AmaHubo 40:1-17
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
40 Ngathemba uJehova ngobuqotho,*Ngakho wangilalela,* wakuzwa ukukhalela kwami usizo. +
2 Wangikhipha emgodini onamanzi ahlokomayo,Odakeni olubishayo.
Wabeka izinyawo zami edwaleni;Wangihambisa emhlabathini owomile.
3 Wafaka ingoma entsha emlonyeni wami, +Ingoma yokudumisa uNkulunkulu wethu.
Abaningi bayokubona lokho uNkulunkulu akwenzile bamangale,Bathembele kuJehova.
4 Uyajabula umuntu othembela kuJehovaOngathembeli kubantu abadelelayo noma abakhohlisayo.*
5 Miningi imisebenzi yakho emangalisayo osenzele yona,Jehova Nkulunkulu wami,Ziningi izinto ozicabangayo ngathi. +
Akekho noyedwa ongaqhathaniswa nawe; +Ukube bengingazama ukulandisa nokukhuluma ngayo,
Ibiyoba miningi kakhulu ukuba ngingayibala! +
6 Awuzange uyifise* imihlatshelo neminikelo, +Kodwa uzivulile izindlebe zami ukuba ngizwe. +
Awuzange uwufune umnikelo oshiswayo nomnikelo wesono. +
7 Ngakho ngathi: “Bheka ngizile.
Kulotshiwe ngami emqulwini. *+
8 O Nkulunkulu wami, kuyangijabulisa* ukwenza intando yakho, +Nomthetho wakho usenhliziyweni yami. +
9 Ngimemezela izindaba ezinhle zokulunga ebandleni elikhulu. +
Bheka! Angizivali izindebe zami, +O Jehova, njengoba nje wazi kahle.
10 Angikumbozi ukulunga kwakho enhliziyweni yami.
Ngimemezela ukwethembeka kwakho nensindiso yakho.
Angilufihli uthando lwakho oluqotho neqiniso lakho ebandleni elikhulu.” +
11 O Jehova, ungangigodleli isihe sakho.
Kwangathi uthando lwakho oluqotho neqiniso lakho kungangiqapha njalo. +
12 Izinhlekelele ezingizungezile ziningi kakhulu ukuba ngingazibala. +
Iziphambeko zami eziningi ziyangicindezela kangangokuthi angikwazi ukubona lapho ngiya khona; +Ziningi kunezinwele zekhanda lami,Ngidikibele.
13 O Jehova, ngicela ungisindise. +
O Jehova, shesha uzongisiza. +
14 Kwangathi bonke labo abafuna ukungibulalaBangaba namahloni bahlazeke.
Kwangathi labo abajabula ngenhlekelele yamiBangabaleka behlazekile.
15 Kwangathi labo abathi kimi: “Uyalayeka! Uyalayeka!”
Bangashaqeka ngenxa yehlazo labo.
16 Kodwa kwangathi labo abakufunayo +Bangajabula bathokoze ngawe. +
Kwangathi labo abathanda insindiso yakho bangahlale bethi:
“Makadunyiswe uJehova.” +
17 Kodwa mina ngicindezelekile futhi ngimpofu;Kwangathi uJehova anganginaka.
Wena ungumsizi wami nomkhululi wami; +O Nkulunkulu wami, ungalibali. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Ngamlinda ngesineke uJehova.”
^ Noma, “wagoba ukuze alalele.”
^ Noma, “abanamanga.”
^ Noma, “uyijabulele.”
^ NgesiHebheru, “emqulwini wencwadi.”
^ Noma, “kuyisifiso sami.”