AmaHubo 54:1-7
-
Umthandazo wokucela usizo lapho ephakathi kwezitha
-
“UNkulunkulu ungumsizi wami” (4)
-
Kumqondisi; kufanele lihambisane nezinsimbi zomculo ezinezintambo. Imaskili* likaDavide, lapho amaZifi efika kuSawule ethi: “UDavide ucashe endaweni yethu.” +
54 O Nkulunkulu, ngisindise ngegama lakho, +Ungivikele *+ ngamandla akho.
2 O Nkulunkulu, yizwa umthandazo wami; +Lalela amazwi omlomo wami.
3 Ngoba abantu engingabazi bayangivukela,Abantu abanonya bafuna ukungibulala. +
Abanandaba noNkulunkulu. *+ (Sela)
4 UNkulunkulu ungumsizi wami; +UJehova ukanye nalabo abangisekelayo.
5 Uyobuyisela izitha zami + ngobubi ezibenzile;Zibhubhise* ngenxa yokwethembeka kwakho. +
6 Ngizokwenzela umhlatshelo + ngokuzithandela.
O Jehova, ngizolidumisa igama lakho ngoba lihle. *+
7 Ngoba uyangikhulula kukho konke ukucindezeleka, +Ngiyozibona izitha zami lapho zinqotshwa. +
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “Ungimele ecaleni lami.”
^ Noma, “Abamgcini uNkulunkulu ephambi kwabo.”
^ NgesiHebheru, “Zithulise.”
^ Noma, “ngoba kuhle ukulidumisa.”