Ungubani Umphik’ ukristu?
Impendulo yeBhayibheli
Umphik’ ukristu akuyena nje umuntu oyedwa ngoba iBhayibheli lithi “sekunabaphik’ ukristu abaningi.” (1 Johane 2:18) Kunalokho igama elithi “umphik’ ukristu” elivela egameni lesiGreki elisho ukuthi “ngokumelene noKristu,” libhekisela kunoma ubani owenza lokhu okulandelayo:
Owenqaba ukuthi uJesu unguKristu (uMesiya) noma owenqaba ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu—1 Johane 2:22.
Omelana noKristu, oGcotshiweyo kaNkulunkulu.—IHubo 2:1, 2; Luka 11:23.
Ozenza uKristu.—Mathewu 24:24.
Oshushisa abalandeli bakaKristu, njengoba uKristu ebheka lokho okwenziwa kubalandeli bakhe njengokungathi kwenziwa kuye.—IzEnzo 9:5.
Othi ungumKristu ebe eqa umthetho noma ekhohlisa abanye.—Mathewu 7:22, 23; 2 Korinthe 11:13.
IBhayibheli aligcini nje ngokubiza umuntu ngamunye owenza lezi zinto ngokuthi umphik’ ukristu, kodwa liphinde libhekisele kulabo bantu njengeqembu ngokuthi ‘umphik’ ukristu.’ (2 Johane 7) Umphik’ ukristu wavela okokuqala ngesikhathi sabaphostoli futhi uye waqhubeka ekhona kusukela ngaleso sikhathi. Yilokho kanye okwabikezelwa isiprofetho seBhayibheli.—1 Johane 4:3.
Indlela Yokubona Umphik’ ukristu
Bafundisa abantu izinto ezingamanga ngoJesu. (Mathewu 24:9, 11) Ngokwesibonelo, labo abafundisa imfundiso kaZiqu-zintathu noma ukuthi uJesu unguNkulunkulu uMninimandla onke empeleni baphikisa lokho okwafundiswa uJesu, owathi: “uBaba mkhulu kunami.”—Johane 14:28.
Abaphik’ ukristu bayakwenqaba lokho uJesu akusho mayelana nendlela uMbuso kaNkulunkulu osebenza ngayo. Ngokwesibonelo, abanye abaholi benkolo bathi uKristu uqondisa izinto esebenzisa ohulumeni babantu. Kodwa lemfundiso iphikisana nalakho uJesu akusho, wathi: “Umbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe.”—Johane 18:36.
Bathi uJesu uyiNkosi yabo, kodwa abayilaleli imiyalo yakhe, kuhlanganise nalowo othi kufanele sishumayele izindaba ezinhle zoMbuso.—Mathewu 28:19, 20; Luka 6:46; IzEnzo 10:42.