Dlulela kokuphakathi

AUGUST 10, 2015
EZIMBABWE

OFakazi EZimbabwe Baqhuba Imihlangano Yesifunda Ka-2015 Enesihloko Esithi “Lingisa UJesu!” Ngemva Konyaka Kube Nomhlangano Wezizwe Oyingqophamlando

OFakazi EZimbabwe Baqhuba Imihlangano Yesifunda Ka-2015 Enesihloko Esithi “Lingisa UJesu!” Ngemva Konyaka Kube Nomhlangano Wezizwe Oyingqophamlando

EHARARE, eZimbabwe—NgoLwesihlanu ngo-July 31, oFakazi BakaJehova eZimbabwe baqale iMihlangano YesiFunda ka-2015 enesihloko esithi “Lingisa UJesu!” Le mihlangano ethatha izinsuku ezintathu izoba khona phakathi namasonto angu-12 alandelanayo kuze kuyoba phakathi no-October.

UGeoffrey Jackson, ilungu leNdikimba Ebusayo, libeka inkulumo yeBhayibheli emhlanganweni wezizwe ka-2014 eZimbabwe. Uphahlwe oFakazi ababili bendawo abatolikayo.

UJohn Hunguka, ongumkhulumeli woFakazi BakaJehova eZimbabwe, uthi: “Umhlangano walo nyaka ulindelwe ngabomvu ikakhulu ngenxa yempumelelo yomhlangano wethu wezizwe ka-2014 owaqopha umlando koFakazi BakaJehova kuleli zwe.” I-NewsDay, elinye lamaphephandaba amakhulu eZimbabwe, yabika ukuthi lowo mhlangano wezizwe “wawungumbuthano wenkolo omkhulu kunayo yonke” eyake yaba khona kuleli zwe futhi yenza oFakazi BakaJehova baba “undab’ uzekwayo kuleli zwe” ngo-2014.

Ngosuku lokugcina lwalo mhlangano ka-2014, iNational Sports Stadium eHarare yagcwala abantu abangaphezu kuka-82 000. Ngemva kwawo, lapho kuxoxwa noJohn Jubber, ongummeleli wehhovisi legatsha loFakazi eZimbabwe, wathi: “Sibe nezihambeli ezingu-3 500 ezivela eBrazil, eJalimane, e-United States, eZambia naseKenya.”

Kuxoxwa noMnu. uWalter Mzembi, uNgqongqoshe Wezokuvakasha Nokwamukela Izivakashi eZimbabwe, endlunkulu yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York.

Lo mhlangano waba negalelo elikhulu kule ndawo kangangokuthi uNgqongqoshe Wezokuvakasha Nezokwamukela Izivakashi, uWalter Mzembi, wayivakashela ngokukhethekile indlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eNew York ukuze ababonge ngokuthi bakhetha ukuba lo mhlangano ube seZimbabwe. Engxoxweni ekhethekile aba nayo noFakazi, uMnu. uMzembi wathi : “Abantu abavamile baseZimbabwe bathe ngibabuzele ukuthi ‘Yini evimba ukuba kube nomhlangano woFakazi BakaJehova womhlaba wonke eHarare masonto onke?’ . . . Umongameli wethu uthe ngimbongele futhi angathanda ukuphinde anibone nizokwenza umsebenzi wenu wokugqugquzela ukholo ezweni lakhe.”

Kulo nyaka oFakazi BakaJehova eZimbabwe bazoba nemihlangano yesifunda enesihloko esithi “Lingisa UJesu!” engu-39 ezindaweni eziningana kuhlanganise naseZimbabwe International Trade Fair Grounds. Lo mhlangano uzoqhutshwa uphelele noma izingxenye zawo ngoLimi Lwezandla LwaseZimbabwe, isiNdebele (saseZimbabwe), isiNgisi, isiShayina (sesiMandarin), isiShona, isiSwahili nesiTonga (saseZimbabwe). Izinsuku nezindawo eziqondile zemihlangano yaseZimbabwe kuyatholakala engosini yoFakazi engokomthetho ethi jw.org.

Abezindaba:

Emhlabeni jikelele: uJ. R. Brown, Ihhovisi Lokwaziswa, ucingo +1 718 560 5000

AbaseZimbabwe: uJohn Hunguka, ucingo +263 4 2910591