Dlulela kokuphakathi

OFakazi BakaJehova Bayiqeqeshelwa Kanjani Inkonzo Yabo?

OFakazi BakaJehova Bayiqeqeshelwa Kanjani Inkonzo Yabo?

 OFakazi BakaJehova baqeqeshwa ngokuqhubekayo ukuthi bangaphila kanjani njengamaKristu ekuphileni kwabo kwansuku zonke, okuhlanganisa nenkonzo yabo. Le nkonzo ingumsebenzi uJesu ayala abalandeli bakhe ukuba bawenze, ukushumayela nokufundisa izindaba ezinhle zoMbuso KaNkulunkulu. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Sithola lokhu kuqeqeshwa emihlanganweni yethu yamaviki onke nasemihlanganweni yethu emikhulu nemincane yaminyaka yonke. OFakazi BakaJehova abanemithwalo ethe xaxa ebandleni nasenhlanganweni bathola ukuqeqeshwa okwengeziwe ezikoleni ezikhethekile zeBhayibheli.

Okukulesi sihloko

 Yikuphi ukuqeqeshwa oFakazi BakaJehova abakutholayo?

 Imihlangano yebandla. Siba nemihlangano ezindaweni zethu zokukhululekela ezibizwa ngokuthi amaHholo oMbuso, njalo ngeviki. Owodwa umhlangano uvame ukuba phakathi neviki bese kuthi lo omunye ube ngempelasonto. Wonke umuntu wamukelekile futhi akekho ophoqwa ukuba akhiphe imali yomnikelo.

  •   Umhlangano waphakathi neviki. Sifunda ukuthi singayithuthukisa kanjani indlela yethu yokufunda, yokuxoxa nabanye, yokukhuluma phambi kweningi nendlela yokushumayela neyokufundisa. Lokhu kuqeqeshwa sikuthola ngezinkulumo, izingxoxo, imiboniso nangamavidiyo. Le mfundo iphinde isisize sikwazi ukuphumelela kakhudlwana lapho sixoxa nabanye ngomyalezo weBhayibheli nalapho sifunda nabathandayo iBhayibheli. Bonke ababasemihlanganweni bayazuza kule mfundo. Okukhulu kunakho konke, imihlangano yethu iqinisa ukholo lwethu kuNkulunkulu nothando lwethu ngaye nesikholwa nabo.

  •   Umhlangano wangempelasonto. Lo mhlangano onezingxenye ezimbili uqala ngenkulumo esekelwe eBhayibhelini elungiselelwe ngokukhethekile abantu abangebona oFakazi. Ingxenye yesibili yalo mhlangano iyingxoxo enemibuzo nezimpendulo ethathelwe esihlokweni seNqabayokulinda a efundwayo. Lezi zihloko zixoxa futhi zichaza ngezindaba nezimiso eziseBhayibhelini ezisisiza enkonzweni nasekuphileni kwethu kwansuku zonke.

 Imihlangano emincane nemikhulu. Njalo ngonyaka, siba nemibuthano emikhulu emithathu okuhlangana kuyo amabandla amaningi. Le mibuthano ejabulisayo isuke isekelwe esihlokweni esithile esiseBhayibhelini futhi ihlanganisa izinkulumo, imiboniso, izingxoxo namavidiyo. Njengasemihlanganweni yethu yebandla, imihlangano emincane nemikhulu isisiza sithole ulwazi olwengeziwe ngeBhayibheli futhi isisiza sibe abashumayeli abangcono bezindaba ezinhle. Nakule mihlangano futhi, wonke umuntu wamukelekile futhi akekho ophoqwa ukuba akhiphe imali yomnikelo.

 Izikole zeBhayibheli zoFakazi BakaJehova

 Abanye oFakazi BakaJehova bamenyelwa ezikoleni zeBhayibheli ezihlukahlukene ukuze bathole ukuqeqeshwa okuthe xaxa. Kwenziwani kulezi zikole? Yini inhloso yazo futhi zithatha isikhathi eside kangakanani? Obani abamenywayo?

ISikole Senkonzo Samaphayona

  •   Inhloso: Ukuqeqesha abashumayeli besikhathi esigcwele, ababizwa ngokuthi amaphayona, b ukuba bawenze ngokuphumelelayo umsebenzi wokushumayela nokufundisa. Lokhu kuqeqeshwa kuhlanganisa izingxoxo zasekilasini, imiboniso, izinkulumo nokufunda ukuthi bangakusebenzisa kanjani lokho abakufundile.

  •   Isikhathi: Izinsuku eziyisithupha.

  •   Abamenywayo: Labo asebeqede unyaka bengamaphayona yibo abamenywayo. Nalabo esekunesikhathi bephayona kodwa osekuphele iminyaka emihlanu bengayanga kulesi sikole nabo bangase bemenywe.


ISikole Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso

  •   Inhloso: Ukunikeza ukuqeqeshwa okukhethekile kubashumayeli besikhathi esigcwele asebemnkantshubomvu. Abafundi bathuthukisa amakhono abo okushumayela nokufundisa, baphinde batadishe izihloko zeBhayibheli ngokujulile. Iningi lalabo abaphothule kulesi sikole bamenyelwa ezindaweni ezidinga abashumayeli abengeziwe.

  •   Isikhathi: Izinyanga ezimbili.

  •   Abamenywayo: Amaphayona angafaka isicelo uma ehlangabezana nezimfuneko ezidingekayo zalesi sikole futhi izimo zawo ziwavumela ukuba akhonze lapho kunesidingo khona.


ISikole Sabadala Bebandla

  •   Inhloso: Ukusiza abadala c banakekele imithwalo yabo yasebandleni enjengokufundisa nokwalusa, nokubasiza bajulise uthando lwabo ngokuNkulunkulu nangalabo abakholwa nabo.—1 Petru 5:2, 3.

  •   Isikhathi: Izinsuku ezinhlanu.

  •   Abamenywayo: Yilabo abasanda kuba abadala nalabo esekunesikhathi bengabadala kodwa osekuphele iminyaka emihlanu bengayanga kulesi sikole bayamenywa.


ISikole Sababonisi Abajikelezayo Nomkabo

  •   Inhloso: Ukuqeqesha izikhonzi ezijikelezayo, ezibizwa ngokuthi ababonisi besigodi, d ukuba bazenze kahle nakakhudlwana izabelo zabo. (1 Thimothewu 5:17) Okufundwa kulesi sikole kuphinde kusize laba badala abangamaKristu nomkabo ukuba bathole ukukhanyiselwa kakhudlwana ngemibhalo.

  •   Isikhathi: Inyanga eyodwa.

  •   Abamenywayo: Ababonisi besigodi abasha nomkabo bayamenywa kulesi sikole ngemva konyaka owodwa besesabelweni sabo. Ngemva kwalokho, baphinde bamenywe njalo ngemva kweminyaka emihlanu.


ISikole Senkonzo SoMbuso

  •   Inhloso: Ukusiza abadala nezinceku ezikhonzayo e ukuba banakekele imithwalo yabo yasebandleni ngokuhambisana nezimo nezidingo zangaleso sikhathi. (2 Thimothewu 3:1) Lesi sikole sibakhona njalo ngemva kweminyaka embalwa.

  •   Isikhathi: Kuyashiyana, ngokuvamile kuba usuku olulodwa.

  •   Abamenywayo: Ababonisi besigodi, abadala nezinceku ezikhonzayo.


ISikole Senkonzo SaseBethel

  •   Inhloso: Ukusiza umndeni waseBethel f uwenze ngokuphumelelayo umsebenzi wawo futhi ujulise uthando lwawo ngoNkulunkulu nangomunye nomunye.

  •   Isikhathi: Izinsuku ezinhlanu nengxenye.

  •   Abamenywayo: Amalungu amasha aseBethel kumele aye kulesi sikole. Asebenesikhathi eside beseBethel kodwa osekuphele iminyaka emihlanu bengayanga kulesi sikole nabo bangase baphinde bamenywe futhi.


ISikole SaseGileyadi

  •   Inhloso: Ukugxilisa kubafundi ukuba balazise ngokujulile iZwi likaNkulunkulu nokubasiza ukuba bakusebenzise lokhu abakufundayo. (1 Thesalonika 2:13) La madoda nabesifazane angamaKristu athembekile athola le mfundo yaseGileyadi, aba usizo olukhulu enhlanganweni kaJehova nasemsebenzini wokufundisa iBhayibheli owenziwa emhlabeni wonke. Abaphothule kulesi sikole bangase bacelwe ukuba bayoshumayela noma baye ehhovisi legatsha, kungaba sezweni lakubo noma kwelinye izwe.

  •   Isikhathi: Izinyanga ezinhlanu.

  •   Abamenywayo: Amahhovisi egatsha acela izikhonzi ezithile zesikhathi esigcwele ukuba zifake isicelo sokuya kulesi sikole. Lesi sikole siba se-United States eWatchtower Educational Center, ePatterson, eNew York.


ISikole Samalungu Ekomiti Yegatsha Nomkawo

  •   Inhloso: Ukuqeqesha amalungu eKomiti Yegatsha g ukuba anakekele imisebenzi eyenziwa ehhovisi legatsha nemisebenzi yokukhulekela uNkulunkulu yoFakazi BakaJehova eyenziwa kulelo zwe nakwamanye amazwe anakekelwa yilelo hhovisi legatsha.

  •   Isikhathi: Izinyanga ezimbili.

  •   Abamenywayo: Indlunkulu Yomhlaba Wonke YoFakazi BakaJehova imema amalungu eKomiti Yegatsha athile nomkawo ukuba eze kulesi sikole esiba seWatchtower Educational Center ePatterson, eNew York.

 Kusekelwe kuphi ukuqeqeshwa oFakazi abakutholayo?

 IBhayibheli lihlale liyincwadi eyinhloko yokuqeqesha oFakazi BakaJehova. Sikholelwa ukuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu futhi lineziqondiso ezingcono kakhulu kukho konke ukuphila komKristu.—2 Thimothewu 3:16, 17.

 Ingabe oFakazi BakaJehova kufanele bakhokhe ukuze baqeqeshwe?

 Cha. Le mfundo imahhala. Imisebenzi yoFakazi BakaJehova isekelwa ngeminikelo yokuzithandela.—2 Korinte 9:7.

a IBhayibheli nezincwadi zokutadisha iBhayibheli, okuhlanganisa namavidiyo, kuyatholakala kuwebhusayithi yethu ethi jw.org.

b Iphayona uFakazi obhapathiziwe oyisibonelo, kungaba owesilisa noma owesifazane, ofisa ukuchitha amahora athile inyanga ngayinye exoxa nabanye ngomyalezo weBhayibheli.

c Abadala amadoda angamaKristu avuthiwe asekela lokho akufundisayo ngemiBhalo futhi alusa abantu bakaJehova ngokubasiza nokubakhuthaza. Ayikho imali abayitholayo ngokwenza lo msebenzi.

d Umbonisi wesigodi isikhonzi sesikhathi esigcwele esivakashela amabandla ahlukahlukene asesigodini sakhe iviki ngalinye. Ukhuthaza labo abasebandleni ngezinkulumo ezisekelwe eBhayibhelini nangokuhamba nabo lapho beyoshumayela.

e Izinceku ezikhonzayo zenza imisebenzi ehlukahlukene ukuze zisize abafowethu nodadewethu. Okunika abadala isikhathi esengeziwe sokufundisa nokwenza umsebenzi wokwalusa.

f IBethel yigama okubizwa ngalo amahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova. Izikhonzi zesikhathi esigcwele ezisebenza khona zisekela imisebenzi yoFakazi eqondiswa igatsha lendawo.

g IKomiti Yegatsha yakhiwa amadoda amathathu noma ngaphezulu avuthiwe.