UHoseya 10:1-15
10 “U-Israyeli uyisihlahla samagilebhisi esiwohlokayo* esithela izithelo. +
Lapho izithelo zakhe zanda, kuba yilapho andisa khona ama-altare akhe; +Lapho izwe lakhe likhiqiza kahle, kuba yilapho izinsika zakhe ezingcwele ziba zinhle khona. +
2 Inhliziyo yakhe iyazenzisa;Manje uzotholakala enecala.
Ukhona oyowaphula ama-altare akhe aphihlize nezinsika zakhe.
3 Manje uzothi, ‘Asinayo inkosi + ngoba asizange simesabe uJehova.
Inkosi ingasenzelani?’
4 Bakhuluma amazwi angathi shu, benze izifungo zamanga + nezivumelwano;Ngakho isahlulelo esihlumayo sifana nokhula oluwushevu olusemiseleni yensimu. +
5 Abahlala eSamariya bayokwesaba ngenxa yesithixo sethole saseBheti-aveni. +
Abantu bakhona bayosililela,Kanjalo nabapristi balo bonkulunkulu bezinye izizwe ababejabula ngaso nangenkazimulo yaso,Ngoba iyosuka kubo iye ekudingisweni.
6 Siyolethwa e-Asiriya sibe isipho senkosi enkulu. +
U-Efrayimi uyothelwa ngehlazo,U-Israyeli uyoba namahloni ngenxa yeseluleko asilandelile. +
7 Nakanjani iSamariya nenkosi yalo bayoqothulwa, *+Njengehlumela elinqamukile elisemanzini.
8 Izindawo eziphakeme zaseBheti-aveni, + eziyisono sika-Israyeli, + ziyobhuqwa. +
Kuyomila ameva nokhula ema-altare azo. +
Abantu bayothi ezintabeni, ‘Simbozeni!’
Emagqumeni bathi, ‘Welani phezu kwethu!’ +
9 O Israyeli, kusukela ezinsukwini zaseGibheya wonile. +
Abantu baqhubeka benza isono esifanayo.
Impi ayizange iwaqothule* amadodana okungalungi eGibheya.
10 Ngiyowayala futhi lapho sengithanda.
Izizwe ziyoqoqana zimelane nawoLapho iziphambeko zawo ezimbili ziboshelwa kuwo.*
11 U-Efrayimi wayeyisithole esiqeqeshiwe esithanda ukubhula,Ngakho ngasindisa intamo yaso enhle.
Manje ngiyokwenza othile agibele* u-Efrayimi. +
UJuda uyolima; uJakobe uyomhlelembela umhlabathi.
12 Zihlwanyeleleni imbewu ngokulunga nivune uthando oluqotho.
Zilimeleni umhlabathi ovundile +Kusenesikhathi sokufuna uJehova, +Aze afike anifundise ngokulunga. +
13 Kodwa nilime ububi,Nivune ukungalungi, +Nidle izithelo zenkohliso;Ngoba nithembele endleleni yenu,Emaqhaweni enu amaningi.
14 Kuyovuka isiyaluyalu ngokumelene nabantu bakho,Amadolobha enu anezivikelo eziqinile ayobhujiswa wonke +Njengokubhujiswa kwendlu ka-Aribeli nguShalimani,Ngosuku lwempi lapho omama bephihlizwa beba izicucu eceleni kwezingane zabo.
15 Yilokhu okuyokwenziwa kuwe Bhethele + ngenxa yobubi bakho obedlulele.
Ekuntweleni kokusa nakanjani inkosi yakwa-Israyeli iyoqothulwa.” *+
Imibhalo yaphansi
^ Noma kungaba, “esenabayo.”
^ NgesiHebheru, “bayothuliswa.”
^ Noma, “iwafice.”
^ Okuwukuthi, lapho bethwala isijeziso sabo njengejoka.
^ Noma, “abophele.”
^ NgesiHebheru, “iyothuliswa.”