Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ezentsha

Qapha Imimoya Emibi!

Qapha Imimoya Emibi!

Iziyalezo: Yenza lesi sivivinyo endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone ngeso lengqondo uhilelekile kuleso senzakalo. Sibone ngeso lengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abazizwa ngayo. Yenza le ndaba iphile.

1 HLAZIYA IZIGCAWU.—FUNDA UGENESISE 6:1-6 NEZENZO 19:11-20.

Ucabanga ukuthi amaNefili ayebukeka kanjani. Chaza.

․․․․․

Ucabanga ukuthi la madoda azizwa kanjani ngemva kokuhlangana nomoya omubi, njengoba kuchazwe encwadini yezEnzo 19:13-16?

․․․․․

2 CWANINGISISA.

Usebenzisa amathuluzi okucwaninga onawo, thola okwengeziwe ngamaNefili. Ucabanga ukuthi kungani ayenobudlova obungaka?

․․․․․

Kungashiwo ngayiphi indlela ukuthi imimoya emibi ‘yashiya indawo yayo yokuhlala efanele’? (Funda uJude 6.) Ucabanga ukuthi kungani kwakungeyona imvelo, empeleni kuwukuphendukezela imvelo ukuba le mimoya ifune amakhosikazi angabantu?

․․․․․

Izenzakalo ezimbili ozifundile zikutshelani ngokuhlanyiswa kwemimoya emibi ubulili nobudlova?

․․․․․

3 SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA OKUFUNDILE MAYELANA . . . 

Nesimo sengqondo sokonakala nesobugovu semimoya emibi.

․․․․․

INDLELA WENA OTHINTEKA NGAYO.

Njengoba imimoya emibi ingasakwazi ukuzenza abantu, yiziphi izindlela zobuqili engazisebenzisa ukuze ikuthonye?

․․․․․

Yiziphi izinhlobo zokuzijabulisa namuhla ezibonisa isimo sengqondo nalokho okuthandwa yile mimoya emibi?

․․․․․

Ungabonisa kanjani ukuthi uzimisele ukumelana nethonya lemimoya emibi? (Phinda ufunde izEnzo 19:18, 19.)

․․․․․

4 YINI EKUHLABE UMXHWELE KAKHULU NGALOKHU KULANDISA FUTHI KUNGANI?

․․․․․

Uma ungenalo iBhayibheli, licele koFakazi bakaJehova noma ulifunde kuyi-Internet kuleli kheli: www.jw.org/zu