Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UDaniyeli

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12

Okuphakathi

  • 1

    • IJerusalema livinjezelwe iBhabhiloni (1, 2)

    • Ukuqeqeshwa okukhethekile kwentsha yasebukhosini eyizithunjwa (3-5)

    • Ukwethembeka kwamaHebheru amane kuyavivinywa (6-21)

  • 2

    • INkosi uNebukhadinezari iphupha iphupho eliyikhathazayo (1-4)

    • Akekho emadodeni ahlakaniphile okwaziyo ukusho iphupho (5-13)

    • UDaniyeli ucela usizo kuNkulunkulu (14-18)

    • Ukudumisa uNkulunkulu ngokwembula imfihlo (19-23)

    • UDaniyeli utshela inkosi iphupho (24-35)

    • Incazelo yephupho (36-45)

      • Itshe eliwumbuso lizophihliza isithombe (44, 45)

    • Inkosi idumisa uDaniyeli (46-49)

  • 3

    • Isithombe segolide seNkosi uNebukhadinezari (1-7)

      • Uyala ukuba kukhulekelwe isithombe (4-6)

    • AmaHebheru amathathu asolwa ngokungalaleli (8-18)

      • “Ngeke sibakhonze onkulunkulu bakho” (18)

    • Ukuphonswa esithandweni somlilo (19-23)

    • Ukukhululwa ngokuyisimangaliso emlilweni (24-27)

    • Inkosi idumisa uNkulunkulu wamaHebheru (28-30)

  • 4

    • INkosi uNebukhadinezari iqaphela ubukhosi bukaNkulunkulu (1-3)

    • Iphupho lenkosi mayelana nesihlahla (4-18)

      • Kuzodlula izikhathi eziyisikhombisa isihlahla siwile (16)

      • UNkulunkulu unguMbusi wabantu (17)

    • UDaniyeli uchaza iphupho (19-27)

    • Ukugcwaliseka kokuqala kwenzeka enkosini (28-36)

      • Inkosi ihanjelwa yingqondo izikhathi eziyisikhombisa (32, 33)

    • Inkosi ikhazimulisa uNkulunkulu wezulu (37)

  • 5

    • Idili leNkosi uBhelishazari (1-4)

    • Umbhalo wesandla odongeni (5-12)

    • UDaniyeli ucelwa ukuba achaze umbhalo (13-25)

    • Incazelo: IBhabhiloni lizowa (26-31)

  • 6

    • Izikhulu zasePheresiya zakhela uDaniyeli uzungu (1-9)

    • UDaniyeli uyaqhubeka ethandaza (10-15)

    • UDaniyeli uphonswa emgodini wamabhubesi (16-24)

    • INkosi uDariyu ihlonipha uNkulunkulu kaDaniyeli (25-28)

  • 7

    • Umbono wezilo ezine (1-8)

      • Uphondo oluncane oluqhoshayo luyavela (8)

    • OMdala Wezinsuku uvula inkantolo (9-14)

      • Indodana yomuntu iba yinkosi (13, 14)

    • UDaniyeli utshelwa incazelo (15-28)

      • Izilo ezine zingamakhosi amane (17)

      • Abangcwele bazothola umbuso (18)

      • Kuzovela izimpondo eziyishumi noma amakhosi (24)

  • 8

    • Umbono wenqama nempongo (1-14)

      • Uphondo oluncane luyaziphakamisa (9-12)

      • Kuze kube izikhathi zokuhlwa nokusa ezingu-2 300 (14)

    • UGabriyeli uchaza umbono (15-27)

      • Incazelo yenqama nempongo (20, 21)

      • Inkosi enolaka iyama (23-25)

  • 9

    • Umthandazo kaDaniyeli wokuvuma izono (1-19)

      • Iminyaka engu-70 yencithakalo (2)

    • UGabriyeli uza kuDaniyeli (20-23)

    • Ukubikezelwa kwamasonto angu-70 ayisiprofetho (24-27)

      • UMesiya uyobonakala ngemva kwamasonto angu-69 (25)

      • UMesiya uzonqunywa (26)

      • Idolobha nendawo engcwele kuzobhujiswa (26)

  • 10

    • Kufika isithunywa esivela kuNkulunkulu kuDaniyeli (1-21)

      • UMikayeli usiza ingelosi (13)

  • 11

    • Inkosi yasePheresiya neyaseGrisi (1-4)

    • Amakhosi aseningizimu nawasenyakatho (5-45)

      • Kuyovuka owaba umsebenzi (20)

      • UMholi wesivumelwano uphihliziwe (22)

      • Unkulunkulu wezinqaba uyakhazinyuliswa (38)

      • Ukungqubuzana kwenkosi yaseningizimu nenkosi yasenyakatho (40)

      • Imibiko ephazamisayo evela empumalanga nasenyakatho (44)

  • 12

    • “Isikhathi sokuphela” nangale kwaso (1-13)

      • UMikayeli uyokuma (1)

      • Abahlakaniphile bayokhanya kakhulu (3)

      • Ulwazi lweqiniso luyoba luningi (4)

      • UDaniyeli uyosukuma ukuze athole isabelo sakhe (13)