Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Filipi 4:8—“Noma Yiziphi Izinto Eziyiqiniso, . . . Qhubekani Nicabanga Ngalezi Zinto”

Filipi 4:8—“Noma Yiziphi Izinto Eziyiqiniso, . . . Qhubekani Nicabanga Ngalezi Zinto”

 “Okokugcina bazalwane, noma yiziphi izinto eziyiqiniso, noma yiziphi izinto ezibaluleke ngempela, noma yiziphi izinto ezilungile, noma yiziphi izinto ezimsulwa, noma yiziphi izinto ezithandekayo, noma yiziphi izinto okukhulunywa kahle ngazo, noma yibuphi ubuhle nanoma yiziphi izinto ezikufanelekelayo ukudunyiswa, qhubekani nicabanga ngalezi zinto.”—Filipi 4:8, IBhayibheli ImiBhalo Engcwele.

 “Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho.”—Filipi 4:8, IBhayibheli Elingcwele.

Incazelo yabaseFilipi 4:8

 UNkulunkulu unendaba nalokho abantu abakucabangayo, ikakhulu kazi njengoba imicabango iholela ezenzweni. (IHubo 19:14; Marku 7:20-23) Ngakho, abantu abafisa ukujabulisa uNkulunkulu bayayenqaba imicabango emibi emehlweni akhe kunalokho bacabanga izinto uNkulunkulu azithandayo.

 Leli vesi likhuluma ngezinto ezingu-8 ezinhle lezo umKristu okufanele ‘aqhubeke ecabanga ngazo,’ okungukuthi, izinto ajwayele ukucabanga ngazo.

  •   “Eziyiqiniso.” Leli gama lichaza izinto ezinhle nezinokwethenjelwa, njengezinto ezitholakala eZwini likaNkulunkulu iBhayibheli.—1 Thimothewu 6:20.

  •   “Ezibaluleke ngempela.” Le nkulumo ibhekisela ezintweni ezibaluleke ngempela. Akuzona izinto ezingathi shu noma izinto eziyinganekwane. Kunalokho, ziqinisa indlela esizimisela ngayo njengamaKristu ukwenza izinto ezifanele.—Thithu 2:6-8.

  •   “Ezilungile.” Leli gama libhekisela ezinhlelweni nasezintweni ozenzayo ezivumelana nemithetho kaNkulunkulu yokulungile hhayi ezivumelana nemithetho yabantu.—IzAga 3:5, 6; 14:12.

  •   “Ezimsulwa.” Leli gama lingasho imicabango nezisusa okuhlanzekile, alikhulumi ngezindaba zocansi kuphela, kodwa kuzo zonke izinto.—2 Korinte 11:3.

  •   “Ezithandekayo.” Leli gama libhekisela ezintweni ezinhle, ezisenza sibe nothando kunokuba sibe nenzondo, sibe nomoya omunyu noma sibe nezingxabano.—1 Petru 4:8.

  •   “Okukhulunywa kahle ngazo.” Le nkulumo ibhekisela ezintweni ezenza abantu bacabange izinto ezinhle ngothile nezinto ezamukelwa abantu abahlonipha uNkulunkulu.—IzAga 22:1.

  •   “Ubuhle.” Leli gama libhekisela ezintweni ezinhle ngokokuziphatha ngokwemithetho kaNkulunkulu. Lezo zinto zinhle.—2 Petru 1:5, 9.

  •   “Ezikufanelekelayo ukudunyiswa.” Leli gama libhekisela entweni encomekayo, ikakhulukazi emehlweni kaNkulunkulu. Kuphinde kuhlanganise nezenzo zokudumisa uNkulunkulu, okufanele abantu bacabange ngazo.—IHubo 78:4.

Umongo weyabaseFilipi 4:8

 Umpostoli uPawulu wayeboshelwe endlini eRoma lapho ebhala incwadi eyibhalela amaKristu aseFilipi. Noma kunjalo, izazi zeBhayibheli zichaza incwadi yakhe “njengencwadi yenjabulo” ngenxa yomuzwa wayo onenjabulo nezinkulumo eziningi ezinemfudumalo nothando.—Filipi 1:3, 4, 7, 8, 18; 3:1; 4:1, 4, 10.

 UPawulu wayebathanda abafowabo nodadewabo baseFilipi, futhi wayefuna nabo bathole injabulo nokuthula ayenakho. (Filipi 2:17, 18) Ngakho engxenyeni yokugcina yencwadi yakhe, wabakhuthaza ukuba bajabule, bacabangele, bancike ngokuphelele kuNkulunkulu ngomthandazo futhi bagxilise izingqondo zabo ezintweni ezikhuthaza ukuthula kwangaphakathi kanye nokuthula noNkulunkulu.—Filipi 4:4-9.

 Bukela le vidiyo emfushane ukuze ubone amazwibela encwadi yabaseFilipi.