Amanqampunqampu NgeRwanda
OFakazi BakaJehova bebelokhu bekhona eRwanda kusukela ngo-1970. Babhaliswa ngokusemthethweni ngo-1992, futhi uhulumeni wakuqinisekisa lokho ngo-2002. OFakazi BakaJehova baziwa ngokuthi abaluthathi uhlangothi ezindabeni zepolitiki, futhi banenkululeko yokwenza imisebenzi yabo engokwenkolo. Abazange babe nengxenye empini yezinhlanga eyayingo-1994, futhi babeka ukuphila kwabo engozini ukuze basize abanye. Nokho, abanye bayababandlulula oFakazi ngenxa yokungathathi hlangothi ezindabeni zepolitiki.
Ezinye izikole ziye zazixosha izingane ezingoFakazi ngenxa yokunqaba ukuhlanganyela emikhosini yezwe neyenkolo eyenziwa esikoleni. * Kanti uhulumeni uye wenza izinhlelo zokuba othisha baqeqeshelwe impi nokucula iculo lesizwe. Ngenxa yalokho, kunamakhulu othisha abangoFakazi abalahlekelwe yimisebenzi yabo. Ngo-2010, uhulumeni waseRwanda wayala ukuba zonke izisebenzi zikahulumeni zihlanganyele emkhosini owawuhlanganisa nokuhlonishwa kweflege lesizwe. Ngenxa yalokho, oFakazi abaningi ababesebenza eminyangweni kahulumeni balahlekelwa yimisebenzi yabo.
Naphezu kwalobu bunzima, oFakazi BakaJehova eRwanda bayajabula ngenkululeko abanayo yokwenza imisebenzi yabo engokwenkolo. Banethemba lokuthi ngokuhamba kwesikhathi, iziphathimandla zaseRwanda zizobona ukuthi ukwenqaba kwabo ukuthatha uhlangothi kwezepolitiki akumphazamisi uhulumeni.
^ isig. 3 OFakazi BakaJehova babheka ukuhlanganyela kule mikhosi njengesenzo esingokwenkolo esingqubuzana nomthetho kaNkulunkulu wokukhonza yena yedwa. Nakuba bona bengabi yingxenye yale mikhosi, bayalihlonipha ilungelo lalabo abakhetha ukuhlanganyela kuyo.