Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izithunywa Zevangeli Zifaniswa Nesikhonyane

Izithunywa Zevangeli Zifaniswa Nesikhonyane

Ikilasi Le-124 Lithweswa Iziqu ZaseGileyadi

Izithunywa Zevangeli Zifaniswa Nesikhonyane

NJALO ngemva kwezinyanga eziyisithupha, i-Watchtower Bible School of Gilead iba nesimiso sokuthweswa kweziqu esithanyelwa yiwo wonke amalungu omkhaya waseBethel yase-United States. Ngo-March 8, 2008, izivakashi ezivela emazweni angaphezu kwangu-30 zaba kanye nomkhaya waseBethel njengoba ikilasi le-124 leSikole SaseGileyadi lalithweswa iziqu. Izethameli ezingu-6 411 zajabula kanye nabafundi ngalolu suku lwabo olukhethekile.

Usihlalo wesimiso, uStephen Lett weNdikimba Ebusayo, wavula inkundla ngenkulumo enesihloko esithi “Hambani Nesikhonyane SikaJehova Esingokomfanekiso.” IsAmbulo 9:1-4 sifanisa iqembu elincane lamaKristu agcotshiwe elavuselelwa ngokomoya ngo-1919 nequlo lesikhonyane esaqala umsebenzi ngentshiseko. Abafundi bakhunjuzwa ukuthi njengamalungu “ezinye izimvu,” baye bazihlanganisa naleli qulo lesikhonyane esingokomfanekiso.—Joh. 10:16.

ULon Schilling, oyilungu leKomiti Yegatsha Yase-United States, walandela ngenkulumo ethi “Phelelisanani.” Yayisekelwe esibonelweni esiseBhayibhelini sika-Akhwila noPrisila (noma uPriska), umbhangqwana oshadile ongamaKristu wangekhulu lokuqala. (Roma 16:3, 4) Leli kilasi laseGileyadi lalinemibhangqwana engu-28. Yakhunjuzwa ukuthi ukuze ibe izithunywa zevangeli eziphumelelayo, kudingeka iqinise izibopho zayo zomshado. Njalo lapho iBhayibheli likhuluma ngo-Akhwila, likhuluma nangomkakhe uPrisila. Ngakho, umphostoli uPawulu nebandla babebabheka njengembumba. Ngokufanayo, imibhangqwana eyizithunywa zevangeli namuhla kufanele isebenze ndawonye, ikhulekele ndawonye futhi ibhekane nezinselele ezingavamile zensimu yakwelinye izwe ndawonye, kanjalo iphelelisane.—Gen. 2:18.

Inkulumo eyalandela, eyayinesihloko esithi, “Sabela Ebuhleni BukaJehova,” yanikezwa uGuy Pierce weNdikimba Ebusayo. UMfoweth’ uPierce wachaza ukuthi ukuba umuntu omuhle kusho okungaphezu kokugwema ukwenza izinto ezimbi. Umuntu omuhle wenza izinto ezinhle ukuze azuzise abanye. UJehova uNkulunkulu muhle ngezinga eliphakeme kakhulu. (Zak. 9:16, 17) Ubuhle nothando lukaNkulunkulu kungasishukumisela ukuba senzele abanye izinto ezinhle. Encoma abafundi, uMfoweth’ uPierce waphetha ngelithi: “Nenze kahle kuze kube manje. Siyaqiniseka ukuthi niyoqhubeka nisabela ebuhleni bukaNkulunkulu ngokwenza okuhle kunoma iziphi izabelo uJehova uNkulunkulu ayoninika zona.”

Kwalandela uMichael Burnett owayeyisithunywa sevangeli futhi osanda kuthola isabelo sokuba umfundisi waseGileyadi. Wanikeza inkulumo enesihloko esithi “Yibophe Njengebhande Lasebunzini Phakathi Kwamehlo Akho.” Ama-Israyeli kwakufanele akhumbule ukukhululwa kwawo uJehova ngokuyisimangaliso eGibhithe, kube njengokungathi ayebophe ‘ibhande lasebunzini’ phakathi kwamehlo awo. (Eks. 13:16) Abafundi bakhuthazwa ukuba bakhumbule intilibathwa yokwaziswa abakuthole eSikoleni SaseGileyadi, kube njengokungathi bakubophe njengebhande lasebunzini phakathi kwamehlo abo. UMfoweth’ uBurnett wagcizelela isidingo sokuthobeka, isizotha nokusebenzisa izimiso zeBhayibheli lapho kulungiswa noma ikuphi ukungaboni ngaso linye okungase kuvele phakathi kwabo njengezithunywa zevangeli nabanye.—Math. 5:23, 24.

UMark Noumair, osekuyisikhathi eside efundisa eGileyadi, wanikeza inkulumo ethi “Kuzoculwa Yiphi Ingoma Ngawe?” Ezikhathini zasendulo, kwakuyinkambiso ukuthokozela ukunqoba empini ngokuhuba izingoma. Enye yalezi zingoma yembula ukuzigodla kwesizwe sakwaRubeni, sakwaDani nesakwa-Asheri, idumise esakwaZebhuloni ngomoya waso wokuzidela. (AbaHl. 5:16-18) Njengezosha zengoma, izenzo zawo wonke amaKristu zigcina zaziwa. Ukushisekela komuntu umsebenzi kaJehova nokuba qotho njalo eziqondisweni zenhlangano yakhe kuyomakhela igama elihle naye futhi kube isibonelo esihle kubafowabo. Lapho abanye ebandleni bezwa ingoma engokomfanekiso yezenzo zethu, bashukumiseleka ukuba balingise leso sibonelo esihle.

Njengengxenye yokuqeqeshwa kwalo eGileyadi, lonke ikilasi le-124 lachitha amahora angaba ngu-3 000 emsebenzini wokushumayela. Enkulumweni ethi “Ukulandela Ukuhola Komoya Ongcwele,” uSam Roberson woMnyango Wezikole Ezingokwasezulwini waxoxa nabafundi ngokuhlangenwe nakho kwabo okuningana kwasenkonzweni yasensimini, okunye bakulingisa ngokoqobo. Lokhu okuhlangenwe nakho okukhuthazayo kwalandelwa inkulumo kaPatrick LaFranca oyilungu leKomiti Yegatsha Lase-United States, futhi waxoxa nabathweswa iziqu eGileyadi manje abakhonza emazweni ahlukahlukene. Abafundi bazazisa izeluleko ezizuzisayo abazithola kulaba bafowethu.

U-Anthony Morris weNdikimba Ebusayo wanikeza inkulumo yokugcina ethi, “Khumbula, Izinto Ezibonwayo Zingezesikhashana.” ImiBhalo isinxusa ukuba sigxile ezibusisweni zikaJehova zesikhathi esizayo kunokugxila kunoma iluphi usizi lwesikhashana esingase sibhekane nalo manje. (2 Kor. 4:16-18) Ububha, ukungabikho kobulungisa, ukucindezelwa, ukugula nokufa yizinto sonke esizibonayo namuhla. Izithunywa zevangeli zingase zibhekane nezinye zalezi zinto ezibuhlungu. Kodwa ukukhumbula ukuthi lezi zinto zingezesikhashana, kuyosisiza ukuba sihlale singantengantengi ngokomoya futhi sinethemba.

Ekuphetheni kwesimiso bonke abafundi babesepulatifomu belalele amazwi okugcina oMfoweth’ uLett. Wabakhuthaza ukuba bangadikili futhi wathi: “Akukho okuyosenza siphule ubuqotho bethu uma uJehova engakithi.” Wanxusa lezi zithunywa zevangeli ukuba zifane nesikhonyane, ziqhubeke zisenkonzweni kaJehova futhi zihlale zishiseka, ziqotho futhi zilalela kuze kube phakade.

[Ibhokisi ekhasini 30]

IMINININGWANE YEKILASI

Inani lamazwe amelelwe: 7

Inani lamazwe ababelwe kuwo: 16

Inani labafundi: 56

Isilinganiso seminyaka yobudala: 33.8

Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 18.2

Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 13.8

[Isithombe ekhasini 31]

Ikilasi Le-124 Elithweswa Iziqu E-Watchtower Bible School of Gilead

Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.

(1) Nicholson, T.; Main, H.; Senge, Y.; Snape, L.; Vanegas, C.; Pou, L. (2) Santana, S.; Oh, K.; Lemaitre, C.; Williams, N.; Alexander, L. (3) Woods, B.; Stainton, L.; Huntley, E.; Alvarez, G.; Cruz, J.; Bennett, J. (4) Williamson, A.; González, N.; Zuroski, J.; Degandt, I.; May, J.; Diemmi, C.; Tavener, L. (5) Lemaitre, W.; Harris, A.; Wells, C.; Rodgers, S.; Durrant, M.; Senge, J. (6) Huntley, T.; Vanegas, A.; Pou, A.; Santana, M.; Bennett, V.; Tavener, D.; Oh, M. (7) Zuroski, M.; Rodgers, G.; Diemmi, D.; Nicholson, L.; Alvarez, C.; Snape, J. (8) Harris, M.; González, P.; Main, S.; Woods, S.; Stainton, B.; Williamson, D.; Durrant, J. (9) Cruz, P.; Degandt, B.; Williams, D.; Wells, S.; Alexander, D.; May, M.

[Isithombe ekhasini 32]

ISikole SaseGileyadi sise-Watchtower Educational Center