Eyesibili YeziKronike 12:1-16
12 Lapho nje ubukhosi bukaRehobowamu sebume baqina + futhi esenamandla, wawushiya uMthetho kaJehova + ekanye nawo wonke u-Israyeli.
2 Ngonyaka wesihlanu weNkosi uRehobowamu, uShishaki + inkosi yaseGibhithe wakhuphuka ezolwa neJerusalema, ngoba abathembekanga* kuJehova.
3 Wayenezinqola ezingu-1 200, abagibeli bamahhashi abangu-60 000, namasosha angenakubalwa afika naye evela eGibhithe—abaseLibhiya, amaSukimi namaTopiya. +
4 Wathumba amadolobha akwaJuda anezivikelo eziqinile, waze wagcina efike eJerusalema.
5 UShemaya + umprofethi weza kuRehobowamu nezikhulu zakwaJuda ezazihlangene eJerusalema ngenxa kaShishaki, wathi kubo: “Yilokhu uJehova akushoyo, ‘Ningishiyile, ngakho nami nginishiyele + esandleni sikaShishaki.’ ”
6 Lapho bezwa lokho, izikhulu zakwa-Israyeli nenkosi bazithoba + bathi: “UJehova ulungile.”
7 Lapho uJehova ebona ukuthi bayazithoba, izwi likaJehova lafika kuShemaya, lathi: “Bazithobile. Ngeke ngisababhubhisa, + ngesikhashana nje ngizobasindisa. Intukuthelo yami ngeke ngiyikhiphele eJerusalema ngoShishaki.
8 Kodwa bazoba izinceku zakhe, ukuze bawazi umehluko phakathi kokukhonza mina nokukhonza amakhosi* amanye amazwe.”
9 Ngakho uShishaki inkosi yaseGibhithe wakhuphuka wahlasela iJerusalema. Wathatha ingcebo yendlu kaJehova + nengcebo yendlu yenkosi.* Wathatha yonke into kanye namahawu egolide uSolomoni ayewenzile. +
10 Ngakho iNkosi uRehobowamu yenza amahawu ethusi esikhundleni sawo, yawaphathisa izinduna zonogada,* ababegada emnyango wendlu yenkosi.
11 Kwakuthi njalo lapho inkosi iza endlini kaJehova, onogada bangene bawaphathe, kamuva bawabuyisele egunjini lonogada.
12 Ngenxa yokuthi inkosi yazithoba, uJehova akabange esayithukuthelela, + akazange ababhubhise ngokuphelele. + Ngaphezu kwalokho, kwakunezinto ezinhle ezatholakala kwaJuda. +
13 INkosi uRehobowamu yaqinisa isikhundla sayo eJerusalema futhi yaqhubeka ibusa; uRehobowamu wayeneminyaka engu-41 lapho eba inkosi, wabusa iminyaka engu-17 eJerusalema, idolobha uJehova ayelikhethile kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba libe indawo azobeka kuyo igama lakhe. Igama likamama wenkosi kwakunguNahama umAmonikazi. +
14 Kodwa yenza okubi, ngoba enhliziyweni yayo yayingazange inqume ukufuna uJehova. +
15 Umlando kaRehobowamu, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni, ulotshwe emazwini kaShemaya + umprofethi naka-Ido + umboni wemibono ngokokubhalwa kwezinhlu zozalo. Kwakunezimpi ezingapheli phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu. +
16 Ngemva kwalokho uRehobowamu washona, wangcwatshwa eDolobheni LikaDavide; + u-Abhiya + indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Imibhalo yaphansi
^ Okuwukuthi, uRehobowamu no-Israyeli.
^ NgesiHebheru, “imibuso.”
^ Noma, “yesigodlo.”
^ NgesiHebheru, “zabagijimi.”