Luyini Ubhapathizo?
Impendulo yeBhayibheli
Ubhapathizo lusho ukucwiliswa ngokuphelele komuntu emanzini. a Kunezinhlobo eziningi zobhapathizo ezibhalwe eBhayibhelini. (IzEnzo 2:41) Phakathi kwazo, kunobhapathizo lukaJesu owacwiliswa eMfuleni iJordani. (Mathewu 3:13, 16) Eminyakeni eminingi kamuva, indoda engumTopiya yabhapathizwa “emanzini” ayeseduze komgwaqo eyayihamba kuwo.—IzEnzo 8:36-40.
UJesu wafundisa ukuthi abafundi bakhe kumelwe babhapathizwe. (Mathewu 28:19, 20) Umphostoli uPetru wayigcizelela leyo mfundiso.—1 Petru 3:21.
Kulesi sihloko
Kusho ukuthini ukubhapathizwa egameni likaYise, neleNdodana nelomoya ongcwele?
Ezinye izinhlobo zobhapathizo okukhulunywa ngazo eBhayibhelini
Kusho ukuthini ukubhapathizwa?
Ubhapathizo luyinto umuntu ayenzayo ukuze abonise abanye ukuthi usephendukile ezonweni zakhe futhi wathembisa uNkulunkulu ukuthi uzokwenza intando yakhe noma ngabe kuthiwani. Lokho kuhlanganisa ukulalela uNkulunkulu noJesu kuzo zonke izici zokuphila kwethu. Abantu ababhapathizwayo bazibeka emathubeni okuthola ukuphila okuphakade.
Ukucwiliswa emanzini kuwuphawu oluhle umuntu alubonisayo lokuthi usekushintshile ukuphila kwakhe. Kanjani? IBhayibheli liqhathanisa ukubhapathizwa nokungcwatshwa. (Roma 6:4; Kolose 2:12) Ngokungena ngaphansi kwamanzi, umuntu ubonisa ukuthi ufile ngokwezindlela zakhe zakudala zokuphila. Lapho ephuma emanzini, ubonisa ukuthi useqala ukuphila okusha njengomKristu osezinikezele.
Lithini iBhayibheli ngokubhapathizwa kwezinsana?
Ukubhapathizwa kosana akuvumelani nalokho okushiwo yiBhayibheli. b IBhayibheli lifundisa ukuthi umuntu ofuna ukubhapathizwa kumele ahlangabezane nezimfuneko ezithile. Ngokwesibonelo, kufanele aqonde okungenani izimfundiso eziyisisekelo eziseZwini likaNkulunkulu futhi aphile ngokuvumelana nazo. Usephendukile ezonweni zakhe. Ngomthandazo, usenikezele ukuphila kwakhe kuNkulunkulu. (IzEnzo 2:38, 41; 8:12) Izinsana azikwazi ukwenza lezi zinto.
Kusho ukuthini ukubhapathizwa egameni likaYise, neleNdodana nelomoya ongcwele?
UJesu wayala abalandeli bakhe ukuba ‘benze abafundi, bebabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, bebafundise ukugcina konke abayale ngakho.’ (Mathewu 28:19, 20) “Egameni lika” kusho ukuthi lowo obhapathizwayo uyaliqaphela igunya nesikhundla sikaYise, neseNdodana kanye nendima yomoya kaNkulunkulu ongcwele. Ukuze sifanekise: Umphostoli uPetru wathi endodeni eyazalwa ilunyonga: “Egameni likaJesu Kristu umNazaretha, hamba!” (IzEnzo 3:6) Incazelo icacile—uPetru waliqaphela futhi walivuma igunya likaKristu, lokho kwamenza waphulukisa le ndoda ngokuyisimangaliso.
Igama elithi “uYise” libhekisela kuJehova c uNkulunkulu. NjengoMdali, uMniki-kuphila, noNkulunkulu uMninimandla Onke, uJehova unalo lonke igunya.—Genesise 17:1; IsAmbulo 4:11.
Igama elithi “iNdodana” libhekisela kuJesu Kristu, owanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yethu. (Roma 6:23) Asikwazi ukuthola insindiso ngaphandle kokuqonda nokwamukela indima kaJesu ebalulekile ngokuphathelene nenjongo kaNkulunkulu ngabantu.—Johane 14:6; 20:31; IzEnzo 4:8-12.
Igama elithi “umoya ongcwele” libhekisela emandleni kaNkulunkulu asebenzayo noma amandleni akhe awasebenzisayo. d UNkulunkulu wasebenzisa umoya wakhe ongcwele ukuze adale, anikeze ukuphila, adlulisele imiyalezo kubaprofethi bakhe nakwabanye kanye nokubanika amandla ababewadinga ukuze benze intando yakhe. (Genesise 1:2; Jobe 33:4; Roma 15:18, 19) UNkulunkulu waphinde wasebenzisa umoya wakhe ongcwele ukuze aphefumulele ababhali beBhayibheli ukuba babhale imicabango yakhe.—2 Petru 1:21.
Ingabe kuyisono ukuphinde ubhapathizwe?
Kujwayelekile ngabantu ukuba bashintshe inkolo yabo. Kodwa kuthiwani uma babebhapathiziwe esontweni labo elidala? Ingabe bayobe benza isono uma bephinde bebhapathizwa? Abanye bengase bathi yebo, mhlawumbe besekela umbono wabo kweyabase-Efesu 4:5, ethi: “INkosi eyodwa, ukholo olulodwa, ubhapathizo olulodwa.” Nokho, leli vesi alisho ukuthi umuntu ngeke aphinde abhapathizwe. Kanjani?
Umongo. Umongo weyabase-Efesu 4:5 ubonisa ukuthi umphostoli uPawulu wayegcizelela isidingo samaKristu eqiniso ukuba abe nobunye kulokho akukholelwayo. (Efesu 4:1-3, 16) Ubunye obunjalo babungaba khona uma kuphela elandela iNkosi efanayo, uJesu Kristu; enokholo olufanayo, noma ekuqonda lokho okufundiswa iBhayibheli; kanye nokulandela izimfuneko zobhapathizo ezifanayo ezingokomBhalo.
Umphostoli uPawulu wakhuthaza labo ababebhapathiziwe kakade ukuba baphinde babhapathizwe. Lokhu kwakungenxa yokuthi babebhapathizwe bengayiqondi ngokugcwele imfundiso yobuKristu.—IzEnzo 19:1-5.
Isisekelo esifanele sokubhapathizwa. Ukuze umuntu amukelwe uNkulunkulu, ukubhapathizwa kwakhe kumele kusekelwe olwazini olunembile lweBhayibheli. (1 Thimothewu 2:3, 4) Uma ukubhapathizwa komuntu kusekelwe ezimfundisweni zenkolo ezingqubuzana neBhayibheli, lolo bhapathizo alamukelwa uNkulunkulu. (Johane 4:23, 24) Kungenzeka ukuthi ubenezisusa ezinhle, kodwa akazange abhapathizwe “ngokolwazi olunembile.” (Roma 10:2) Ukuze amukelwe uNkulunkulu, kufanele afunde amaqiniso eBhayibheli, asebenzise akufundile, anikezele ukuphila kwakhe kuNkulunkulu bese ephinde ebhapathizwa. Ngaphansi kwalezi zimo, ukuphinde abhapathizwe angeke kube isono.
Ezinye izinhlobo zobhapathizo okukhulunywa ngazo eBhayibhelini
IBhayibheli likhuluma ngezinye izinhlobo zobhapathizo ezazinencazelo engafani neyokucwiliswa emanzini kwabalandeli bakaKristu. Cabanga ngezinye izibonelo.
Ubhapathizo olwenziwa uJohane uMbhapathizi. e AmaJuda namaJuda angamaproselithe abhapathizwa nguJohane njengophawu lokuphenduka ezonweni zawo ayezenze eMthethweni kaMose—uMthetho uNkulunkulu ayewunikeze ama-Israyeli ngoMose. Ubhapathizo lukaJohane lwalungiselela abantu ukuze baqaphele futhi bamukele uMesiya, uJesu waseNazaretha.—Luka 1:13-17; 3:2, 3; IzEnzo 19:4.
Ukubhapathizwa kukaJesu. Ukubhapathizwa kukaJesu nguJohane uMbhapathizi kwakuhlukile. UJesu wayengenaso isono. (1 Petru 2:21, 22) Ngakho ukubhapathizwa kwakhe kwakungahlanganisi ukuphenduka noma ‘isicelo esenziwa kuNkulunkulu sokuba nonembeza omuhle.’ (1 Petru 3:21) Kunalokho, kwakubonisa ukuthi uyazinikela kuNkulunkulu ukuze enze intando yaKhe njengoMesiya othenjisiwe noma uKristu. Lokhu kwakuhlanganisa ukunikela ngokuphila kwakhe ngenxa yethu.—Hebheru 10:7-10.
Ukubhapathizwa ngomoya ongcwele. Bobabili uJohane uMbhapathizi noJesu Kristu bakhuluma ngokubhapathizwa ngawo umoya ongcwele. (Mathewu 3:11; Luka 3:16; IzEnzo 1:1-5) Lolo bhapathizo alufani nokubhapathizwa egameni lomoya ongcwele. (Mathewu 28:19) Kungani lokho kunjalo?
Inani elincane kakhulu labalandeli bakaJesu elibhapathizwa ngawo umoya ongcwele. Laba bangabagcotshwe ngomoya ongcwele ngoba babizelwe ukuyokhonza noKristu ezulwini njengamakhosi nabapristi phezu komhlaba. f (1 Petru 1:3, 4; IsAmbulo 5:9, 10) Bazobusa izigidi zabalandeli bakaJesu abanethemba lokuphila phakade emhlabeni oyiPharadesi.—Mathewu 5:5; Luka 23:43.
Ukubhapathizelwa kuKristu Jesu nasekufeni kwakhe.
Noma ngubani obhapathizwa ngomoya ongcwele ‘ubhapathizelwa kuKristu Jesu.’ (Roma 6:3) Lolu bhapathizo lusebenza kuphela kubalandeli bakaJesu abagcotshiwe abazobusa naye ezulwini. Ngokubhapathizelwa kuJesu, aba amalungu ebandla lakhe eligcotshiwe. UyiNhloko bona bawu mzimba—1 Korinte 12:12, 13, 27; Kolose 1:18.
AmaKristu agcotshiwe nawo ‘abhapathizelwa ekufeni [kukaJesu].’ (Roma 6:3, 4) Elingisa uJesu, aphila ukuphila kokuzidela elalela uNkulunkulu futhi njengoJesu, ayazi ukuthi ngeke aphile phakade emhlabeni. Aphelelisa lokhu kubhapathizwa okungokomfanekiso lapho efa bese evuselwa ekuphileni kwasezulwini njengezidalwa zomoya.—Roma 6:5; 1 Korinte 15:42-44.
Ukubhapathizwa ngomlilo. UJohane uMbhapathizi wathi kulabo ababemlalele: “[UJesu] uzonibhapathiza ngomoya ongcwele nangomlilo. Uphethe ifosholo lokuhlunga, uyosihlanza sonke isibuya sakhe, abuthele ukolweni wakhe enqolobaneni kodwa amakhoba uyowashisa ngomlilo ongacimeki.” (Mathewu 3:11, 12) Phawula ukuthi kunomehluko phakathi kokubhapathizwa ngomlilo nokubhapathizwa ngomoya ongcwele. Wayesho ukuthini uJohane ngalo mfanekiso?
Ukolweni umelela labo abayolalela uJesu. Banethuba lokubhapathizwa ngomoya ongcwele. Amakhoba afanekisela labo abangeke bamlalele uJesu. Bayobhapathizwa ngomlilo, okufanekisela ukubhujiswa kwaphakade.—Mathewu 3:7-12; Luka 3:16, 17.
a Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ubhapathizo” lisho “ukucwiliswa, ukungena ngaphansi kwamanzi nokuphuma kuwo,” ngokwe-Vine’s Complete Expository Dictionary of Old and New Testament Words.
b “Ukubhapathizwa kwezinsana” kubhekisela emkhosini owenziwa amanye amasonto lapho usana lungase lunikezwe khona igama bese “lubhapathizwa” ngokufafazwa noma ngokuthelwa ngamanzi ekhanda.
c UJehova yigama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Bheka isihloko esithi “Ungubani UJehova?”
d Bheka isihloko esithi “Uyini Umoya Ongcwele?”
e Bheka isihloko esithi “Wayengubani uJohane uMbhapathizi?”
f Bheka isihloko esithi “Obani Abaya Ezulwini?”
g IBhayibheli liphinde lisebenzise igama elithi “ukubhapathizwa” ukuchaza eminye imikhosi yokuhlanza njengokucwiliswa kwezitsha. (Marku 7:4; Hebheru 9:10) Yiqiniso, konke lokhu kucwiliswa kuhlukile kunokucwiliswa kukaJesu nabalandeli bakhe.