Dlulela kokuphakathi

“Hamba Ngokholo, Hhayi Ngokubona”

Ibutho lamaRoma liyahoxa ekuvimbezeleni iJerusalema. Imindeni emibili engamaKristu ibhekene nesinqumo esinzima. Ingabe izolalela uJesu futhi ikushiye unomphela ukuphila ekujwayele? Isinqumo sayo siyosho ukuphila noma ukufa. Le video ibonisa izenzakalo ezichazwe eBhayibhelini ezinembile ngokomlando. Ukuze kuqikelelwe ukuthi inembile, le video inezigcawu ezinabantu abalwayo; noma kunjalo, ayikhuthazi ubudlova, kunalokho imane ibonisa lokho amaKristu ekhulu lokuqala abhekana nakho ngokoqobo.