Eyokuqala YeziKronike 7:1-40
7 Amadodana ka-Isakare kwakunguThola, uPhuwa, uJashubi noShimroni +—ayemane.
2 Amadodana kaThola kwakungu-Uzi, uRefaya, uJeriyeli, uJahimayi, u-Ibhisamu noShemuweli, izinhloko zemindeni yoyise. KuThola kwavela amaqhawe anamandla, isibalo sawo ezinsukwini zikaDavide sasingu-22 600.
3 Inzalo* ka-Uzi kwakungu-Izrahiya, amadodana ka-Izrahiya: uMikayeli, u-Obadiya, uJoweli no-Ishiyahu—bobahlanu babeyizinduna.*
4 Ngokozalo lwabo, ngokwemindeni yoyise, babenamasosha angu-36 000 ebuthweni labo lempi ngoba babenabafazi abaningi namadodana amaningi.
5 Abafowabo bayo yonke imindeni yakwa-Isakare babengamaqhawe anamandla, ayengu-87 000 ngokwalokho okusezinhlwini zozalo. +
6 Amadodana kaBhenjamini + kwakunguBhela, + uBhekeri + noJediyayeli +—ayemathathu.
7 Amadodana kaBhela kwakungu-Eziboni, u-Uzi, u-Uziyeli, uJerimoti no-Irayi—ayemahlanu—izinhloko zemindeni yoyise, amaqhawe anamandla, ayengu-22 034 ayesohlwini lwawo lozalo. +
8 Amadodana kaBhekeri kwakunguZemira, uJowashi, u-Eliyezeri, u-Eliyohenayi, u-Omri, uJeremoti, u-Abhiya, u-Anathoti no-Alemeti—wonke lawa kwakungamadodana kaBhekeri.
9 Amaqhawe anamandla abhaliswa ngokohlu lozalo lwawo ngokuphathelene nezinhloko zemindeni yoyise ayengu-20 200.
10 Indodana* kaJediyayeli + kwakunguBhilihani, amadodana kaBhilihani kunguJewushi, uBhenjamini, u-Ehudi, uKhenahana, uZethani, uTharishishi no-Ahishahari.
11 Wonke lawa kwakungamadodana kaJediyayeli, ngokwezinhloko zokhokho bawo, amaqhawe anamandla angu-17 200, alungele ukuya empini.
12 UShuphimi noHuphimi babengamadodana ka-Iri; + amaHushimi ayengamadodana ka-Aheri.
13 Amadodana kaNafetali + kwakunguJahiziyeli, uGuni, uJezeri noShalumi—inzalo* kaBhiliha. +
14 Indodana* kaManase + kwakungu-Asiriyeli, amzalelwa isancinza sakhe esingumSiriya. (Sazala uMakiri + uyise kaGileyadi.
15 UMakiri wathathela uHuphimi noShuphimi abafazi, igama likadadewabo kwakunguMahakha.) Igama leyesibili kwakunguZelofehadi, + kodwa uZelofehadi wayenamadodakazi. +
16 UMahakha, umkaMakiri, wazala indodana wayiqamba ngokuthi uPhereshi; igama lomfowabo kwakunguShereshi; amadodana akhe kwakungu-Ulamu noRekemi.
17 Indodana* ka-Ulamu kwakunguBedani. Lawa kwakungamadodana kaGileyadi, oyindodana kaMakiri, oyindodana kaManase.
18 Udadewabo kwakunguHamoleketi. Wazala u-Ishihodi, u-Abhiyezeri noMahila.
19 Amadodana kaShemida kwakungu-Ahiyani, uShekemi, uLikihi no-Aniyamu.
20 Indodana ka-Efrayimi + kwakunguShuthela, + uShuthela wazala uBheredi, uBheredi wazala uThahati, uThahati wazala u-Eleyada, u-Eleyada wazala uThahati,
21 uThahati wazala uZabhadi, uZabhadi wazala uShuthela, u-Ezeri no-Eleyadi. Amadoda aseGati + ayezalelwe kulelo zwe ababulala ngoba behla bayothatha imfuyo yawo.
22 U-Efrayimi uyise wawalilela izinsuku eziningi, abafowabo babelokhu beza bezomduduza.
23 Kamuva walala nomkakhe, wakhulelwa wazala indodana. Kodwa wayiqamba ngokuthi uBheriya,* ngoba umkakhe wazala ngesikhathi umndeni wakhe wehlelwe inhlekelele.
24 Indodakazi yakhe kwakunguSheyera, owakha iBheti-horoni Elisezansi + Nelingenhla + ne-Uzeni-sheyera.
25 Kwakukhona noRefa indodana yakhe kanye noReshefi, uReshefi wazala uThela, uThela wazala uThahani,
26 uThahani wazala uLadani, uLadani wazala u-Amihudi, u-Amihudi wazala u-Elishama,
27 u-Elishama wazala uNuni, uNuni wazala uJoshuwa. *+
28 Ifa lawo nezindawo zawo zokuhlala kwakuyiBhethele + nezindawo ezingaphansi kwalo,* empumalanga kuyiNaharani, entshonalanga kuyiGezeri nezindawo ezingaphansi kwalo neShekemi nezindawo ezingaphansi kwalo kuze kufike e-Aya* nasezindaweni ezingaphansi kwalo;
29 eceleni kwenzalo kaManase kwakuyiBheti-sheyani + nezindawo ezingaphansi kwalo, iThahanaki + nezindawo ezingaphansi kwalo, iMegido + nezindawo ezingaphansi kwalo kanye neDori + nezindawo ezingaphansi kwalo. Inzalo kaJosefa indodana ka-Israyeli yayihlala kulezi zindawo.
30 Amadodana ka-Asheri kwakungu-Imna, u-Ishiva, u-Ishivi noBheriya, + udadewabo kunguSera. +
31 Amadodana kaBheriya kwakunguHebhere noMalikhiyeli, owayenguyise kaBhirizayiti.
32 UHebhere wazala uJafeleti, uShomeri, noHothamu, kanye noShuwa udadewabo.
33 Amadodana kaJafeleti kwakunguPhasaki, uBhimihali no-Ashivati. Lawa kwakungamadodana kaJafeleti.
34 Amadodana kaShemeri* kwakungu-Ahi, uRohiga, uJehubha no-Aramu.
35 Amadodana kaHelemu* umfowabo kwakunguZofa, u-Imna, uSheleshi no-Amali.
36 Amadodana kaZofa kwakunguSuwa, uHarineferi, uShuwali, uBheri, u-Imra,
37 uBhezeri, uHodi, uShama, uShilisha, u-Ithirani noBheyera.
38 Amadodana kaJetheri kwakunguJefune, uPhisipa no-Ara.
39 Amadodana ka-Ula kwakungu-Ara, uHaniyeli noRiziya.
40 Wonke lawa kwakungamadodana ka-Asheri, izinhloko zemindeni yoyise, amaqhawe anamandla akhethiwe, izinhloko zezikhulu; ohlwini lwawo lozalo + ayengu-26 000 amadoda + ayelungele ukuya empini.
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “babeyizinhloko.”
^ NgesiHebheru, “Amadodana.”
^ NgesiHebheru, “Amadodana.”
^ NgesiHebheru, “amadodana.”
^ NgesiHebheru, “Amadodana.”
^ NgesiHebheru, “Amadodana.”
^ Incazelo: “Ngenhlekelele.”
^ Noma, “uJehoshuwa,” okusho ukuthi “UJehova Uyinsindiso.”
^ Noma kungaba, “eGaza,” nakuba kungelona iGaza eliseFilistiya.
^ Noma, “ezilizungezile.”
^ Obizwa nangokuthi uShomeri evesini 32.
^ Cishe “uHothamu” osevesini 32.