KwabaseGalathiya 5:1-26
5 UKristu wasikhululela inkululeko enjalo. Ngakho-ke yimani niqine, + ningazivumeli ukuba niphinde niboshelwe ejokeni lobugqila. +
2 Lalelani! Mina Pawulu, nginitshela ukuthi uma nisokwa, uKristu ngeke abe nanzuzo yalutho kini. +
3 Ngiyafakaza futhi kuwo wonke umuntu osokayo ukuthi ungaphansi kwesibopho sokuwugcina wonke uMthetho. +
4 Nihlukanisiwe noKristu, nina enizama ukuba kuthiwe nilungile ngomthetho; + nidediselwe kude nomusa wakhe omkhulu.
5 Thina ngomoya silindele ngokulangazela ukulunga esinethemba lokukuthola njengomphumela wokholo.
6 Ngoba kulabo abamunye noKristu Jesu, ukusoka nokungasoki akubaluleke ngalutho, + kodwa ukholo olusebenza ngothando yilo olubalulekile.
7 Nanigijima kahle. + Ubani onithiyile ukuba ningaqhubeki nilalela iqiniso?
8 Lolu hlobo lokuthonya aluveli kuLowo onibizayo.
9 Imvubelo encane ibilisa yonke inhlama. +
10 Ngiyaqiniseka ukuthi nina enimunye neNkosi + ngeke nicabange okuhlukile; kodwa lowo onibangela inkathazo + uyothola isahlulelo esimfanele kungakhathaliseki ukuthi ungubani.
11 Kodwa mina bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, kungani ngisashushiwa? Isikhubekiso sesigxobo sokuhlushwa *+ sisusiwe.
12 Ngifisa sengathi laba bantu abazama ukunihlupha bangasusa izitho zabo zokuzala.*
13 Nabizelwa enkululekweni bazalwane; kuphela nje ningayisebenzisi le nkululeko njengethuba lokulandela izifiso zenyama, + kodwa ngothando yibani izinceku zomunye nomunye. +
14 Ngoba wonke uMthetho ugcwalisekile* emyalweni owodwa, othi: “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” +
15 Nokho, uma niqhubeka nilumana futhi nishwabadelana, + xwayani ukuba ningaqothulani. +
16 Kodwa ngithi, Qhubekani nihamba ngomoya, + ngeke neze nifeze izifiso zenyama. +
17 Ngoba inyama imelene nomoya ekufiseni kwayo, nomoya umelene nenyama; lokhu kuyaphikisana, kangangokuthi zona kanye izinto enithanda ukuzenza anizenzi. +
18 Ngaphezu kwalokho, uma niholwa umoya, anikho ngaphansi komthetho.
19 Imisebenzi yenyama ibonakala ngokucacile, iwukuziphatha kabi ngokocansi, *+ ukungcola, ukuziphatha kabi okuhambisana nendelelo, *+
20 ukukhonza izithixo, + ukusebenzisa imimoya,* ubutha, ukuxabana, umhawu, ulaka, imibango, ukuhlukana, amaqembu enkolo,*
21 umona, ukudakwa, + imicimbi* exokozelayo, nezinto ezifana nalezi. + Nginixwayisa kusengaphambili ngalezi zinto, njengoba nje nganixwayisa, ukuthi labo abenza izinto ezinjalo ngeke balizuze ifa loMbuso kaNkulunkulu. +
22 Ngakolunye uhlangothi, izithelo zomoya ziluthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, + ukholo,
23 ubumnene, ukuzithiba. + Akukho mthetho omelene nezinto ezinjalo.
24 Ngaphezu kwalokho, labo abangabakaKristu Jesu babethele esigxotsheni inyama kanye nezinkanuko nezifiso zayo. +
25 Uma siphila ngomoya, masiqhubeke futhi sihamba ngokuhlelekile ngomoya. +
26 Masingabi abazazisayo, + sibhebhezela ukuncintisana, + sifelana umona.
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “bangaba abathenwa,” ngaleyo ndlela bangabe besafaneleka ukwenza wona kanye umthetho abathi mawenziwe.
^ Noma kungaba, “ufingqwe.”
^ NgesiGreki, i-por·neiʹa. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “ukuziphatha okuyichilo.” NgesiGreki, a·selʹgei·a. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “ukuthakatha.”
^ Noma, “ukulandela izimfundiso zabantu.”
^ Noma, “amaphathi.”