Dlulela kokuphakathi

IZINDABA ZOMHLABA WONKE

OFakazi BakaJehova Baboshelwe Ukholo Lwabo—Ngokwezindawo

OFakazi BakaJehova Baboshelwe Ukholo Lwabo—Ngokwezindawo

OFakazi BakaJehova abasejele ngenxa yokholo lwabo, ngokombiko ka-Okthoba 2023

INDAWO

INANI LABABOSHIWE

ISIZATHU

ECrimea

12

  • Imisebenzi engokwenkolo

E-Eritrea

32

  • Imisebenzi engokwenkolo

  • Izizathu ezingachazwanga

ERussia

114

  • Imisebenzi engokwenkolo

ESingapore

11

  • Ukwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza

Kwamanye Amazwe

Bangaphezu kuka-22

  • Imisebenzi engokwenkolo

Ingqikithi

Bangaphezu kuka-191

 

ISiphakamiso 18 seSivumelwano Somhlaba Wonke Samalungelo Abantu Emphakathini Nakwezombusazwe sithi, “ilungelo lokuba nenkululeko yokucabanga, ekanembeza nengokwenkolo” liyingxenye yamalungelo abantu. a Nokho, kwamanye amazwe oFakazi BakaJehova bayaphucwa leli lungelo, baboshwe kungafanele, kokunye baze baphathwe ngonya. Iningi lalabo ababoshiwe, baboshelwe nje ukholo lwabo. Abanye baboshelwe ukuthi bayenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza wabo.

a Bheka neSiphakamiso 18, se-United Nations Universal Declaration of Human Rights, kanye neSiphakamiso 9, se-European Convention on Human Rights.