AmaHubo 34:1-22
ElikaDavide, ngesikhathi ezishaya ohlanyayo + phambi kuka-Abhimeleki, waze wamxosha, wahamba.
א [Aleph]
34 Ngizomdumisa uJehova ngazo zonke izikhathi;Ngeke ngiyeke ukumdumisa.
ב [Beth]
2 Ngizoziqhayisa ngoJehova; +Abamnene bayozwa bajabule.
ג [Gimel]
3 Dumisani uJehova kanye nami; +Masiliphakamise kanyekanye igama lakhe.
ד [Daleth]
4 Ngambuza uJehova, wangiphendula. +
Wangikhulula kukho konke engikwesabayo. +
ה [He]
5 Bayajabula labo abathembela kuye;Ngeke baphoxeke.
ז [Zayin]
6 Lona ohluphekile wakhala, uJehova wezwa.
Wamsindisa kuzo zonke izingcindezi zakhe. +
ח [Heth]
7 Ingelosi kaJehova ivikela labo abamesabayo, +Iyabakhulula. +
ט [Teth]
8 Nambithani nibone ukuthi uJehova muhle; +Uyajabula umuntu ophephela kuye.
י [Yod]
9 M̀esabeni uJehova, nonke nina bantu bakhe abangcwele,Ngoba labo abamesabayo abasweli lutho. +
כ [Kaph]
10 Ngisho namabhubesi asemancane anamandla* akhungethwe yindlala,Kodwa labo abafuna uJehova, ngeke baswele lutho oluhle. +
ל [Lamed]
11 Wozani madodana ami, ngilaleleni;Ngizonifundisa ukumesaba uJehova. +
מ [Mem]
12 Ngubani phakathi kwenu okujabulelayo ukuphilaOngathanda ukuphila isikhathi eside ukuze abone izinto ezinhle? +
נ [Nun]
13 Khona-ke qapha ulimi lwakho kokubi, +Nezindebe zakho ekukhohliseni. +
ס [Samekh]
14 Fulathela okubi, wenze okuhle; +Funa ukuthula, uzame ukukulondoloza. +
ע [Ayin]
15 Amehlo kaJehova akwabalungile, +Nezindlebe zakhe ziyalalela lapho bekhalela usizo. +
פ [Pe]
16 Kodwa uJehova umelene nabenza okubi,Ukuze abenze bangakhunjulwa emhlabeni. +
צ [Tsade]
17 Bakhala, uJehova wezwa; +Wabakhulula kuzo zonke izingcindezi zabo. +
ק [Qoph]
18 UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; +Uyabasindisa abadangele. *+
ר [Resh]
19 Ziningi izinhlupheko* zolungile, +Kodwa uJehova umkhulula kuzo zonke. +
ש [Shin]
20 Uqapha wonke amathambo akhe;Akukho nelilodwa lawo eliphuliwe. +
ת [Taw]
21 Inhlekelele iyombulala omubi;Labo abazonda olungile bayotholakala benecala.
22 UJehova usindisa ukuphila kwezinceku zakhe;Akekho noyedwa kulabo abaphephela kuye oyotholakala enecala. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “namabhubesi asemancane anomhlwenga.”
^ Noma, “abanomoya ochobozekile.”
^ Noma, “izinhlekelele.”