AmaHubo 89:1-52
Imaskili.* Elika-Ethani + umEzra.
89 Ngizohlabelela ngezenzo zikaJehova zothando oluqotho kuze kube phakade.
Ngomlomo wami ngizoxoxela zonke izizukulwane ngokuthembeka kwakho.
2 Ngoba ngithe: “Uthando oluqotho luyohlala* kuze kube phakade, +Ukumise kwaqina ukuthembeka kwakho emazulwini.”
3 “Ngenze isivumelwano noDavide inceku yami engiyikhethile; +Ngifungile kuye ngathi: +
4 ‘Inzalo* yakho ngiyoyimisa iqine + kuze kube phakade,Ngiyosiqinisa isihlalo sakho sobukhosi kuzo zonke izizukulwane.’ ” + (Sela)
5 O Jehova, amazulu ayazidumisa izenzo zakho ezimangalisayo,Yebo, ukwethembeka kwakho ebandleni labangcwele.
6 Ngoba ubani esibhakabhakeni ongaqhathaniswa noJehova? +
Ubani ofana noJehova phakathi kwamadodana kaNkulunkulu? +
7 UNkulunkulu uyesabeka emhlanganweni wabangcwele; +Mkhulu futhi uyesabeka kubo bonke abamzungezile. +
8 O Jehova Nkulunkulu wamabutho,Ubani onamandla njengawe Jah? +
Uthembeke kuzo zonke izinto. +
9 Ubusa phezu kolwandle olugubhayo; +Lapho amagagasi alo eba namandla, wena uyawazolisa. +
10 Umnqobe ngokuphelele uRahabi *+ wambulala. +
Ngamandla akho* uzihlakazile izitha zakho. +
11 Amazulu angawakho, nomhlaba ungowakho; +Izwe nalokho okuligcwalisile +—wena ukwenzile.
12 Inyakatho neningizimu—nguwe owakudala;IThabori + neHermoni + kudumisa igama lakho ngenjabulo.
13 Ingalo yakho inamandla; +Isandla sakho sinamandla; +Isandla sakho sokudla siphakeme. +
14 Ukulunga nobulungisa kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi; +Uthando oluqotho nokuthembeka kuphambi kwakho. +
15 Bayajabula abantu abakwaziyo ukumemeza ngenjabulo. +
O Jehova, baqhubeka behamba nawe, bathola umusa wakho.
16 Usuku lonke bajabula ngegama lakho,Bayaphakanyiswa ngokulunga kwakho.
17 Ngoba wena uyinkazimulo yabo namandla abo, +Ngentando yakho amandla ethu* ayaphakanyiswa. +
18 Ngoba ihawu lethu livela kuJehova,Inkosi yethu ivela koNgcwele ka-Israyeli. +
19 Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kwabaqotho bakho, wathi:
“Nginike iqhawe amandla; +Ngiphakamise okhethiwe phakathi kwabantu. +
20 Ngithole uDavide inceku yami; +Ngimgcobe ngamafutha ami angcwele. +
21 Isandla sami siyomsekela, +Nengalo yami iyomqinisa.
22 Akukho sitha esiyomkhokhisa intela,Akukho ndoda engalungile eyomcindezela. +
23 Izitha zakhe ngizoziphihliza zibe yizicucu phambi kwakhe +Ngibabulale labo abamzondayo. +
24 Ukwethembeka kwami nothando lwami oluqotho kukanye naye, +Amandla akhe ayokwanda* ngenxa yegama lami.
25 Ngiyomnika igunya* phezu kolwandleNgimnike igunya phezu kwemifula. +
26 Yena uyongibiza athi: ‘Wena unguBaba,UNkulunkulu wami neDwala lensindiso yami.’ +
27 Ngiyombeka abe yizibulo, +Aphakame kunawo wonke amakhosi omhlaba. +
28 Ngiyombonisa uthando lwami oluqotho kuze kube phakade, +Nesivumelwano sami naye asisoze sanqamuka. +
29 Ngiyoyimisa phakade inzalo* yakheNgenze isihlalo sakhe sobukhosi sihlale njengamazulu. +
30 Uma amadodana akhe eshiya umthetho wamiEngahambi ngezahlulelo zami,*
31 Uma ephula imithetho yamiEngayigcini imiyalo yami,
32 Khona-ke ngiyowajezisa ngenduku ngenxa yokungalaleli* kwawo +Nangemivimbo ngenxa yesiphambeko sawo.
33 Kodwa angisoze ngayeka ukumbonisa uthando oluqotho +Noma ngephule isithembiso sami.*
34 Ngeke ngisephule isivumelwano sami, +Noma ngishintshe amazwi aphume emlonyeni wami. +
35 Ngifunge ubungcwele bami futhi ngeke ngishintshe;Ngeke ngiwaqambe amanga kuDavide. +
36 Inzalo* yakhe iyohlala kuze kube phakade; +Isihlalo sakhe sobukhosi siyohlala njengelanga phambi kwami. +
37 Siyomiswa siqine njengenyanga kuze kube phakadeNjengofakazi othembekile esibhakabhakeni.” (Sela)
38 Kodwa wena uqobo umlahlile futhi wamala; +Umthukuthelele ogcotshiwe wakho.
39 Usichithile isivumelwano osenze nenceku yakho;Ungcolise umqhele wayo ngokuwujikijela emhlabathini.
40 Uzibhidlizile zonke izindonga* zayo zamatshe;Uzenze zaba yincithakalo izinqaba zayo.
41 Bonke abadlula ngendlela bayiphangile;Iyisihlamba komakhelwane bayo. +
42 Ubangele ukuba izitha zayo zinqobe; *+Ubangele zonke izitha zayo ukuba zijabule.
43 Wenze ukuba inkemba yayo ingasebenzi,Awuyivumelanga ukuba inqobe empini.
44 Ubuqedile ubukhazikhazi bayoIsihlalo sayo sobukhosi wasijikijela phansi emhlabathini.
45 Uzinciphisile izinsuku zobusha bayo;Uyembathise ngamahloni. (Sela)
46 O Jehova, kuyoze kube nini uzifihlile? Kuyoze kube phakade? +
Ingabe ulaka lwakho luzolokhu luvutha njengomlilo?
47 Khumbula ukuthi kufushane kangakanani ukuphila kwami! +
Ingabe bonke abantu wabadala ngaphandle kwesizathu?
48 Yimuphi umuntu ongaphila angafi? +
Angakwazi yini ukuzisindisa* emandleni eThuna?* (Sela)
49 O Jehova, ziphi izenzo zakho zangaphambili zothando oluqotho,Owafunga ngazo kuDavide ngokuthembeka kwakho? +
50 O Jehova, khumbula ukuklolodelwa kwezinceku zakho;Indlela okwakufanele ngibekezelele ngayo* ukuklolodelwa yizo zonke izizwe;
51 O Jehova, indlela izitha zakho ezidelele ngayo;Indlela ezidelele ngayo izinyathelo zogcotshiwe wakho.
52 Makadunyiswe uJehova kuze kube phakade. Amen, Amen. +
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “luyokwakhiwa.”
^ NgesiHebheru, “Imbewu.”
^ NgesiHebheru, “Ngengalo yakho enamandla.”
^ Kungenzeka kushiwo iGibhithe noma uFaro wakhona.
^ NgesiHebheru, “uphondo lwethu.”
^ NgesiHebheru, “Uphondo lwakhe luyophakanyiswa.”
^ Noma, “Ngiyobeka isandla sakhe.”
^ NgesiHebheru, “imbewu.”
^ Noma, “ngemiyalo yami.”
^ Noma, “yokuvukela.”
^ NgesiHebheru, “Noma ngilahle ukuthembeka kwami.”
^ NgesiHebheru, “Imbewu.”
^ Noma, “izindlu.”
^ NgesiHebheru, “Uphakamise isandla sokudla sezitha zayo.”
^ Noma, “ukusindisa umphefumulo wakhe.”
^ Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ NgesiHebheru, “ngithwale ngayo esifubeni sami.”