AmaHubo 13:1-6

  • Ukulangazelela insindiso kaJehova

    • “O Jehova, uyongikhohlwa kuze kube nini?” (1, 2)

    • UJehova uvuza ngokucebile (6)

Kumqondisi. Ihubo likaDavide. 13  O Jehova, uyongikhohlwa kuze kube nini? Kuze kube phakade? Kuyoze kube nini ungifihlele ubuso bakho? +   Kuyoze kube nini ngikhathazekile,Nginosizi enhliziyweni yami usuku nosuku? Kuyoze kube nini isitha singinqoba? +   Ngibheke ungiphendule, O Jehova Nkulunkulu wami. Phinde ungiphe amandla* ukuze ngingafi,   Ukuze isitha sami singathi: “Ngimnqobile!” Ungabavumeli abaphikisana nami bajabule ngokuwa kwami. +   Kepha mina, ngithembele othandweni lwakho oluqotho; +Inhliziyo yami iyojabula lapho ungikhulula. +   Ngizomhlabelelela uJehova, ngoba ungivuze ngokucebile. *+

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “Yenza amehlo ami akhanye.”
Noma, “ungibusisile.”