U-Esteri 5:1-14
5 Kwathi ngosuku lwesithathu + u-Esteri wagqoka izingubo zasebukhosini, wayesema egcekeni elingaphakathi lendlu yenkosi,* eliqondene nendlu yenkosi, ngesikhathi inkosi ihlezi esihlalweni sayo sobukhosi endlini yobukhosi maqondana nomnyango.
2 Lapho nje inkosi ibona iNdlovukazi u-Esteri imi egcekeni, yathola umusa enkosini, futhi inkosi yelulela ku-Esteri intonga yayo yegolide + eyayisesandleni sayo. U-Esteri wayesesondela wathinta isihloko sentonga.
3 Inkosi yambuza: “Ukhala ngani, Esteri ndlovukazi? Siyini isicelo sakho? Ngisho noma kungaba uhhafu wombuso wami, uzonikwa wona!”
4 U-Esteri waphendula: “Uma kukuhle enkosini, inkosi mayize noHamani + namuhla edilini engiyilungiselele lona.”
5 Ngakho inkosi yathi kubantu bayo: “Tshelani uHamani ukuba eze ngokushesha ngokwesicelo sika-Esteri.” Ngakho inkosi noHamani baya edilini elalenziwe u-Esteri.
6 Phakathi nedili lewayini, inkosi yathi ku-Esteri: “Ukhala ngani? Uzonikwa kona! Siyini isicelo sakho? Ngisho noma kungaba uhhafu wombuso wami, uzonikwa wona!” +
7 U-Esteri waphendula: “Engikhala ngakho nesicelo sami ukuthi,
8 Uma ngithole umusa enkosini futhi uma kukuhle enkosini ukunginika engikhala ngakho nokwenza ngokwesicelo sami, inkosi noHamani mabeze edilini engizobenzela lona kusasa; kusasa ngizokwenza njengokusho kwenkosi.”
9 Ngalolo suku uHamani waphuma ejabula futhi inhliziyo yakhe yeneme. Kodwa lapho uHamani ebona uMoridekayi esangweni lenkosi ephawula nokuthi akasukumi futhi akethuki ngenxa yakhe, uHamani wamthukuthelela kakhulu uMoridekayi. +
10 Nokho, uHamani wazithiba futhi waya endlini yakhe. Wabe esethumela ukuba kubizwe abangane bakhe noZereshi + umkakhe.
11 UHamani waqhosha ngobuningi bengcebo yakhe, ngamadodana akhe amaningi + nangendlela inkosi eyayimphakamise ngayo neyayimenze ngayo waba ngaphezu kwezikhulu nezinceku zenkosi. +
12 UHamani wanezela: “Ngaphezu kwalokho, iNdlovukazi u-Esteri ayimemanga muntu ngaphandle kwami ukuba ahambe nenkosi aye edilini elenzile. + Nakusasa ngimenyiwe ukuba ngibe nayo kanye nenkosi. +
13 Kodwa konke lokhu akunganelisi uma nje ngisabona uMoridekayi umJuda ehlezi esangweni lenkosi.”
14 Ngakho uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe bathi kuye: “Misa isigxobo esingaba amamitha angu-22,3* ukuphakama. Bese kuthi ekuseni utshele inkosi ukuthi uMoridekayi kufanele alengiswe kuso. + Ngemva kwalokho ungene edilini uzijabulise nenkosi.” Lokhu kwathandeka kuHamani, ngakho wasimisa isigxobo.