AmaHubo 115:1-18
115 Ungayiniki thina, Jehova, ungayiniki thina,*Kodwa nika igama lakho inkazimulo +Ngenxa yothando lwakho oluqotho nokwethembeka kwakho. +
2 Kungani izizwe kufanele zithi:
“Uphi uNkulunkulu wabo?” +
3 UNkulunkulu wethu usemazulwini;Wenza noma yini ayithandayo.
4 Izithixo zabo ziyisiliva negolide,Umsebenzi wezandla zomuntu. +
5 Zinomlomo kodwa azikhulumi; +Zinamehlo kodwa aziboni;
6 Zinezindlebe kodwa azizwa;Zinamakhala kodwa azikwazi ukuhogela;
7 Zinezandla kodwa azikwazi ukuthinta;Zinezinyawo kodwa azikwazi ukuhamba; +Azikwazi ukukhipha izwi ngomphimbo wazo. +
8 Abantu abazenzayo bayofana nse nazo, +Nabo bonke abathembela kuzo. +
9 O Israyeli, thembela kuJehova +—Uwusizo lwakho nehawu lakho. +
10 O wena nzalo ka-Aroni, + thembela kuJehova—Uwusizo lwakho nehawu lakho.
11 Nina enesaba uJehova, thembelani kuJehova +—Uwusizo lwenu nehawu lenu. +
12 UJehova uyasikhumbula futhi uzosibusisa;Uzoyibusisa inzalo ka-Israyeli; +Uzoyibusisa inzalo ka-Aroni.
13 Uzobabusisa abesaba uJehova,Abancane kanye nabakhulu.
14 UJehova uzonandisa,Nina nezingane* zenu. +
15 Kwangathi uJehova anganibusisa, +UMenzi wezulu nomhlaba. +
16 Amazulu angakaJehova, +Kodwa umhlaba uwunike abantu. +
17 Abafile abamdumisi uJah; +Nanoma yibaphi abehlela egodini. *+
18 Kodwa thina sizomdumisa uJahKusukela manje kuze kube phakade.
Dumisani uJah!*
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Akukho lutho olungolwethu, Jehova, akukho lutho olungolwethu.”
^ NgesiHebheru, “namadodana.”
^ NgesiHebheru, “ekuthuleni.”
^ Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.