Dlulela kokuphakathi

Isithombe esibonisa iSakhiwo Esiyisikhumbuzo SaseRavensbrück eFürstenberg, EJalimane.

JANUWARI 10, 2019
EGERMANY

Isakhiwo Esiyisikhumbuzo EJalimane Sihlela Umbukiso Obonisa Indlela OFakazi BakaJehova Ababehlukunyezwa Ngayo Kuleli Zwe

Isakhiwo Esiyisikhumbuzo EJalimane Sihlela Umbukiso Obonisa Indlela OFakazi BakaJehova Ababehlukunyezwa Ngayo Kuleli Zwe

Isakhiwo Esiyisikhumbuzo SaseRavensbrück senze izinhlelo zombukiso ozokhangiswa emadolobheni ahlukahlukene, onesihloko esithi “Ukuhlukunyezwa Nokuvinjelwa KoFakazi BakaJehova Ekamu Lokuhlushwa LaseRavensbrück Nasemajele Asezindaweni Ezisempumalanga YeJalimane.” Lo mbukiso uqokomisa ubunzima oFakazi BakaJehova ababhekana nabo ngaphansi kokubusa kwamaNazi eJalimane, kusukela ngo-1933 kuya ku-1945, ngaphansi kokubusa kweMpumalanga Jalimane (I-German Democratic Republic noma i-GDR) ngo-1949 kuya ku-1990, nangaphansi kokubusa kweWeimar Republic kusukela ngo-1918 kuya ku-1933. (Bheka ibhokisi elithi “ Ukuhlukunyezwa Nezinkinga Ezingokomthetho Ngaphansi Kokubusa KoHulumeni BaseJalimane Abathathu.”) Lo mbukiso waqala ngeSonto ngo-Ephreli 22, 2018, eSakhiweni Esiyisikhumbuzo SaseRavensbrück, esasiyikamu lokuhlushwa laseFürstenberg, eJalimane. Ngo-2019, lo mbukiso uzoboniswa nakwamanye amadolobha aseJalimane njengase-Erfurt, eRostock nasePotsdam. Kanti edolobheni lasePotsdam, lo mbukiso uyokwenzelwa esakhiweni sephalamende.

U-Adolf Graf owabhekana nokuhlukunyezwa kwaze kwaba kabili ngaphansi kohulumeni abacindezelayo abahlukile.

Lo mbukiso uveza noFakazi abangu-12 abahlukumezeka kwaze kwaba kabili: ngesikhathi sokubusa kwamaNazi, nangaphansi kokubusa kwamaKhomanisi (ngaphansi kombuso we-GDR). Kukhona nezindawo okungalalelwa kuzo izindaba ezirekhodiwe zoFakazi ababegwetshelwe ukufa, kanye nezincwadi zokuvalelisa ezabhalwa yilabo abase begwetshiwe. Kule ndawo kukhona namaphephandaba agciniwe, ayebhalwe ngezikhathi zokubusa kwamaNazi. Lo mbukiso ubonisa ukuthi nakuba kwakunezinkulungwane ezaziboshwe emakamu okuhlushwa ngenxa yohlanga, ubuzwe, iqembu lezombusazwe namacala ahukahlukene, abafowethu bona babeboshelwe isizathu esihlukile: ukholo lwabo.

Enkulumweni yokuvula lo mcimbi, isazimlando uDkt. Detlef Garbe wathi: “Kusukela ekuqaleni ukholo oluqinile loFakazi BakaJehova, ukwethembela kwabo kuNkulunkulu, ukubambisana kwabo nobuqotho babo kwabenza baba yizisulu zenzondo. . . . Ukukholelwa ngokuphelele esithembisweni sikaNkulunkulu sensindiso kuhlanganise nobunye obukhona phakathi kwabo, kwabanikeza amandla okuhlala beqotho ngisho nalapho beboshwe emakamu okuhlushwa.”

Ngisho nanamuhla, oFakazi BakaJehova basaqhubeka bebonisa ukwethembeka kuNkulunkulu naphezu kokuphikiswa nokuvinjelwa kwenkolo yabo uhulumeni, njengoba kwenzeka nje eRussia. Banethemba lokuthi uJehova uzoqhubeka ebalonda.—Isaya 54:17.