AmaHubo 74:1-23
Imaskili.* Elika-Asafa. +
74 Kungani Nkulunkulu usilahlile kwaze kwaba phakade? +
Kungani intukuthelo yakho ivuthela* umhlambi wezimvu zedlelo lakho? +
2 Khumbula isizwe* owasikhetha kudala, +Isizwe owasikhulula ukuba sibe yifa lakho. +
Khumbula iNtaba iZiyoni obuhlala kuyo. +
3 Hamba uye endaweni ebhujiswe phakade. +
Isitha sicekele phansi yonke into esendaweni engcwele. +
4 Izitha zakho zibhongile phakathi endaweni yakho yokuhlangana. +
Zimise amafulege azo njengophawu.
5 Zaba njengabantu abagenca ihlathi eliminyene ngezimbazo.
6 Zaphihliza okuqoshiwe + kwendawo yokuhlangana ngembazo nangesando.
7 Zishise indlu yakho engcwele ngomlilo. +
Zangcolisa itabernakele elibizwa ngegama lakho, zalidilizela emhlabathini.
8 Zona nenzalo yazo zithe ezinhliziyweni zazo:
“Zonke izindawo zokuhlangana zikaNkulunkulu* kumelwe zishiswe ezweni.”
9 Akukho zimpawu ukuze sibone;Akusekho noyedwa umprofethi,Akekho noyedwa phakathi kwethu owaziyo ukuthi kuzoqhubeka kuze kube nini lokhu.
10 O Nkulunkulu, kuyoze kube nini isitha sikuklolodela? +
Ingabe isitha sizolokhu sidelela igama lakho kuze kube phakade? +
11 Kungani ugodla isandla sakho, isandla sakho sokudla? +
Sisuse esifubeni sakho,* ubabhubhise.
12 UNkulunkulu uyiNkosi yami kusukela kudala,Yena osindisayo emhlabeni. +
13 Wena wanyakazisa ulwandle ngamandla akho; +Waphihliza amakhanda ezilwane ezinkulu zasolwandle emanzini.
14 Wena waphihliza ikhanda* likaLeviyathani* laba yizicucu.
Walinika abantu ukuba balidle, labo abahlala ezindaweni ezisogwadule.
15 Wenza iziphethu nemifudlana; +Womisa imifula egeleza njalo. +
16 Imini ingeyakho nobusuku bungobakho.
Wena wenza ukukhanya* nelanga. +
17 Wamisa yonke imingcele yomhlaba; +Wenza ihlobo nobusika. +
18 Khumbula ukukloloda kwesitha, Jehova,Indlela abantu abayiziphukuphuku abalidelela ngayo igama lakho. +
19 Ungalinikeli ijuba lakho* esilwaneni sasendle.
Ungakukhohlwa unomphela ukuphila kwabantu bakho abahluphekile.
20 Khumbula isivumelwano,Ngoba izindawo ezimnyama zomhlaba sezigcwele ubudlova.
21 Kwangathi ocindezelekile angedumazeke; +Kwangathi ohluphekile nompofu bangadumisa igama lakho. +
22 Sukuma, Nkulunkulu, wenze ukuba kube nobulungisa.
Khumbula indlela isiphukuphuku esikuklolodela ngayo usuku lonke. +
23 Ungakukhohlwa lokho okushiwo izitha zakho.
Umsindo walabo abakuvukelayo unyuka njalo.
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ NgesiHebheru, “ishunqela.”
^ NgesiHebheru, “inhlangano yakho.”
^ Noma, “Zonke izindawo zokukhulekela uNkulunkulu.”
^ Noma, “Sikhiphe emphethweni wengubo yakho.”
^ NgesiHebheru, “amakhanda.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “inkanyiso.”
^ Noma, “Ungawunikeli umphefumulo wejuba lakho.”