AmaHubo 53:1-6
Kumqondisi; ngendlela yokucula iMahalati.* Imaskili.* ElikaDavide.
53 Isiwula* sithi enhliziyweni yaso:
“Akekho uJehova.” +
Izenzo ezingalungile zabantu abayiziwula zonakele futhi ziyenyanyeka;Akekho owenza okuhle. +
2 Kodwa uNkulunkulu ubheka phansi kubantwana babantu esezulwini +Ukuze abone ukuthi ukhona yini onokuqonda, ukuthi ukhona yini ofuna uJehova. +
3 Bonke baphambukile;Bonke bonakele ngokufanayo.
Akekho owenza okuhle,Akekho ngisho noyedwa. +
4 Akekho yini kwabenza okubi oqondayo?
Bashwabadela abantu bami njengokungathi badla isinkwa.
Abambizi uJehova. +
5 Kodwa bayokwesaba kakhulu,Bayokwesaba ngendlela abangakaze besabe ngayo ngaphambili,*Ngoba uNkulunkulu uyowahlakaza amathambo alabo abahlasela u-Israyeli.*
U-Israyeli uyobahlaza ngoba uJehova ubalile.
6 O kwangathi insindiso ka-Israyeli ingavela eZiyoni! +
Lapho uJehova eqoqa abantu bakhe abathunjiwe ebabuyisa,Makajabule uJakobe, makathokoze u-Israyeli.
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “Ongenangqondo.”
^ Noma kungaba, “Bayokwesaba ibe ingekho into esabisayo.”
^ NgesiHebheru, “alabo abakanise ngokumelene nawe.”