Dlulela kokuphakathi

OFakazi BakaJehova bakhulula i-watchtower.org eminyakeni engu-25 edlule. I-JW.ORG yatholakala ngo-2012 futhi iyona etholakala ngezilimi eziningi emhlabeni wonke

AGASTI 17, 2022
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

“Izindaba Ezinhle Nge-Internet”

OFakazi BakaJehova Bahlanganisa Iminyaka Engu-25 Benewebusayithi Yabo

“Izindaba Ezinhle Nge-Internet”

OFakazi BakaJehova sebebe newebusayithi engokomthetho kwi-internet iminyaka engu-25. INkonzo Yethu YoMbuso kaNovemba 1997 enesihloko esithi “Izindaba Ezinhle Nge-Internet” yethula iwebusayithi entsha, i-watchtower.org. Lesi sihloko sathi: “INhlangano ifake ukwaziswa okunembile ngezinkolelo nemisebenzi yoFakazi BakaJehova kuyi-Internet. . . . Injongo yale-Web yethu iwukunikeza umphakathi ukwaziswa ngomshini, hhayi ukukhulula izincwadi ezintsha.”

Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, umphakathi ubusungakwazi ukudawuniloda amapheshana, izincwajana, INqabayokulinda ne-Phaphama! kuyi-watchtower.org. Umphakathi wakwazi ukusebenzisa le webusayithi ngoJanuwari 15, 1997. Ngo-1999 kwabe sekutholakala i-jw-media.org. Yayinikeza abezindaba ulwazi olunembile lwezenzakalo ezazenzeka ngaleso sikhathi ezazimayelana noFakazi BakaJehova, kuhlanganise nezindaba zezomthetho kanye nezinye izinto ezazenzeka enhlanganweni.

Ngo-2005, kwaba ne-jw.org, ngokuhamba kwesikhathi, yaqala ukusetshenziselwa ukudawuniloda izincwadi ezithile nezinto ezilalelwayo.

Ngo-Agasti 2012, womathathu lama webusayithi ahlanganiswa enziwa i-jw.org eyayisihlelwe kabusha. Mayelana nale webusayithi entsha, INkonzo Yethu YoMbuso kaDisemba 2012 yathi: “Cishe ingxenye eyodwa kwezintathu yenani labantu abasemhlabeni iyayisebenzisa i-internet. Isiye yaba umthombo oyinhloko wolwazi kwabaningi, ikakhulu entsheni. . . . Yenza ukuba izindaba ezinhle zikwazi ukufinyelela ezingxenyeni zomhlaba lapho abantu bengenawo khona amathuba anele okuzwa isigijimi soMbuso.”

Kwabe sekutholakala nokunye kuyi-JW.ORG, okuhlanganisa izinto ezibhaliwe, ezilalelwayo kanye namavidiyo. Izincwadi zazingadawunilodwa ngezilimi ezingu-411. Sekudlule iminyaka eyisikhombisa le webusayithi ithuthukisiwe ngo-2012, kwakungokokuqala ngqa ukuba kutholakale ulwazi kuyi-internet ngezilimi eziyinkulungwane, kuhlanganise nezilimi zezandla eziyikhulu.

Ngemva kokuba kuqale ubhubhane lwe-COVID-19, i-JW.ORG yaba yithuluzi elikhetheke kakhulu. Banda abantu ababesebenzisa le webusayithi njengoba kwakungasayiwa ngokoqobo emaHholo OMbuso futhi kunzima nokuthola izinto ezinyathelisiwe. Ngo-Ephreli 7, 2020, kwaqopheka umlando ngoba kuwebusayithi yethu kwangena abantu abangaphezu kwezigidi eziyisikhombisa, lolu kwakuwusuku lweSikhumbuzo sokufa kukaJesu. Ngo-2019, kwangena abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-800 kuwebusayithi yethu kodwa ngo-2020 kwangena abangaphezu kwesigidigidi. Kusukela ngoJanuwari 2022, bayizigidi ezintathu abantu abangena kuwebusayithi yethu usuku ngalunye.

Ulwazi olunembile oluku-jw.org lusize abantu babaqonda kahle oFakazi BakaJehova. Ngokwesibonelo uTenesha Gordon uthi: “Ngayithanda indlela okwakulula ngayo ukuthola ulwazi ngoFakazi, njengokuthi bangobani, yini abayikholelwayo nokuthi zisekelwe kuphi izinkolelo zabo. Lokhu kwangisiza ngayeka imibono eyiphutha enganginayo ngabo.”

UTenesha wabhapathizwa ngo-2017. Manje usiza isikhathi esigcwele eBethel yaseJamaica.

Ulwazi olunembile oluku-jw.org lwenza uTenesha watadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova

UMfoweth’ uClive Martin, owengamele umnyango onakekela iwebusayithi, wathi: “Ave kujabulisa ukubona indlela uJehova asebenzise ngayo i-jw.org ukuze afinyelele abantu abaningi abavela kuzo zonke izizwe emhlabeni wonke ukuze bezwe izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.”

Siyambonga uJehova ngaleli thuluzi eliqhubeka lisisiza emsebenzini wokushumayela, lisazisa ngawo wonke umsebenzi oqhubeka enhlanganweni kaJehova, lenza abafowethu nodadewethu emhlabeni wonke babe nobunye, kube udumo kuJehova.—IHubo 145:1, 2.