Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 Ingabe Waklanywa?

Umsila Wentulo Ebizwa Nge-agama

Umsila Wentulo Ebizwa Nge-agama

I-AGAMA igxuma kalula nje isuka endaweni evundlile iyohlala obondeni olumile. Kodwa uma igxuma isuka endaweni eshelelayo, le ntulo iyashelela, yize kunjalo iyakwazi ukuyohlala cababa obondeni. Kanjani? Imfihlo isemsileni wayo.

Cabanga ngalokhu: Uma ama-agama egxuma esuka endaweni emahhadlahhadla—eyenza akwazi ukubambelela—aqale azimelele bese ebhekisa imisila yawo phansi. Lokhu kuwasiza ukuba agxume aqonde ngqo endaweni efanele. Nokho, uma zisuka endaweni eshelelayo, lezi zintulo zivame ukukhubeka bese zigxuma zibheke ohlangothini olungafanele. Nakuba kunjalo, lapho sezisemoyeni ziyaphenduka zibheke endaweni efanele ngokuphequla umsila ubheke phezulu. Le nqubo iyinkimbinkimbi. Umbiko owakhishwa i-University of California, eBerkeley uthi: “Izintulo kumelwe ziwumise ngendlela efanele umsila wazo ukuze zikwazi ukuhlale ziqondile.” Uma indawo esuka kuyo ishelela kakhulu, intulo kumelwe iwuphakamise nakakhulu umsila wayo ukuze iqikelele ukuthi ihlala ngokuphepha lapho igxumela khona.

Umsila we-agama ungasiza onjiniyela ukuba bakhe izimoto ezingamarobhothi ezisheshayo nezingaketuki kalula, ezingasetshenziswa lapho kufunwa abasinde enhlekeleleni yokuzamazama komhlaba noma kwesinye isibhicongo. Umcwaningi uThomas Libby uthi: “Amarobhothi awasondeli nakusondela endleleni izilwane ezikwazi ukuzimelela ngayo, ngakho noma yini engenza ukuba irobhothi lizimelele kakhudlwana ingaba intuthuko.”

Ucabangani? Ingabe umsila we-agama waba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe waklanywa?