AmaHubo 122:1-9

  • Umthandazo wokuba kube nokuthula eJerusalema

    • Injabulo yokuya endlini kaJehova (1)

    • Idolobha elinezakhiwo ezisondelene (3)

INgoma Yokwenyuka. EkaDavide. 122  Ngajabula lapho bethi kimi: “Masiye endlini kaJehova.” +   Manje izinyawo zethu zimiNgaphakathi kwamasango akho, Jerusalema. +   IJerusalema lakhiwe njengedolobhaLinezakhiwo ezisondelene. +   Izizwe zikhuphukele kulo,Izizwe zikaJah,*Ngokuvumelana nomthetho owanikwa u-Israyeli,Ukuba ziyobonga igama likaJehova. +   Ngoba izihlalo zobukhosi zokwahlulela zazihleli khona, +Izihlalo zobukhosi zendlu kaDavide. +   Celani ukuba iJerusalema libe nokuthula. + O dolobha, labo abakuthandayo bayovikeleka.   Kwangathi ukuthula kungaqhubeka ngaphakathi kwezindonga zakho zokuvikela,*Ukulondeka ngaphakathi kwemibhoshongo yakho eqinile.   Ngizokhuluma ngenxa yabafowethu nabangane bami ngithi: “Kwangathi kungaba nokuthula phakathi kwenu.”   Ngenxa yendlu kaJehova uNkulunkulu wethu, +Ngizokufunela okuhle.

Imibhalo yaphansi

Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “kwegoqo lakho lokuvikela.”