UHezekeli 19:1-14
-
Ingoma yokulila yezikhulu zakwa-Israyeli (1-14)
19 “Kumelwe ucule ingoma yokulila ngokuphathelene nezikhulu zakwa-Israyeli
2 uthi,‘Wayenjani unyoko? Wayeyibhubesi lensikazi phakathi kwamabhubesi.
Walala phansi phakathi kwamabhubesi anamandla,* wakhulisa amawundlu akhe.
3 Wakhulisa elinye lamawundlu akhe, laba ibhubesi elinamandla. +
Lafunda ukudwengula inyamazane,Laze lashwabadela ngisho nabantu.
4 Izizwe zezwa ngalo zalibamba zalifaka emgodini wazo,Zaliletha ezweni laseGibhithe ngamahhuku. +
5 Walinda, waze wagcina esephelelwa ithemba lokuthi lizobuya.
Ngakho wathatha elinye lamawundlu akhe, walithumela ngaphandle seliyibhubesi elinamandla.
6 Lalizulazula phakathi kwamabhubesi, laba ibhubesi elinamandla.
Lafunda ukudwengula inyamazane, laze lashwabadela ngisho nabantu. +
7 Lalicathama phakathi kwemibhoshongo yabo eqinile namadolobha ayincithakalo,Kangangokuba izwe eliyincithakalo lagcwala umsindo wokubhonga kwalo. +
8 Izizwe ezivela ezigodini ezilizungezile zeza zamelana nalo futhi zelulela inethi lazo phezu kwalo,Labanjwa emgodini wazo.
9 Zalifaka ekhejini ngamahhuku zaliletha enkosini yaseBhabhiloni.
Zafike zalivalela lapho, ukuze izwi lalo lingabe lisazwakala ezintabeni zakwa-Israyeli.
10 Unyoko wayenjengesihlahla samagilebhisi + egazini lakho,* esitshalwe ngasemanzini.
Sathela izithelo futhi sasigcwele amagatsha ngenxa yamanzi amaningi.
11 Saba namagatsha* aqinile angaba izintonga zababusi.
Sakhula saba side kakhulu sedlula ezinye izihlahla,Sagqama ngenxa yobude baso nangenxa yobuningi bamahlamvu aso.
12 Kodwa wasishulwa ngolaka olukhulu, +Umoya wasempumalanga wazomisa izithelo zakhe.
Amagatsha akhe aqinile aphulwa oma, + umlilo wawashwabadela. +
13 Manje utshalwe ehlane,Ezweni elingenamanzi nelomile. +
14 Kwaphuma umlilo emagatsheni* akhe washwabadela izithombo zakhe nezithelo zakhe,Kwangasala gatsha eliqinile nantonga yokubusa. +
“ ‘Leyo ingoma yokulila futhi iyoba ingoma yokulila esikhathini esizayo.’ ”
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “anomhlwenga.”
^ Noma kungaba, “ensimini yakho yamagilebhisi.”
^ Noma, “nezinduku.”
^ Noma, “ezindukwini.”