Eyokuqala YeziKronike 11:1-47
11 Ngokuhamba kwesikhathi wonke ama-Israyeli aqoqana kuDavide eHebroni, + athi: “Siyizihlobo zakho zegazi. *+
2 Ezikhathini ezedlule lapho uSawule eseyinkosi, nguwe owawuhola u-Israyeli emikhankasweni yakhe yempi. + UJehova uNkulunkulu wakho wathi kuwe: ‘Uyokwelusa abantu bami u-Israyeli, ube umholi phezu kwabantu bami u-Israyeli.’ ” +
3 Ngakho wonke amadoda amadala akwa-Israyeli eza enkosini eHebroni, uDavide wenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova. Ngemva kwalokho agcoba uDavide waba inkosi phezu kuka-Israyeli, + ngokuvumelana nalokho uJehova akusho ngoSamuweli. +
4 Kamuva uDavide nawo wonke u-Israyeli baya eJerusalema, okungukuthi eJebusi, + lapho kwakuhlala khona amaJebusi. +
5 Abakhe eJebusi baklolodela uDavide bathi: “Awusoze wangena lapha!” + Noma kunjalo, uDavide wasithatha isigodlo saseZiyoni, + manje esesiyiDolobha LikaDavide. +
6 UDavide wathi: “Noma ubani oyobulala amaJebusi kuqala uyoba induna* nesikhulu.” UJowabe + indodana kaZeruya wakhuphuka kuqala futhi waba induna.
7 UDavide wabe esehlala esigodlweni. Yingakho sabizwa ngokuthi iDolobha LikaDavide.
8 Waqala ukwakha idolobha nhlangothi zonke, kusukela eNdundumeni* kuze kufike nasezindaweni eziyizungezile, uJowabe wavuselela yonke enye ingxenye yedolobha.
9 UDavide wayelokhu eba mkhulu, + uJehova wamabutho wayenaye.
10 Yilaba abayizinhloko zamaqhawe kaDavide anamandla amsekela kakhulu ebukhosini bakhe, kanye nawo wonke u-Israyeli, ukuze amenze inkosi ngokuvumelana nezwi likaJehova ngokuqondene no-Israyeli. +
11 Yilolu uhlu lwamaqhawe kaDavide anamandla: UJashobeyamu + indodana yomHakimoni othile, inhloko yalaba abathathu. + Wabulala amadoda angu-300 ngomkhonto ngasikhathi sinye. +
12 Wayelandelwa u-Eleyazare + indodana kaDodo umAhohi. + Wayephakathi kwamaqhawe amathathu anamandla.
13 WayenoDavide ePhasi-damimi, + lapho amaFilisti ayeqoqene khona ukuze aye empini. Manje kwakukhona insimu eyayigcwele ibhali, abantu babebalekile ngenxa yamaFilisti.
14 Kodwa yena wama phakathi nensimu wayilwela, waqhubeka ebulala amaFilisti, uJehova wabenza banqoba. *+
15 Abathathu ezinduneni ezingu-30 behlela edwaleni, baya kuDavide emgedeni wase-Adulamu, + ngesikhathi ibutho lamaFilisti limise amatende eSigodini* SamaRefa. +
16 Ngaleso sikhathi uDavide wayesenqabeni, ibutho lamaFilisti liseBhetlehema.
17 UDavide wathi: “Uma nje ngingaphuza amanzi omthombo osesangweni laseBhetlehema + ngingajabula kakhulu!”
18 Lapho bezwa lokho, laba abathathu bafohla bangena ekamu lamaFilisti, bakha amanzi emthonjeni owawungasesangweni laseBhetlehema bawaletha kuDavide; kodwa uDavide wenqaba ukuwaphuza, wawathululela phansi emhlabathini phambi kukaJehova.
19 Wathi: “Angisoze ngakwenza lokhu ngenxa yokuthi ngihlonipha uNkulunkulu! Ingabe kufanele ngiphuze igazi lala madoda abeke ukuphila kwawo engozini? + Ngoba abeke ukuphila kwawo engozini ukuze alethe la manzi.” Ngakho wenqaba ukuwaphuza. Lezi yizinto ezenziwa amaqhawe akhe amathathu anamandla.
20 U-Abhishayi + umfowabo kaJowabe + waba inhloko yamanye amathathu; wabulala abangaphezu kuka-300 ngomkhonto, futhi wayenedumela elinjengelabokuqala abathathu. +
21 Kulaba abanye abathathu, wayevelele kakhulu kunababili kubo, futhi wayeyinduna yabo; nokho akazange afike ezingeni labokuqala abathathu.
22 UBhenaya + indodana kaJehoyada wayeyindoda enesibindi* eyenza izenzo eziningi zobuqhawe eKabiziyeli. + Wabulala amadodana amabili ka-Ariyeli wakwaMowabi, wehlela emgodini wamanzi ngolunye usuku likhithika wabulala ibhubesi. +
23 Wabulala nomGibhithe owayemude ngendlela engavamile—engamamitha angaba ngu-2,23* ubude. + Nakuba lo mGibhithe ayephethe umkhonto onjengogodo lohlaka lokweluka indwangu, + waya kuye ephethe induku wafike wahlwitha umkhonto esandleni somGibhithe, wambulala ngomkhonto wakhe. +
24 Lezi zinto zenziwa uBhenaya indodana kaJehoyada, wayenedumela elifana nelamaqhawe amathathu anamandla.
25 Nakuba ayevelele ngisho nakakhulu kunalaba abangamashumi amathathu, akazange afike ezingeni lalaba abathathu. + Nokho, uDavide wammisa ukuba aphathe onogada bakhe.
26 Amaqhawe anamandla amabutho empi kwakungu-Asaheli + umfowabo kaJowabe, u-Elihanani indodana kaDodo waseBhetlehema, +
27 uShamoti umHarori, uHelezi umPheloni,
28 u-Ira + indodana ka-Ikheshi waseThekhowa, u-Abhi-yezeri + umAnathoti,
29 uSibhekayi + umHusha, u-Ilayi umAhohi,
30 uMaharayi + umNethofa, uHeledi + indodana kaBhahana umNethofa,
31 u-Ithayi indodana kaRibayi waseGibheya labakwaBhenjamini, + uBhenaya umPirathoni,
32 uHurayi wasemihosheni* yaseGahashi, + u-Abhiyeli umAriba,
33 u-Azimaveti umBhaharumi, u-Eliyaba umShahaliboni,
34 amadodana kaHashemi umGizo, uJonathani indodana kaShage umHarari,
35 u-Ahiyamu indodana kaSakari umHarari, u-Elifali indodana ka-Uri,
36 uHeferi umMekheti, u-Ahiya umPheloni,
37 uHeziro umKarmeli, uNaharayi indodana ka-Ezibayi,
38 uJoweli umfowabo kaNathani, uMibihari indodana kaHagiri,
39 uZeleki umAmoni, uNaharayi waseBheroti, isikhonzi esiphatha izikhali zikaJowabe indodana kaZeruya;
40 u-Ira umIthire, uGarebi umIthire,
41 u-Uriya + umHeti, uZabhadi indodana ka-Ahilayi,
42 u-Adina indodana kaShiza wakwaRubeni, inhloko yabakwaRubeni, okwakunabangu-30 ngakuye;
43 uHanani indodana kaMahakha, uJoshafati umMithini,
44 u-Uzaya wase-Ashitaroti, uShama noJeheyeli, amadodana kaHothamu wase-Aroweri;
45 uJediyayeli indodana kaShimri, noJoha umfowabo ongumThizi;
46 u-Eliyeli umMahavi, uJeribayi noJoshaviya amadodana ka-Elinahama, u-Ithima wakwaMowabi;
47 u-Eliyeli, u-Obede noJahasiyeli umMezoba.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Siyithambo lakho nenyama yakho.”
^ NgesiHebheru, “inhloko.”
^ NgesiHebheru, “eMilo.” Okuyigama lesiHebheru elisho “ukugcwalisa.”
^ Noma, “wabalethela insindiso enkulu.”
^ Noma, “eThafeni Eliphansi.”
^ NgesiHebheru, “indodana yendoda eyiqhawe.”
^ Noma, “eyizingalo ezinhlanu.” Bheka iSithasiselo B14.
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.