,Ngizokhuluma naye ukuze ngizuze inhliziyo yakhe.
15 Ngizombuyisela amasimu akhe amagilebhisi kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, +ISigodi* Sase-Akori + siyoba isango lethemba kuye;Uyophendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe,Njengasosukwini aphuma ngalo ezweni laseGibhithe. +
16 Ngalolo suku,’ kusho uJehova,‘Wena uyongibiza ngokuthi, myeni wami, ngeke usangibiza ngokuthi nkosi yami.’*
17 ‘Ngiyowasusa amagama ezithombe zikaBhali emlonyeni wakhe, +Ngeke zisakhunjulwa ngamagama azo. +
18 Ngalolo suku, ngiyobenzela isivumelwano nezilwane zasendle +Nezinyoni zamazulu nezinto ezihuquzelayo zasemhlabathini; +Ngiyowuqeda umnsalo nenkemba nempi ezweni, +Ngiyobenza balale* ngokulondeka. +
19 Ngiyokwenza ube umakoti wami kuze kube phakade;Ngiyozinikela ekukuboniseni ukulunga nobulungisa,Ngothando oluqotho nangesihe. +
20 Ngiyozinikela kuwe ngokwethembeka,Nakanjani uyomazi uJehova.’ +
21 ‘Ngalolo suku ngiyophendula,’ kusho uJehova,‘Ngiyophendula amazulu,Wona aphendule umhlaba; +
22 Umhlaba uyophendula ukudla okusanhlamvu newayini elisha namafutha;Kona kuyophendula uJizreyeli. *+
23 Ngiyozihlwanyelela yena njengembewu emhlabathini, +Ngiyombonisa isihe yena ongaboniswanga isihe;*Ngiyothi kulabo abangebona abantu bami:* “Ningabantu bami,” +
Bona, bayothi: “UnguNkulunkulu wami.” ’ ” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “okuziphatha okubi.”
^ Noma, “uziphathe kabi.”
^ Noma, “kumyeni wami wokuqala.”
^ Noma, “IThafa Eliphansi.”
^ Noma, “Bhali wami.”
^ Noma, “Ngiyobavumela baphile.”
^ Incazelo: “UNkulunkulu Uyohlwanyela Imbewu.”